Ilanga

UKoloba uveza imfihlo kaKaizer ngeBucs

Uthi iChiefs ayisenaye umdlali obeka umsebenzi emahlombe akhe

- SENZO SOKHELA

UVEZA imfihlo kaKaizer “Shintsha Guluva” Motaung ongumnikaz­i weKaizer Chiefs ngeOrlando Pirates umdlali oke wagijima kwiChiefs.

IChiefs izobhekana nePirates kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-15h30 e-FNB Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo uthathwa njengomuny­e wemikhulu e-Afrika njengoba kuphuma kwasani uma kubhekene la makilabhu.

Nezingwazi ezigijime kuwona zivukwa wusinga ngoba akwandele bani ukudlala kulo mdlalo.

UNtokozo “Koloba” Sikhakhane obelihliki­hla esiswini kwiChiefs, uveza imfihlo kaMotaung ngePirates nento akholwa wukuthi ibulala le kilabhu uma ibhekene nePirates.

IChiefs isiphenduk­e isinkwa semihla ngemihla kwiPirates njengoba igcine ukuyehlula ngo-2014.

“Umdlalo womkhaya unzima, yilapho kucaca khona izinto eziningi ngomdlali.

"Lo mdlalo ungayiguqu­la impilo yakho isizini yonke ngendlela oyiyona.

"Into ebulala iChiefs wukuthi ayisenaye umdlali okwazi ukuthatha umsebenzi wabadlali bonke awubeke emahlombe akhe ukuze iwine kulo mdlalo womkhaya.

"Ngesikhath­i ngisadlala kuyona besazi ukuthi uma sekunzima iPirates isigojela, uJabu “Pule” Mahlangu uzokwenza imilingo yakhe ukuze sinqobe.

"Njengamanj­e iChiefs ayinaye lowo mdlali, noKhama Billiat uyabona ukuthi uyazama kodwa wukuzethem­ba angenakho.

"Abantu bangacaban­gi ukuthi yibona kuphela abangadli uma iChiefs inganqoban­ga, nomnikazi wayo imbala udonsa kanzima.

"Uma ekhuluma nabadlali ngaphambi kwalo mdlalo ubatshela kahle ukuthi abenze konke okusemandl­eni ukuwunqoba ngoba akakwazi ukukwamuke­la ukuhlulwa yiPirates. Inkulumo yakhe iyahluka uma kudlalwa nePirates ngoba uyabazi ubunzima abhekana nabo uma ibehlulile,” kusho uSikhakhan­e.

Ube eseqinisa idolo abalandeli wathi bangalilah­li ithemba, u-Ernst Middendorp ongumqeqes­hi weChiefs usazowaphe­ndula amatafula.

“Ngibe nenhlanhla wangiqeqes­ha, uhlakaniph­ile ibhola ulazi njengoba ezazi.

"Abalandeli abakhulule­ke, usa- zowaphendu­la amatafula, abamnike nje ithuba basazobona.

"Into engiyithan­dayo ngaye wukuthi unesibindi, ukuthi uyingane akanandaba ukujikijel­a enkundleni neqembu elikhulu kungabi ndaba zalutho.

"Ngikhumbul­a emdlalweni wami wokuqala womkhaya ungitshele ngoLwesith­athu ukuthi ngizodlala wabeka ngaphandle uThabo “Tsiki Tsiki” Mooki evutha bhe.

"Akukholwan­ga muntu ngoba lapho bengizobhe­kana noBennedic­t “Tso” Vilakazi, Gift “Vum Vum” Leremi, Onyekachi “Tico” Okonkwo ukubala abambalwa abebevutha esiswini kwiPirates.

"Ngibe nomdlalo omuhle abantu baqala lapho ukungiqaph­ela.

"Uyabona uma uVirgil Vries ezovimba kulo mdlalo yilona thuba lokugeza igama lakhe leli.

"Uma iPirates ingathola iphenathi ayibambe iChiefs igcine inqobile abalandeli bazokhohlw­a yiwona wonke amaphutha abewenza abe yiqhawe ngendlela lo mdlalo onamandla ngayo.

"Kodwa-ke ngibona amagoli kulo mdlalo noma zingadlala ngokulinga­na kodwa wona uzoba namagoli,” kuphetha uSikhakhan­e.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UNTOKOZO "Koloba" Sikhakhane esagijima kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UNTOKOZO "Koloba" Sikhakhane esagijima kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa