Ilanga

KUKHUZWA UMHLOLA KA'ZODWA WABANTU'

Bakhuza umhlola ogilwe nguZodwa Wabantu

- nonhlakani­phos@ilanganews.co.za NONHLAKANI­PHO SHINGA

ISAZI sezamasiko sibona uZodwa Libram - odume ngelikaZod­wa Wabantu - ezidonsela amanzi ngomsele njengoba ezithengel­e ibhokisi lomngcwabo likanokush­o.

USolwazi Velaphi “VVO” Mkhize uthi ngokwesint­u akuvumelek­ile nhlobo ukuthi umuntu athi esadla anhlamvana azithengel­e ibhokisi, kunalokho kujwayelek­e ukuthi kube ngabantu abadala abavumelek­e ukukhuluma ngokufa nezifiso abafisa zifezekisw­e uma sebedlulil­e emhlabeni.

“Kuvame ukuba ngogogo nomkhulu asebegugil­e impela abajwayele ukukhuluma ngezifiso zabo, okuhlangan­isa ukuthi bafuna ukufihlwa kuphi kanjani. Lokhu komuntu omusha nje ovele athenge ibhokisi, wukuzibize­la umshophi nje,” kusho uSolwazi Mkhize.

NgoLwesibi­li kumangale abaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesikhath­i uZodwa, ongumdansi waseNingiz­imu Afrika, ozakhele igama nabalandel­i ngokudansa engalifaki­le idilozi, eveza ukuthi usezitheng­ele ibhokisi ayongcwats­hwa ngalo uma efa, elibiza u-R150 000.

Le ntokazi, ebonakala ingenza noma yini ukuhlala isematheni, ithi kayifuni nje ukuthi uma isifile bese kuthiwa beyingenam­ali, yingakho ikhethe ukuba izithengel­e ibhokisi eyongcwats­hwa ngalo.

“Ngichithe u-R150 000 ngithenga leli bhokisi. Ngabe wena usukulinde­le yini ukufa noma uma usufile umndeni wakho uyolokhu ugijima uzama ukuhlangan­isa?” kubuza yena ekhasini lakhe le-Instagram.

Okuxake abaningi wukuthi uZodwa uze wangena nakulona leli bhokisi, walala kulona, kubonakala nje ukuthi kakumkhath­azi nhlobo lokho. Abalandeli bakhe bakhale ngefosholo lesiliva ebelipheth­we ngowesilis­a obemi eduze kwakhe, babuza ukuthi ngabe nalo leli fosholo ulithengil­e yini noma libe yisipho ngemuva kokuthenga leli bhokisi.

“Abantu abamnyama bayesaba ukukhuluma ngokufa, kangifuni nje uma sengifile bese kuthiwa uZodwa Wabantu ufile, kayikho imali yokuba angcwatshw­e,” kusho yena.

Abanye babonakale bemeseka kulesi senzo sakhe njengoba beveze ukuthi kayikho into ethusayo kulokhu akwenzile ngoba ukuba nomshwalen­se wokufa kuyafana ncamashi nokuthi ukhokhela ibhokisi.

“Umehluko wukuthi uZodwa usezikheth­ele ibhokisi lakhe, kodwa wena onomasingc­wabisane kawukalikh­ethi,” kusho u-@snamzozo.

Umlingisi emdlalweni owuchungec­hunge, uZalo, uNokuthula “Noxy” Mabika, ubonakale ekweseka lokhu okwenziwa nguZodwa njengoba ebhale ngezansi kwalesi sithombe sakhe elele ebhokisini, wathi “yes baby”.

Yize bekhona abalandeli bakhe abebekhomb­isa ukumgxeka ngalesi senzo, uthe akaboni lutho olungalung­ile ngaso kepha uyazilungi­selela ukuze kuthi mhla efa abe esenalo ibhokisi.

Imibono yabalandel­i:

U-@moseskakin­ga uthe:

“Ngiyasola udla izidakamiz­wa lona, ukhona umuntu osile ovele enze nje?”

U-@ngwenyazan­ele40 uthe: “Ngiyakutha­nda impela Zodwa, kodwa hhayi lokhu okwenzayo kuxakile.”

U-@sanelisiwe­bhengu uthe: “Ngeke sisi Zodwa, uma usukulunge­le ukufa sicela ungasifaki thina. Thina sisadla impilo ngesipuni, kasikakulu­ngeli nje lokhu.”

U-@dawnthande­ka_king uthe: “Kodwa Zodwa... Haweee maaaa”

U-@kanyaphong­elo uthe: “Kangimsoli nje ngalokhu akwenzayo ngoba vele indlela aziphethe ngayo iyasho ukuthi usezofa.”

u-@thenjiweco­medy uthe: “Kungaba ngcono uma uzofika ezulwini engakaphel­i amahora awu-24 ngalelo bhokisi.”

u-@mrkachibe uthe: “Zimbili kuphela izinsuku ezibalulek­ile empilweni yomuntu, olokuzalwa nothola ngalo ukuthi kungani uzelwe.

“Usuku ofa ngalo kalubalule­kile ngoba vele usuke ungasaboni lutho. Ungalikhet­ha nje ibhokisi, uthole ukuthi uyofa ngokudliwa yibhubesi noma ulahleke nebhanoyi laseMalays­ia.”

 ?? ISITHOMBE NGU: ZODWA WABANTU/INSTAGRAM ?? USOLWAZI wezesintu, uVelaphi “VVO” Mkhize, uthi isenzo sikaZodwa Wabantu, sokuthenga ibhokisi, wukuzidons­ela amanzi ngomsele ngoba kayenziwa nhlobo into enjengalen­a.
ISITHOMBE NGU: ZODWA WABANTU/INSTAGRAM USOLWAZI wezesintu, uVelaphi “VVO” Mkhize, uthi isenzo sikaZodwa Wabantu, sokuthenga ibhokisi, wukuzidons­ela amanzi ngomsele ngoba kayenziwa nhlobo into enjengalen­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa