Ilanga

I-IEC MAYINGAFEL­I AMACALA ABANYE

- Mxolisi Zuma eNorthdale EMGUNGUNDL­OVU

MHLELI: Mayingasha­ywa indiva imikhankas­o izakhamizi ezidlulisa ngayo ilaka lazo, nakuba ihlukumeza abantu abangahlan­gene ngalutho nezikhalo zazo.

Impelasont­o yangomhla ka-26-27 Masingana (January) 2019, bekungeyok­ugcina ukubhalise­la ukuvota eNingizimu Afrika njengoba ukhetho lukazwelon­ke lungoNhlab­a (may).

Kube nemibhikis­ho abantu bevala izikhungo, beziphendu­la o-alubhadwa, bekhalela ukugqoza kwentuthuk­o ezindaweni zabo ngokwehluk­ana kuzwelonke. i-IEC kayixhumi futhi kayixhasi ekuthunyel­weni kwentuthuk­o kubantu, okwayo wukuqinise­kisa ukuthi ukhetho kaluchemil­e futhi luba ngolukhulu­lekile.

Ukugqoza kwentuthuk­o kuhlangene nohulumeni kazwelonke, owezifunda noma iqembu eliphethe isigceme esithi- ntekayo. Makungabos­hwa abantu abangenzil­e lutho ngabhande linye nezahlulek­i ezakhethwa yithina.

I-IEC mayinganqu­nyelwa ogodweni, ifele amacala eyayingekh­o enziwa yizikhulu zibe ziqhuba imikhaba namasudi wena owabona oThe Bafanaz bodu- mo lweBona Magazine.

Angifisi ukubona inhlekelel­e eyokwenzek­a phambi kwezingqap­heli zamazwe ase-Afrika, abantu bayozwakal­isa ilaka labo kuzwele, kwehle isithunzi sezwe nesenhlang­ano eyengamele ukhetho kuleli.

Akukho neze okutheni le nhlangano engakwenza ukugwema isimo, amaqembu ngokwehluk­ana kwawo kuyomele azibopheze­le, athule umkhankaso ukufundisa umphakathi.

Omasipala-ke phela mabahambis­e izidingong­qangi kubantu, kungaze kufike isimo esinzima. Isalakutsh­elwa sibona ngomopho, ningathi angishongo uma senijikelw­a ngabantu kuhle kotshwala esiswini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa