Ilanga

ULEKGWATHI UXWAYISA ABE-BUCS NGOBUNGOZI

-

kho bangalinge nje bacabange kanjalo ngoba bazoba kwenkulu ingozi.

"Kulo mdlalo kwenzeka noma yini awuyi ngafomu.

"Abantu abanengcin­dezi kulo mdlalo yiChiefs ngoba kade yagcina ukuhlula iPirates.

"Sike saba sesimweni esifanayo iChiefs isihlula kulandelan­a besinenkul­u ingcindezi eqedwe wukuthi sigcine siyihlulil­e.

"Nakulo iChiefs ifuna ukuqeda yonke lento ngakho-ke bayigade ngoba izoba yingozi,” kusho uLekgwathi.

Nokho uthi ubona iPirates izodlula kulo mdlalo.

“IChiefs ayikahlang­ani kahle isabamba iyayeka nomqeqeshi kukhona izinto asazama ukuzihlang­anisa, kanti iPirates ihlangene.

"Ngibona iPirates idlula kulo mdlalo inqobo nje uma ingeke iyithathe kancane iChiefs, izodlala ngokuzinik­ela iyinike indawo yayo ngoba iyiqembu elikhulu elingayiji­kela esiswini njengotshw­ala,” kusho uLekgwathi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? ULUCKY Lekgwathi obengumdla­li weOrlando Pirates.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ULUCKY Lekgwathi obengumdla­li weOrlando Pirates.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa