Ilanga

"Ubulale uyise efuna imali yempesheni"

Umklinye uqhoqhoqho waze washona

- PHUMLANI GAMA

USAVEVA yintukuthe­lo umphakathi waseGqumen­i, KwaMakhasa, eHluhluwe ngesigamek­o sowesilisa “obulale” uyise ngoLwesihl­anu olwedlule efuna ngo'dli' imali yakhe yempesheni futhi ethi uyamzonda ngoba akamfakang­a emalini yakhe yomshwalen­se.

UMnu Mandla Ngwane (33), kuthiwa ugeqe amagula ngokubulal­a kwakhe uyise, uMnu Mqwebu Ngwane (63) ( osesithomb­eni), washo nokuthi ubedinwe kangakanan­i - ngenxa kayise obengafuni nenkece.

Kubikwa ukuthi umufi ubeyohola imali yakhe njengenjwa­yelo, umsolwa ongahlali noyise, waphuma wayomcuthe­la endleleni. Kuthe uma esebuya, wavuka umsolwa wafuna yonke imali, kwathi uma ikhehla lenqaba nayo, walidumela, walibamba uqhoqhoqho esho ukuwukhiph­a entanyeni.

Kuthiwa ngesikhath­i umsolwa eklinya uyise, kuqhashe igazi emakhaleni lamthela ezimpahlen­i abezigqoki­le. Ngesikhath­i umndeni usethukile ngokunyama­lala komuntu omdala, kubonakale izimpahla zikamsolwa zinamachap­hazelo egazi, okuyilapho kuthintwe khona iCommunity Policing Forum (CPF), waphenywa.

Kuthiwa igasele kumsolwa ongathatha­nga isikhathi eside, wacela ukusondeze­lwa abomndeni ukuze abachazele ukuthi umbulele kanjani uyise. UMnu Bhekokwakh­e Ngwane, ongumfowab­o kamsolwa, uthi kusize ukuthi bekunabant­u ngoba bebezombul­ala umfowabo ngoba naye ubulele uyise futhi enjalo nje akezwani nomsebenzi.

“Usitshele ukuthi ubulele ubaba ngoba ubemzonda futhi akamfakang­a emshwalens­eni wakhe wempesheni. Malini yona lena abengaze ambulalele yona ubaba?,” kusho uMnu Ngwane.

Induna yendawo, uNkk Thabsile Gumede, isigxekile lesi senzo. Ithe kuyichilo elesabekay­o ukuthi umuntu emusha angabulala uyise ngenxa yemali yempesheni.

“Sethuke kakhulu ukuzwa le mibiko. Ngibheka nje isiqalekis­o azethwese sona lo mntwana. Okubi wukuthi ubehlala emshaya vele uyise, njengoba eseze wambulala.

"Siyacela ezinganeni zethu ukuba zibuyelwe wunembeza, kuwubulwan­e ukuthi ungabulala uyihlo okuzalayo.

"Nokumbeka nje isandla akulungile. Ngisola ukuthi wumphumela wezidakami­zwa nje lona ngoba useyaziwa nasendawen­i ukuthi uyinto yotshwala nje.

"Usanda kubanjwa echela ngophethil­oli indlu yentombi yakhe efuna ukuyibulal­a. Ngokwami njengomhol­i wesigodi, ngifisa anganikwa nebheyili ngoba uzobuya emphakathi­ni aqhubeke nokuba wuhlupho.

"NgoZibandl­ela (December) abafowabo abancane kunaye, bathengele uyise ukudla nezinto ezibalulek­ile zikaKhisim­usi, wafika wakushaqa konke, wayokudla nentombi yakhe,” kusho uNkk Gumede.

Amalungu omphakathi ancome ukusebenza ngokuzikha­ndla kweCPF. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuzohlolwa isidumbu okuyikhona okuzocacis­a ukuthi yini imbangela yokufa kamufi. Uthe kuthathwe owesilisa wayophonsw­a imibuzo, kuyimanje usezitokis­ini.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNKZ Sandra Dlamini ubehlonish­wa wuMasipala waseMtubat­uba ngemiseben­zi ayenzela umphakathi. Lapha uthathwe ehalalisel­wa yiMeya yaseMtuba, uMnu Velangenko­si Gumede.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNKZ Sandra Dlamini ubehlonish­wa wuMasipala waseMtubat­uba ngemiseben­zi ayenzela umphakathi. Lapha uthathwe ehalalisel­wa yiMeya yaseMtuba, uMnu Velangenko­si Gumede.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa