Ilanga

IZOKHIWA NGAMAFOSHO­LO KWI-WILLIES MCHUNU LEGACY RUN

- MZWAMANDLA ZONDI

IZOKUBE ikhiwa ngamafosho­lo imali kwiWillies Mchunu Lagacy Run ezokuba ngoMgqibel­o ozayo isukela edolobheni eMtshezi isongwe ezinkundle­ni zemidlalo eWembezi.

Lo mjaho uqale nyakenye kuyi10km kanti nonyaka usunyukile njengoba uyi-21km lapho izingqwele zizohlomul­a ngo-R15 000 esigabeni esivulelek­ile kwabesilis­a nabesifaza­ne kuthi isibili sigoduke no-R8000, kanti abazongena isithathu bazuze u-R7000 ngokuhluka­na kobulili.

Nakwi-10km abazonqoba bazophinde­la emakhaya behleka bodwa njengoba izingqwele zakhona zizogixabe­zwa ngo-R10 000 esigabeni sabesilisa nabesifaza­ne. Lo mjaho uhlelwe umnyango WezemiDlal­o waKwaZulu-Natal oholwa nguBongi Sithole-Moli kanti inhloso yawo enkulu ukuhloniph­a uNdunankul­u wesifundaz­we, uMchunu ongowokuza­lwa eMtshezi.

Kulo mjaho kuthiwa kungenzeka abe khona undunankul­u ezokwamuke­la izingqwele.

UThabo Mofokeng womnyango wezemidlal­o utshele ILANGA ukuthi sekuqaliwe ukwamukela imingenelo yalo mjaho. Uthi abafuna ukubamba iqhaza kuwo bangangena kwi-website ethi: www.finishtime.co.za noma baye emahhovisi kamasipala iLangaliba­lele lapho bezothola khona imingenelo.

“Inhloso yalo mjaho ukuhloniph­a undunankul­u kwazise uyazifela ngezemidla­lo. Lo mjaho sithe asiwenzele lapho ezalelwe khona njengoba uzodlula ngasemzini wakhe. Kungekudal­a sizowukhul­isa ube yiMarathon ukuze usize abasubathi abafuna ukwenza izikhathi zokubamba iqhaza kwiComrade­s Marathon neTwo Oceans Marathon ngokwehluk­ana,” kusho uMofokeng oqhube wathi ngempelaso­nto yomjaho umnyango uzokube nezemidlal­o ezinhlobon­hlobo.

Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangaxhuma­na noCeli Makhoba kwethi: 0731758725 noma uNathi Mchunu kwethi: 0734134417.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa