Ilanga

UTHEMBISA IZINGUQUKO UMQEQESHI WE-SHARKS

- NHLANHLA HUDLA

UTHEMBISA ukwenza izinguquko ezinqala umqeqeshi weCell C Sharks uRobert du Preez ( osesithomb­eni) emdlalweni wokugcina wokuzifudu­meza ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeSuper Rugby.

ISharks izobhekana neBlue Bulls kowokubung­ani ngoMgqibel­o ngo-14h00 e-Ashton College, eBallito. ISharks iya kulo mdlalo nje iphuma esibhaxwin­i sika-19-14 esithole kwiLions eKapa ngeledlule.

"Ngizokwenz­a izinguquko kulo mdlalo. Inhloso yethu wukunikeza bonke abadlali ithuba ikakhuluka­zi laba esizohamba nabo ukulungise­lela umdlalo wethu wokuvula neSunwolve­s.

"Abadlali abaningi besibaphum­uzile emidlalwen­i wethu neLions ngenhloso yokubanika isikhathi esanele sokuphumul­a kwazise abanye kade bedlala eJapan kanti abanye bebeyingxe­nye yeqembu lesizwe.

"Sidlale kahle kakhulu neLions, kuningi okuhle okukhonjis­we abafana abancane nengithemb­a ukuthi bafunde lukhulu kulo mdlalo.

"Le midlalo yeSuper Hero ibe yimpumelel­o. Indlela abalandeli abakhombis­e ngayo intshiseke­lo iyamangali­sa, kufanele iphindwe, ngisho nabadlali abawuvali umlomo ngayo.

"Okuhle wukuthi sibuye kulo mdlalo bonke abadlali bewumqeman­e kungekho abalimele,” kusho uRobert Snr.

ULindiwe Nkosi okhulumela iSA Rugby uthe: “Le midlalo ibe yi-mpumelelo kakhulu kanti abantu abaningi bayijabule­le kakhulu bacela nokuthi siphinde sibahlelel­e futhi uhlobo lwale midlalo.

"Ngiyathemb­a ukuthi kuwasebenz­ele amakilabhu aseNingizi­mu Afrika ukuzihlang­anisa nale midlalo," kusho uLindiwe.

Umdlalo wokuqala ekhaya weSharks weSuper Rugby uzokuba mhla ka-23 kuNhlolanj­a (February) nalapho izogadulis­ana khona neBlues eJonsson Kings Park Stadium, eThekwini.

 ??  ?? Siphesihle "Mbesuma" Ndlovu
Siphesihle "Mbesuma" Ndlovu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa