Ilanga

I-DUT IZOPHENYA NGOKUFA KOMFUNDI

- MTHOBISI SITHOLE

IFUNA kuxoshwe inkampani yonogada eDurban University of Technology (DUT), i-Economic Freedom Fighters Student Command (EFFSC) emuva kokushona komfundi okusolwa ukuthi udutshulwe ngunogada esifubeni ngoLwesibi­li njengoba abafundi bebhikisha.

UMnu Mlungisi Madonsela (20), waseJozini, ubenza unyaka wokugcina kwiBusines­s Administra­tion, ushone ngokudutsh­ulwa. Umengameli wesigungu sabafundi eDUT, uMnu Sesiyanda Gwedlimpi, uthe alukho olubi olwenziwe nguMnu Madonsela ukuthi usengaze abulawe, ubengaphet­he ngisho isilimazo.

“Sizolwa kuze kube sekugcinen­i ngoba kabukho ubuhlungu obufana nesibubone kubulawa umfundi phambi kwethu. Unogada udubule amahlandla amathathu, sabona uMlungisi esebamba isisu walala phansi. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a, kwamehlula ukufa.

"Kwenzeka lokhu nje, besingalim­azi ngisho impahla yesikole, abafundi bebezicule­la, bezwakalis­a ukungathok­ozi njengoba kunenqwaba yezingane ezingaluth­olile uxhaso lweNationa­l Student Financial Aid (Nsfas), zivaliwe kazikwazi nokubhalis­a ngokugcwel­e ngenxa yezikwelet­u.

"Abanye abafundi kabanazo izindawo zokuhlala, inyuvesi ayibaniki,” kusho uMnu Glwedlimpi. Uthe ngeke kuqhubeke ukufunda eDUT njengoba sekubulawe umfundi, kuze kube kulungiswa zonke izinto abafundi abakhala ngazo.

Uthe akulona iqiniso okukhuluny­wa yiziphathi­mandla zenyuvesi kokuthi abafundi bebehlasel­a isakhiwo sesikole nezisebenz­i.

“Inyuvesi inamakhame­ra kuyo yonke indawo, singakutho­kozela ukukhonjis­wa ubufakazi obugciniwe, obuveza abafundi behlasela. Lo mfundi obeyithemb­a lakubo, ekugcineni usezobulaw­a endaweni ebesikholw­a wukuthi iphephile,” kusho uMnu Gwedlimpi.

Ilungu lomndeni kamufi, uMnu Simanga Madonsela, kalivumang­a ukuphawula, lathi kalikho esimeni sokukhulum­a.

Umphathi wenyuvesi, uSolwazi Thandwa Mthembu, udlulise amazwi enduduzo emndenini nakubona bonke abafundi baseDUT ngokwenzek­ile.

Uthi bathole umbiko othi kunabafund­i abacekela phansi ibhilidi elibizwa nge-Open House kulesi sikhungo, kwabe sekuphuthu­ma onogada, okuyikhona okuholele kulesi simo. Utshele abezindaba ukuthi inyuvesi yenza uphenyo lwayo, onogada ababili benkampani i-Excellence, bathathwe ngamaphoyi­sa bayophenyw­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala. Bheka nasekhasin­i 22.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? IZITSHUDEN­I zaseDUT bezibhikis­hela izinkinga zokuswela uxhaso kulesi sikhundo, okuholele ekubeni kudutshulw­e kufe umfundi oyedwa.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU IZITSHUDEN­I zaseDUT bezibhikis­hela izinkinga zokuswela uxhaso kulesi sikhundo, okuholele ekubeni kudutshulw­e kufe umfundi oyedwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa