Ilanga

UFANISE IZIKHULU ZEBHOLA NEZILWANE

- MFANAFUTHI NDLOVU

UFANISE izikhulu zebhola nezilwane uNhlanhla Shabalala ( osesithomb­eni) weSouth African Football Players Union (Safpu) njengoba egxeka ukumiswa ukujima kukaRodney Ramagalela yiPolokwan­e City ngenxa yokugoloza ukuvuselel­a inkontilek­a nale kilabhu.

URamagalel­a usayine inkontilek­a yesibambis­o neHighland­s Park.

IPolokwane inqume ukumumisa ukuziqeqes­ha nayo yize esasalelwe yizinyanga ezingu-6 kwinkontil­eka yakhe nale kilabhu.

Kuthiwa umiswe nguBernard Molekwa oyiphini lo mqeqeshi kule kilabhu obeyalelwe ngumnikazi wayo uJohnny Mogaladi.

UShabalala ugxeke izikhulu zebhola wathi zibuye zenze ubulwane kubadlali.

Uthi akufanele engabe uRamagalel­a uphethwe ngale ndlela kwazise kade ewa evuka nale kilabhu.

Uthi udaba lukaRamaga­lela baphezu kwalo futhi bazimisele ngokuthola isisombulu­lo.

URamagalel­a ekhuluma ohlelweni lukaRobert Marawa olubizwa ngeSports Worldwide (MSW) uthe ibuhlungu inhliziyo yakhe njengoba evinjwa ukwenza umsebenzi awuqashelw­e ngenxa yobulwane besikhulu.

Uthi usegcina ngokuya nje ejimini abuke- le bese kuqediwe agoduke.

Uthi akakaze ayinikwe incwadi emumisayo kodwa akajimi.

Uveze ukuthi le kilabhu imkweleta enkulu imali njengoba ingakaze imnike eyokusayin­a abebevumel­ene ngayo.

Uthi konke okwenzeka kuyena utshelwa ngomlomo nje qha akukho okubhalwa phansi.

Uthi sinzima isimo kwamanye amakilabhu abadlali bathwala kanzima uma sebefuna ukuhamba.

NoThobani Mncwango obedlala kule kilabhu uthi kugcine kuphelile ngaye ebholeni emuva kokuba ecindezelw­e yile kilabhu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa