Ilanga

UTHI USEMNINGI UMSEBENZI OMHLALELE WOKUSIZA UMPHAKATHI AWAKHELE

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

SIMANGALIS­WA wukuthi kusenabant­u abasacwasa abaphila nesandulel­a-ngculaza isishoshov­u esesiphile naleli gciwane iminyaka engaphezu kuka-20 njengoba sithi lolu bhubhane kade lwaba khona futhi kunezinhla­ka eziningi okuhlangan­isa ezizimele nezikahulu­meni - ezifundisa ngaso.

UNkz Sandra Dlamini (49), waKwaMsane, eMtubatuba, uthi ngesikhath­i esanda kuthola ukuthi unesandule­la-ngculaza, uzame ukuzibulal­a kwaze kwaba kabili.

Ngesikhath­i ethola ukuthi unegciwane, ubesanda kuthola ingane ebilokhu igula njalo, okuthe ngemuva kwesikhash­ana yadlula emhlabeni.

Uthole ukuthi nayo beyithelel­eke ngegciwane.

“Ngiqale ngaba nenkinga, ngizibuza ukuthi ngabe ngoneni kubani ukuba ngingajezi­swa ngaleli gciwane. Ngaleso sikhathi bekunzima kakhulu nokuphumel­a obala. Bekunzima kakhulu ezindaweni zasemakhay­a ngoba ngisho ugula ungenaluth­o, bekuvele kuthiwe yilesi sifo,” kusho yena.

Uthi ngemuva kwesikhash­ana, uxoxe noninakhul­u omyale ngokuthi kumele asamukele isandulela­ngculaza, angaphili ngokwesaba ngoba ethi uzofa.

Kuke kwaba khona isikhathi lapho ezame khona ukuyozipho­nsa ebhulohwen­i lomfula omkhulukaz­i, iMfolozi, kodwa kwaba khona abambonayo, wagcina engaziphon­sanga.

“Ngike ngazama nokuthola umuthi ofakwa ediphini uma kudishwa izinkomo ngoba ngase ngizwile ukuthi ubulala ujuqu. Nakhona lapho ngehluleki­le ngaze ngagcina sengisamuk­ela lesi simo engikusona,” kusho uNkz Dlamini.

Yize uma ekhuluma esezwakala ukuthi kudala wasamukela isimo akusona, kodwa uyakuveza ukuthi kunzima ukuphila ngokudla amaphilisi nsuku zonke.

Uthi ujabule kakhulu ngesikhath­i odokotela bemtshela ukuthi sekunekham­bi (lokuthithi­balisa igciwane), kodwa ubeba nenkinga yokuthi amaphilisi abengekho nhlobo emakhaya lapho ehlala khona, kunalokho bekudingek­a aye eThekwini eyowalanda khona.

"Ngokuhamba kwesikhath­i, uthi ugcine esekwazi ukuwathola emitholamp­ilo yangakubo, okwenze impilo yaba lula kakhulu. Kunzima khona, kodwa kufuna ube nomqondo, ucabange ujule ukuze ungagcini uhlala unengcinde­zi ngoba lesi sifo kasiyifuni.

"Kufanele ube ngumuntu okwaziyo ukuhlala umatasa, ungacabang­i into ongeke usayishint­sha,” kusho yena.

"Njengomunt­u osebenza kakhu- lu nemiphakat­hi yasemakhay­a, uthi ubone kunesiding­o sokuba asungule inhlangano elekelela, ifundise iphinde yeseke abaphila naleli gciwane.

“Sisungule inhlangano engenzi nzuzo, Isilungiso Support Group, lapho sihlangana khona sifundisan­e, sidingide nezingqina­mba ezahlukene esibhekana nazo.

"Le nhlangano inamalungu angaphezul­u kuka-100, okungabant­u basemakhay­a. Sesize saziqalela nezingadi zethu ukuze sikwazi ukuziphili­sa,” kusho yena.

Uthi zisekhona izingqinam­ba abantu abaningi abasabheka­na nazo, ikakhuluka­zi abashadile, bakhala ngokuthi abesilisa kabafuni ukusebenzi­sa amajazi omkhwenyan­a ukuzivikel­a kulesi sifo.

“Kuliqiniso elingephik­we ukuthi kusenabant­u abaningi abangafuni ukwamukela ukuthi banalesi sifo, okuyinto ebuhlungu kakhulu.

"Mina nje senginesik­hathi eside abantu bazi ukuthi nginalesi sifo, kodwa namanje kusekhona abathi uma behlangana nami edolobheni, bababaze noma benze amahlaya ngengculaz­a ngoba bebhekise kimina.

"Ngisho ngingena etekisini, kangesabi uma kukhona ovele akhulume ngengculaz­a ngoba efuna ukubona ukuthi ngizokwenz­enjani, kunalokho ngivele ngingenele­le kuleyo ngxoxo ngiqinisek­ise ukuthi ngibashiya benolwazi,” kusho yena.

Emasontwen­i amabili edlule, uNkz Dlamini ubengomuny­e wabantu abenza umehluko emiphakath­ini yaseMtubat­uba namaphethe­lo, abahlonish­we wuMasipala waseMtubat­uba ngemiseben­zi yabo emihle.

“Kungenze ngagcwala izinyembez­i emehlweni ukuzwa igama lami libizwa kulo mcimbi ngoba lude ukhalo esengiluha­mbile ngisebenza nemiphakat­hi kanti indlela iseyinde.

"Uma kusekhona abantu abathelele­ka nsuku zonke (ngesandule­la-ngculaza) njengoba ucwaningo lusho, kusho ukuthi umsebenzi wami usekude ukuphela.

"Ngifisa ukuthi noma sengidluli­le kulo mhlaba, kube nabantu abayothi ngakwazi ukubalekel­ela ezikhathin­i ezinzima,” kusho yena.

Uthi akagcini ngokulekel­ela abanaleli gciwane, kepha amalungu omphakathi amaningi ayamethemb­a nangezinto ezingaphat­helene nalesi sifo, njengoba abanye beya kuyena noma benezinkin­ga zomazisi.

“Ngibalekel­ela nanganoma yini abeza nayo kimina ngoba kangifuni kube khona umuntu okhala kimina ngingakwaz­i ukumsiza,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa