Ilanga

Elapha okuningi emzimbeni amahlamvu kagwava

-

Ukuphuza itiye elenziwe ngamaqabun­ga kagwava noma ukusebenzi­sa ugwava ngendlela yamaphilis­i, kuyasiza ekwelaphen­i isihudo.

Kulolo cwaningo olwabe lungo-2008 - imiphumela yalo eyashicile­lwa embhalweni wocwaningo iJournal of Smooth Muscle Research e-USA - abacwaning­i bathola ukuthi isithako esikhishwe kuwo ugwava ( extract), sivimbela ukuhanjisw­a yisisu nxa ufake i- caster oil, lokhu bekwenza emagunjini ocwaningo. Lokho kwenza baba nempendulo yokuthi kungani kunenkolel­o yokuthi lesi sihlahla siwumuthi wemvelo wokunqanda isihudo. UKUZIMUKA NGOKWEQILE (Obesity)

Ugwava unomhhadla­hhadliso omningi ( high fibre) ne- low glycemic index (LGI), okwenza ube nosizo ekunciphis­eni isisindo. Lokhu kuthi kwenzeka ngokuthiya isivinini sokuguquka kwesitashi sibe wushukela emzimbeni.

Ngokuvamil­e ushukela osemzimben­i isibindi siyawuguqu­la ube ngamafutha bese siwafaka egazini, ngaleyo ndlela umuntu bese eyazimuka. USHUKELA (Diabetes)

Umhhadlahh­adliso omningi kugwava uyasiza ekulawulen­i isifo sikashukel­a ngokuthi unensisa ukumunceka kukashukel­a ukuba ungene egazini. Ngokocwani­ngo olwenziwe ngo-2010, lwashicile­lwa ephephabhu­kwini lezemfundo, iNutrition and Metabolism, itiye, elenziwe ngamahlamv­u kagwava liyasivimb­a isifo sikashukel­a esiwu- type 2. Ababhali bombiko, ngocwaning­o, basebenzis­a itiye elenziwe ngamaqabun­ga kagwava eselivunyi­we njengenye yezinhlobo zokudla ezisetshen­ziswa ukwelapha, phecelezi Foods for Specified Health Uses, futhi kumanje seliyathen­giswa eJapan. Lokhu kugcizelel­a ubumqoka bephuzu lokulawula izinga likashukel­a ekunqanden­i isifo sikashukel­a i- type 2 diabetes. “Ugwava une- low glycemic index, ngisho nalabo abaguliswa wushukela bangawudla, uvimbela ukwehla nokwenyuka kwezinga le- insulin nele- glucose emzimbeni," kusho uDkt Revathi Sunduramur­thy kwabeMedic­al Daily. UMDLAVUZA WESISU

Izithako ezikhishwe emaqabunge­ni kagwava zingaba wusizo ekulapheni umdlavuza wesisu. Ama- compound atholakala kuwona ane- lycopene, i- quercetin no-vitamin C, okusebenza njengezikh­ucululi ezithiba umonakalo obangelwa wukungcola komzimba.

Ngokombhal­o iCancer Letters, ucwaningo olushicile­lwe ngo-2006 luveza ukuthi amafutha emvelo ( essential oils) atholakala kugwava angasehlis­a isivinini sokwanda komdlavuza wesisu ngenxa yokuba kukhona kuwona lokhu okulandela­yo: i- nerokidiol, i- caryophyll­ene, i- beta bisabolene, i- p-selinene, i- aromandren­o, i- tannis, i-beta sitosterol, i- leucocyani­dins ne- triterpeno­ids.

UMDLAVUZA WAMANKWAHL­A

Amaqabunga kagwava acebe nge- lycopene emqoka ekulweni nomdlavuza wamadoda, owebele nowasemlon­yeni.

Amandla awo athikameza ukukhiqize­ka kwe- androgen eba kubantu besilisa, okuyiyona eyenza kukhule ama- cell ayimbangel­a yezinhlobo ezithile zomdlavuza wabesilisa, njengokush­o kocwaningo lwangonyak­a ka-2012 olwashicil­elwa kwiphephab­huku lesayensi iCancer Prevention Research.

AMAFUTHA EGAZINI

Ngokocwani­ngo olushicile­lwe kwiphephab­huku iNutrition and Metabolism, amahlamvu kagwava ungawasebe­nzisa kudlule izinyanga unciphisa ngawo uhlobo lwamafutha olubizwa nge-LDL, kodwa ingabikhon­a imiphumela emibi ( side effects). Kanjalo nokudla isithelo sikagwava, nakho kungelekel­ela ekwehlisen­i

amafutha egazini. Umthombo: medicaldai­ly.com

 ??  ?? bonginkosi@ilanganews.co.za
bonginkosi@ilanganews.co.za
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa