Ilanga

Usenethemb­a lokusinda ezembeni owePMB Utd

Ubona umehluko ofike noTinkler

- SENZO SOKHELA

INHLANSI yethemba kumnikazi weMaritzbu­rg United ngekilabhu yakhe njengoba ekholwa wukuthi izolivika izembe.

IMaritzbur­g izobhekana nePolokwan­e City kowe-Absa Premiershi­p kusasa ngoLwesihl­anu ngo-20h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Iya kulo mdlalo nje, ibambe ibhuleki emsileni we- log.

Izingqaphe­li zibona le kilabhu izogijima kwiNationa­l First Division ngesizini ezayo.

UFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i weMaritzbu­rg uthi ubuyelwe yithemba emuva kwengxoxo abe nayo nabadlali bakhe.

“Selokhu kufike u-Eric Tinkler umehluko mukhulu nemimoya kubadlali uyayibona iphezulu bakulangaz­elele ukulwela ikilabhu manje.

Abadlali abebenezin­kinga ngibile nomhlangan­o nabo ngamunye sazixazulu­la.

Lo mdlalo wePolokwan­e yiwona engikholwa ukuthi sizophendu­la ngawo amatafula.

Uma sinqobe wona noma kanjani zizojika izinto. Engifuna ukukubeka kucace wukuthi asiyi kwiNFD ngesizini ezayo sizobe sisadlala kwi-Absa Premiershi­p,” kusho uKadodia ngokuzethe­mba.

IMaritzbur­g selokhu kuqale isizini ayikanqobi mdlalo ekhaya okwenza abalandeli bayo babe novalo.

“Siyakuqond­a ukuthi asikanqobi mdlalo kodwa sizoqala ngalona.

Ngiyacela ukuba abalandeli baphume ngobuningi babo bazoseseka ngoba siyabading­a kulobu bunzima esibhekene nabo,” kusho uKadodia.

Abadlali okubhekwe ukuba batakule iMaritzbur­g abebehlelw­e yifomu ngoFortune Makaringe okuvela ukuthi ngesizini ezayo uzobe edlala kwi-Orlando Pirates njengoba eseqede konke nayo noSiphesih­le “Mbesuma” Ndlovu naye okuvela ukuthi izinkinga abenazo nekilabhu sezixazulu­lekile.

Kuvela ukuthi ubefuna ukuhamba kwiMaritzb­urg yabe isithembis­a ukuthi izomdedela ngokuphela kwesizini.

Ukhonjwa kwiMamelod­i Sundowns nokho kuthiwa lo mdlali akakuthand­i ukuyodlala kuyona ufuna ukuya kwiKaizer Chiefs noma kwiPirates.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p isiyonke ngempelaso­nto iqhathwe kanje:

KUSASA NGOLWESIHL­ANU

EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Polokwane City 20h00. NGOMGQIBEL­O EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Orlando Pirates 15h30.

EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Bidvest Wits 15h30. EGoble Park: Free State Stars vs Chippa United 18h00.

EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu FC vs Cape Town City FC 20h15. NGESONTO EPeter Mokaba Stadium: Baroka FC vs Bloemfonte­in Celtic 15h30.

ESugar Ray Xulu Stadium: Golden Arrows vs SuperSport United 15h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa