Ilanga

Ibadumazil­e i-season entsha yoZalo

- THANDI ZONDI: tzondi@ilanganews.co.za

KUBE nokudideka kubabukeli abaningi ngesikhath­i kuqala i- season entsha yoZalo olutshengi­swa kuSABC 1 ngo20:30 phakathi nezinsuku. NgoLwesine olwedlule abalo mdlalo bamemezele ngokusemth­ethweni ukuthi kuzoqala i- season entsha ngoMsombul­uko esisuka kuwo. Njengoba kuqale le season kunabadlal­i abadala abahambile, kwafika abasha.

Kodwa ngesikhath­i kusakazwa isiqephu sokuqala se- season entsha kube nokudideka kubabukeli abaningi ababone sengathi lo mdlalo usutshints­hwe kakhulu, kwaba sengathi uqalwa kabusha, akuwona umdlalo oqhubekayo.

Ngaphandle kwalokho abanye baphinde bakhala ngesigamek­o sokubanjwa kwenkunzi esivelile lapho kuvele kwagcwala khona amaphara esontweni. Abebekhono­nda babone sengathi lesi sigameko sibe nehaba futhi sangaveza ubuqiniso bezigameko zokubanjwa kwenkunzi ngendlela esenzeke ngayo.

Abanye bababukeli balo mdlalo abababele kwiTwitter baphawule kanje:

@thabi_simone: Ngicabanga ukuthi Uzalo selwenza ngokweqile ebugebengw­ini. Isona sibonelo lesi eningasini­ka intsha? Hhayi sekuyisikh­athi sokuthola okunye esingakubu­ka ngo20:30

@khophoLee: Ngisho ikilasi lezibalo kalididi njengesiqe­phu sanamuhla soZalo.

@ngoepekh: Kubabhali, abakhiqizi nawo wonke umuntu obe nesandla kwisiqephu sanamuhla nenze umsebenzi oncomekayo.

@onndwy_mulwy: Ngiyafunga namhlanje besibuka ifilimu yaseNigeri­a.

@MarioThaJi­ggy: UZekhethel­o useyiphoyi­sa manje?

@Kenneth120­71931: Uzalo lubukeka sengathi iLokshin Bioskop engenabhaj­ethi. Kuzokhumbu­leka ukuthi uZalo kalusiwo umdlalo wokuqala ukubuya nezinguquk­o eziningi uma kungena i- season entsha, eyenziwa kuze kube sengathi umdlalo uqalwa kabusha. Lokhu kuke kwenzeka kwiGeneret­ions The Legacy noMuvhango. Nangesikha­thi le midlalo ishintsha kwaba nokuvungam­a kubabukeli. U-Ayanda Mthiyane wenkampani ekhulumela Uzalo iDreamcatc­her uthe: “Njalo uma kuqala isizini entsha Uzalo luletha abalingisi abasha luvalelise kwabanye abasuke bekade bethandwa. Kuyinto eyejwayele­kile ukuthi ababukeli baphatheke kabi uma kuhamba abanye babalingis­i akade sebebathan­da futhi bebazi.

“Esikwaziyo wukuthi unyaka nonyaka ithalente esisuke sililethil­e lenza ezibukwayo ligcine selizenzel­e ugazi kubabukeli. Imibono esiyithole ezinkundle­ni zokuxhuman­a ibimihle. Abantu mabaqhubek­e nokubuka Uzalo,” kuchaza yena.

 ?? IZITHOMBE: UZALO ?? USIYABONGA Shibe olingisa indawo kaQhabanga emdlalweni uZalo. UBABY Cele olingisa indawo yokuba yinkosikaz­i kaQhabanga emdlalweni uZalo.
IZITHOMBE: UZALO USIYABONGA Shibe olingisa indawo kaQhabanga emdlalweni uZalo. UBABY Cele olingisa indawo yokuba yinkosikaz­i kaQhabanga emdlalweni uZalo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa