I-IEC MAYINGAFELI AMACALA ABANYE
MHLELI: Mayingashaywa indiva imikhankaso izakhamizi ezidlulisa ngayo ilaka lazo, nakuba ihlukumeza abantu abangahlangene ngalutho nezikhalo zazo.
Impelasonto yangomhla ka-26-27 Masingana (January) 2019, bekungeyokugcina ukubhalisela ukuvota eNingizimu Afrika njengoba ukhetho lukazwelonke lungoNhlaba (may).
Kube nemibhikisho abantu bevala izikhungo, beziphendula o-alubhadwa, bekhalela ukugqoza kwentuthuko ezindaweni zabo ngokwehlukana kuzwelonke. i-IEC kayixhumi futhi kayixhasi ekuthunyelweni kwentuthuko kubantu, okwayo wukuqinisekisa ukuthi ukhetho kaluchemile futhi luba ngolukhululekile.
Ukugqoza kwentuthuko kuhlangene nohulumeni kazwelonke, owezifunda noma iqembu eliphethe isigceme esithi- ntekayo. Makungaboshwa abantu abangenzile lutho ngabhande linye nezahluleki ezakhethwa yithina.
I-IEC mayinganqunyelwa ogodweni, ifele amacala eyayingekho enziwa yizikhulu zibe ziqhuba imikhaba namasudi wena owabona oThe Bafanaz bodu- mo lweBona Magazine.
Angifisi ukubona inhlekelele eyokwenzeka phambi kwezingqapheli zamazwe ase-Afrika, abantu bayozwakalisa ilaka labo kuzwele, kwehle isithunzi sezwe nesenhlangano eyengamele ukhetho kuleli.
Akukho neze okutheni le nhlangano engakwenza ukugwema isimo, amaqembu ngokwehlukana kwawo kuyomele azibophezele, athule umkhankaso ukufundisa umphakathi.
Omasipala-ke phela mabahambise izidingongqangi kubantu, kungaze kufike isimo esinzima. Isalakutshelwa sibona ngomopho, ningathi angishongo uma senijikelwa ngabantu kuhle kotshwala esiswini.