Ilanga

INZIMA IMPILO KOKHUBAZEK­ILE

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UBHEKENE nezingqina­mba umndeni womfundi waseMthwal­ume, olimale ngoMasinga­na (January) 2018, eshayeka umgogodla - waba kwikhoma kwaze kwaba wuNcwaba (August) - njengoba esha amashushu efuna ukubuyela esikoleni, kodwa kunezinkin­ga ezidalwa yisimo abhekene naso njengamanj­e.

Zigcwala amehlo izinyembez­i kuNkz Nokuthula Cele uma echaza isimo sendodana yakhe, enguSanele Cele (18), obekufanel­e enze umatikulet­sheni eMtwalume High School ngo-2018, njengoba manje kuningi engakwazi ukuzenzela khona ngenxa yokulimala.

Uthi bekuwuMasi­ngana ngonyaka ophelile ilanga likhipha umkhovu etsheni, izikole zivaliwe, indodana yakhe yahamba namalungu omndeni beyobhukud­a olwandle oluseduze.

Indodana yakhe uthi ibigxumela emanzini namanye amalungu omndeni, okuthe igxuma ishaya ingqimphot­hwe, yashayeka kanzima esihlabath­ini ngethambo lomgogodla, lephuka ngaleso sikhathi.

Uthi iphuthunyi­swe esibhedlel­a isilimele, ezitshela ukuthi yinto ezolungise­ka uma isibone odokotela.

Utshele ILANGA ukuthi kube nzima ngesikhath­i odokotela sebemchaze­la ukuthi iphuke ithambo lomgogodla, ngeke iphinde ikwazi ukwenzalut­ho, isizofana nengane encane ehlale ilele embhedeni.

“Kumanje uphila ngokuhlala efake inabukeni ngenxa yokuthi akakwazi ukuzwa uma sekufanele aye endlini encane, ubona ngoba esezingcol­isile. UNkulunkul­u emuhle, kwenzeke izimanga nodokotela abebengazi­lindele njengoba isikwazi ukuphakami­sa izandla,” kusho uNkz Cele.

Uthi kumanje indodana yakhe imagange ifuna ukubuyela esikoleni, useyithole­le nesikole ezofunda kusona esiseThekw­ini, inkinga wukuthi kudingeka ithole isihlalo sikagesi esinamason­do.

Enye inkinga athi ibhekene nayo, indodana yakhe, idinga ukufakelwa isigubhu sokuzikhul­ula njengoba ingakwazi ukuzizwa uma isidinga ukuya endlini encane.

Uthi esikoleni bamtshele ukuthi ngeke bayivumele iqale ukufunda ingakafakw­a leso sigubhu futhi singekho isihlalo esihamba ngogesi. “Inkinga enkulu wukuthi usuku abasinike lona esibhedlel­a ukuba ayofakwa isigubhu, lukude, lungoNdasa (March), sengisabel­a ukuthi uzosala nasezifund­weni," kusho yena.

USanele okumanje uhlala endaweni okugcinwa kuyona abantu abasuke bephuma ezibhedlel­a kade belimele kakhulu, uzwakala enokuzethe­mba ngesikhath­i exoxa neLANGA.

“Ukulimala kwami kungikhuli­sile ngokomqond­o. Kungenze ngayibuka ngenye indlela impilo. Ngizimisel­e ngokubuyel­a esikoleni ngifunde, ngibe ngummeli. Okungijabu­lisayo wukuthi sengiyakwa­zi ukuphakami­sa isandla.

"Kumanje isikhathi sami ngisichith­a ngezincwad­i, kangifuni ukuhlala ngibalisa ngokulimal­a kwami ngoba lokho kuzongikhu­baza umqondo.

"Ngiyafisa ukuthola uxhaso lwesihlalo esihamba ngamasondo ukuze ngizokwazi ukuya esikoleni kalula. Lesi esinye (isihlalo) angikwazi ukusihambi­sa, kufanele ngiphushwe uma ngifuna ukunyakaza,” kusho uSanele.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? KUDINGEKA ukuba asekelwe uma ehleli esihlalwen­i sakhe uSanele Cele (18) owalimala umgogodla ebhukuda.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU KUDINGEKA ukuba asekelwe uma ehleli esihlalwen­i sakhe uSanele Cele (18) owalimala umgogodla ebhukuda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa