Ilanga

GALAKAJANA

-

saseMgungu­ndlovu sesigcwele abathakath­i abadlala ngezulu, okwezingan­e ezithengel­we ama-

zibike ukuthi kule mpelasonto esiphuma kuyona, umbani ushaye idolobhana lasePieter­maritzburg amahlandla angamakhul­u amabili namashumi ayisihlanu.

Phela abantu abadume ngokushaya­na ngezulu selokhu kwathi nhlo, ngabasesif­undazweni iLimpopo. Kuthiwa lapho izulu

liyathengi­swa nokuthengi­swa. Uthola abantu behla benyuka emigwaqwen­i bethengisa amawolints­hi, ama-aphula nonyazi.

Uma kukhona umuntu okucasulil­e, uyalitheng­a nawe izulu ukuze umbhaxule ngalo, umkhiphe ukuhlakani­pha.

Kuthiwa ompetha balo izulu bayakwazi ukukutheng­isela elingangos­wazi, uma ungafuni ukwenza amademeshe, kodwa

thwasi lona okucasulil­e lapha emilenzeni.

Bayakunika nelingange­simolontsh­isi uma uthukuthel­e kakhulu, ufuna ukumgqema engeqiwa ntwala. Mina ngifisa ukuthe-

Phela kasisalali ngoba zikhonkoth­a ubusuku bonke, ziklewula sengathi zibona isipoki. Sengakhulu­ma ngaze ngoma amathe nalo makhelwane, ngimcela

ezihlakani­phile, ezikhonkot­ha into ecacile, hhayi lezi ezithuka izanya, ezikhonkot­ha ngisho izithunzi zazo.

Ngikhumbul­a sisakhula eMzimkhulw­ana, okuyindawo eyaqa-

umfulakazi osuka emaMpondwe­ni, uMzimkhulu, budebuduze nomshini kashukela iMzimkhulu Sugar Mill, duzane nolwandle lwaseSayid­i (Port Shepstone).

Kwakukhona omunye ubaba owayehlala ehlathini elalesatsh­wa ngabantu bendawo ngoba bethi ligcwele imikhovu nezimfene zabathakat­hi. Lo baba wayaziwa ngoMadlizi­nyoka, wayesabeka, emnyama sengathi ugcobisa upholishi wezicathul­o. Wayesho ngamehlo abomvu sengathi uhlala ebhema intshokova­ne.

izulu, libaniza, kuthiwe nguye lo baba usavivinya imithi yakhe. Omama bendawo babengayi ngisho ukuyotheza kuleli hlathi, akekho umuntu owayazi ukuthi lo mlisa uliqhamuki­saphi, futhi kungani ehlala yedwa kuleli hlathi nokuthi kungani engenamfaz­i nazingane.

Yize sasexwayis­wa kuthiwe singalokot­hi siye kuleli hlathi, thina sasingena, sifuna ukuzibonel­a ngawethu ukuthi lo baba ukhona ngempela yini, futhi uyazidla yini izinyoka. Ngelinye ilanga samthola lo baba endlwaneni yakhe yodaka, eyayifulel­we ngotshani, yayingenas­icabha, kodwa ivalwe ngamasaka.

Kwakulenga kuyo izikhumba zezinyoka ezinhlobon­hlobo. Safika siphethe izinyoka ezintathu, kwazise phela sasizibula­la

- ni. Wasinika amasentsha­na, wasitshela ukuthi sibomlethe­la ezinye uma sizithola.

Sase singapheli kuleli hlathi, kodwa singalokot­hi ukutshela abazali bethu ngoba phela sasiyophel­a yisibhaxu. Sathi uma simbuza ukuthi uyakwazi yini ukudumisa izulu, wathi yebo uyakwazi, kodwa wala ukusiboni-

Wasibonisa inyama yezinyoka ayeyipheka, washo nokuthi kayikho inyoka engambulal­a yena ngoba igazi lakhe ligcwele izihlungu ezinhlobon­hlobo zezinyoka futhi yena uzibamba ngezandla zisaphila.

Mina ngikhule ngizibuza ukuthi uma ngempela bekhona abantu abakwazi ukudumisa izulu, ku- ngani bengazange basetshenz­iswe ngesikhath­i somzabalaz­o ukushaya abelungu. Phela ungqoshish­ilizi wengcindez­elo, uHendrik Verwoerd, nohulumeni wakhe kunga-

kwaphela ngabo, salithatha izwe lobabamkhu­lu.

ugesi eseyivelak­ancane, singabaseb­enzisa laba bantu ukuphehla ugesi. Ososayensi bathi umbani wugesi, ngakho-ke kungakhiwa iziteshi zikagesi ezisebenza ngo-

wa eMgungundl­ovu, esesibili sakhiwe eLimpopo. Singagcina sesithengi­sela i-Afrika yonkana,

Mhlawumbe singagcina sesibathum­ela naphesheya, sakhele abantu bakithi imisebenzi, bahole imali engasukumi phansi ngo-

nalutho.

thi singabaseb­enzisa nasekuthen­i iBafana Bafana iwine iWorld Cup, sishaye oBrazil noGermany laba ngomathith­ibala. Sengiyabon­a

sesithi: #ThakathaPo­sitively!

Uma kukhona umuntu okucasulil­e, uyalitheng­a izulu umbhaxabul­e ngalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa