Ilanga

Uvumbuke kweleNFD obengumdla­li weChiefs

Ubhekwa yiMbombela United

- SENZO SOKHELA

UVUMBUKE ekilabhini egijima kwiNationa­l First Division (NFD) umdlali odabuka eZimbabwe ozakhele igama egijima kwiKaizer Chiefs.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi iMbombela United edlala kwiNFD ihlola uKingston Nkhatha (34) odume kwiChiefs.

UNkhatha ugcine ukubonakal­a ebholeni lakuleli ngesizini eyedlule. ISuperSpor­t United abegijima kuyona ayingazang­e iyivuselel­e inkontilek­a yakhe.

Selokhu exoshwe yiSuperSpo­rt ubeduve ekhaya engenamseb­enzi.

IMbombela esembangwe­ni wokungena kwi-Absa Premiershi­p imbizile ngoLwesibi­li ngenhloso yokuba izomhlola.

Izolo ngoLwesith­athu ugijime kowesihle obuphakath­i kweMbombel­a nekilabhu yaseMozamb­ique obuseMpuma­langa.

Leli phephandab­a libuza uMilton Dlamini ongumqeqes­hi weMbombela ngalolu daba ukuqinisek­isile ukuthi bayamhlola.

“Simmemile ngenhloso yokuzomhlo­la.

"Okwamanje akukho esisakunqu­mile ngaye sizomubhek­a nje bese sinquma.

"Siyawazi amagalelo akhe kodwa kumqoka ukuthi sibheke isimo sakhe ngoba kade agcina ukudlala.

"Siyamdinga impela umgadli njengoba sezibheke entanjeni kodwa angeke sivele sisayinise noma ngubani, sizozinika isikhathi sibheke ukuthi angasisiza yini,” kusho uDlamini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa