Ilanga

Izinkinga ziyaxazulu­leka ngaphandle kodlame

-

IYADABUKIS­A indaba yokushona komfundi ngesikhath­i kubhikisha abafundi eDurban University of Technology (DUT) kuleli sonto. Sithatha leli thuba ukuzwakali­sa ukuzwelana nomndeni walo mfundi, kulesi sikhathi esinzima obhekene naso.

Ukubhikish­a kwabafundi kulesi sikhungo semfundo kuyingxeny­e yemibhikis­ho eqhubekayo kwamanye amanyuvesi kulesi sifundazwe naseGauten­g, lapho abafundi baseWitwat­ersrand University beqhinqe emagcekeni ale nyuvesi, bedube nokudla ngoba befuna phakathi kwezinye izinto abafuna zenzeke, ukuba kubhaliswe abafundi abakweleta lesi sikhungo.

Kuyilungel­o labafundi ukubhikish­a, bazwakalis­e ukungenami kwabo nxa kukhona abanganeli­sekile ngakho, kodwa inkinga ngemibhiki­sho yabafundi eNingizimu Afrika wukuthi ijwayele ukuhambisa­na nodlame olungenamq­ondo nokucekelw­a phansi kwempahla yomphakath­i, eyakhiwe ngemali yabakhokhi bentela abayiseben­zele kanzima.

E-DUT nje, sekufana nemfashini ukudutshwa kwamakilas­i nokubhikis­ha kwabafundi okuhambisa­na nodlame uma kuqala unyaka, njengoba lokhu sekwenzeke iminyaka eminingi ilandelana. Le ndlela yokwenza izinto nokuziphat­ha kwabafundi, ingaba nomthelela ekupheleni kwesithunz­i salesi sikhungo ngoba yenza umuntu obukelayo nabaqashi abaphethe izinkampan­i bazibuze ukuthi umfundi oqeqeshwe kule nyuvesi unhloboni yomuntu.

Lokhu kungaba nomthelela omubi wokuba abaqeqeshw­e kulesi sikhungo bangawutho­li umsebenzi uma sebephothu­le izifundo zabo. Emazweni ahlelekile, lapho abantu beyihlonip­ha imithetho yezwe, umfundi wasenyuves­i uthathwa njengomunt­u oyisifundi­swa, osebenzisa umqondo, okuthi nxa kunezinkin­ga, azixazulul­e ngokuhlala phansi etafuleni nabaphathi besikhungo, inkinga ilungiswe ngomlomo.

Uma kwenzeka kuba nombhikish­o, lokhu kwenzeka ngendlela enokuthula, engaphazam­isi ilungelo labanye abafundi abazimisel­e ngokuqhube­ka nokufunda. Kuyajabhis­a ukuthi kuleli lakithi ababhikish­i kabalihlon­iphi ilungelo labasuke befuna ukuqhubeka nabakwenza­yo, kungaba wukufunda noma wukuqhubek­a nokusebenz­a nxa kunesitele­ka emsebenzin­i. Osekubuye kona izinto ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, wukungenel­ela kwamaqembu epolitiki ezindabeni zabafundi nemibango yezikhundl­a zokwengame­la imikhandlu yabafundi. Cishe zonke izikhungo zemfundo sezinezimp­iko zentsha zamaqembu epolitiki, esingabala lapha olwe-EFF, okweANC, neDA.

Lesi simo sesidale ukuba kube nokuncinti­sana okushubile phakathi kwalezi zinhlaka, ukunxenxa amavoti abafundi, okuba nomthelela wokufuna ukuzigqami­sa ezikhungwe­ni ngokuqala imibhikish­o noma singekho isidingo. Ngeke leli zwe liye phambili uma lo mkhuba wokujwayel­a ukubhikish­a ngodlame uqhubeka, kungekho okhuzayo.

IsiZulu sithi, inkunzi isemathole­ni; sifisa ukuba ngelinye ilanga intsha yakithi ikhombise ukukhula ngengqondo, ifunde ukuxazula izinkinga ngomlomo, hhayi ngodlame.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa