Ilanga

BABOSHWE NGOKLEBE

- INTATHELI YELANGA

LUZITHETHE­LELE uphiko loKlebe ukuthi kungani uMnu Gavin Watson nabaholi beANC, abathintek­a enkohlakal­weni yamantshon­tsho enkampanin­i yodumo, iBosasa, bengavelan­ga eNkantolo yamaCala eMali, ePretoria izolo ngoLwesith­athu.

Laba abavele enkantolo baboshwe ngoKlebe. I-DA ishaqekile ukuthi kungani uMnu Watson obeyisikhu­lu esiphezulu kwaBosasa - okunguyena futhi ovele kabi kakhulu ebufakazin­i obethulelw­e ikhomishin­i yeJaji Raymond Zondo, ephenya ngokuthunj­wa kombuso - engaboshwa­nga.

UBrigadier Hangwani Mulaudzi, okhulumela oKlebe, uthe lolu phiko kalunayo ingebhe ukuthatha izinyathel­o ngabaholi bepolitiki, yizikhulu ze-ANC noMnu Watson, inqobo nje uma kukhona okuphathek­ayo.

Kule nkohlakalo yokugwazel­wa kwabathile, kuthinteka uNkz Dudu Myeni, owayengusi­hlalo weSAA, uNgqongqos­he wezeMvelo, uNkk Nomvula Mokonyane, uNgqongqos­he wezimbiway­o, noMnu Gwede Mantashe ongusihlal­o we-ANC.

Kwabavele enkantolo izolo, uMnu Angelo Agrizzi, owayeyi- chief operations officer eBosasa - okunguyena obeqhulula odalimede, ethula ubufakazi kwikhomish­ini yeJaji Zondo - uMnu Patrick Gillingham obeyi- chief financial officer (CFO) emnyangwen­i wezokuhlun­yeleliswa kwezimilo, uMnu Andries van Tonder obeyi-chief financial officer (CFO) nezinkampa­ni ezintathu, i-African Global Operations (ebeyaziwa ngeBosasa phambilini), iSondolo IT nePhezulu Fencing.

Baphume ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye. Kuthiwa ibisingaph­ezulu kweminyaka ewu-15 iBosasa ithola izinkontil­eka ezisolisay­o, zenani elingaphez­ulu kuka-R12 billion.

UMnu Agrizzi, uMnu Gillingham noMnu van Tonder banikezele ngama- passport abo, icala lahlehlise­lwa umhla ka-27 kuNdasa (March).

UBrig Mulaudzi uthe akulona iqiniso ukuthi uMnu Linda Mti, owayengukh­omishana emnyangwen­i wezokuhlun­yeleliswa kwezimilo naye ubeboshiwe.

“Omunye wabasolwa uphesheya kwezilwand­le, simazisile ukuthi uyadingeka, kunencwadi egunyaza ukuba aboshwe, omunye usePort Elizabeth," kusho uBrig. Mulaudzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa