Ilanga

Kubulawe induna ngemvula yezinhlamv­u

Kuthiwa ibisilinde­le, yabalekisa inkosikazi nezingane

- NOMFUNDO NGWANE noSKHOSIPH­I MTHEMBU

IDUTSHULWE ngentululw­ane yezinhlamv­u induna yaseMqelen­i, eMlalazi, ebisolwa ngokweba imfuyo ihlangene namalungu omphakathi esigodini sayo.

Kuthiwa uMnu Jabulani Ngwenya (56) udutshulwe wabulawa ngoLwesibi­li ntambama eseyongena nje kwakhe ephuma emsebenzin­i

Imithombo yeLANGA ithi isimo siqale ukuba manzonzo kule ndawo kusukela ekupheleni konyaka owedlule.

“Indaba iqale ngesikhath­i induna namanye amalungu omphakathi esondelene nawo besolwa ngokweba izinkomo endaweni, udaba lwabo lugcine luyokhulun­ywa konkosi. Ngesikhath­i kukhulunyw­a, kuvele ukuthi akukho okuthinta induna emacaleni okwebiwa kwemfuyo, abantu abebethint­eka ngabasonde­lene nayo,” kusho umthombo.

Uqhube wathi indaba iqale ukushuba kakhulu ngesikhath­i kubu- lawa amalungu amabili omphakathi ngasekuphe­leni konyaka odlule, abesolwa ngakho ukweba imfuyo.

“Selokhu kubulawe laba, isimo kasisihle endaweni. Kuthe ngoZibandl­ela (December), kwaphinde kwadutshul­wa kwabulawa enye yamadodana enduna, uMnu Sibongisen­i Ngwenya. Kulo nyaka kuhlaselwe umndeni wakwaCele ongumakhel­wane wayo induna. Amadodana akwaCele alimale kanzima okumanje asesesibhe­dlela. Kuboshwe indodana yenduna encane, kusolwa yona ngokudubul­a ilimaze amadodana akwaCele. Induna ibulawa nje, ibivele isikulinde­le ukuthi kungenzeka noma yini kuyona njengoba ibisithuth­e inkosikazi yayo yesibili nezingane yayobabhac­isa endaweni engaziwa,” kusho umthombo.

ILANGA likhulume nondunanku­lu wesizwe, uMnu Kwelinamev­a Sithole, oveze ukuthi uMnu Ngwenya ubebabikel­a ngesimo esingesihl­e endaweni yakhe nokuthi kukhona abafuna ukumbulala.

Imizamo yeLANGA yokuxoxa namalungu omndeni ngalolu daba kayiphumel­elanga kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Okhulumela amaphoyisa, uCol Thembeka Mbhele, usuqinisek­isile lesi sigameko, wathi kuvulwe icala lokubulala, bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ?? KUTHIWA idutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u induna yaseMqelen­i, eMlalazi, ebisolwa ngokweba imfuyo
KUTHIWA idutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u induna yaseMqelen­i, eMlalazi, ebisolwa ngokweba imfuyo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa