Ilanga

Lisobishin­i iwele eliqophe i-video

Basola abantu ngokuhlane­kezela inkulumo yewele

- NOMFUNDO NGWANE NOTHANDEKA NGOBESE

INGCABHA isale newele elisabalal­ise i- video ngodaba obelusemat­heni ezinkundle­ni zokuxhuman­a, lukamakoti obekuthiwa ushade namadoda amabili angamawele akwaMnguni, eMtubatuba, akhonza ebandleni lamaNazare­tha.

ILANGA lithole ukuthi bekuhleli isigcawu sabefundis­i abakhulu, kudingidwa lolu daba eBuhleni izolo ngoLwesith­athu.

ILANGA lithole ngoMfu Mbongwa Nzama - ongomunye wabefundis­i abaphezulu kuleli bandla - ukuthi kabalibona­nga icala abangalibe­ka umfundisi obeshadisa laba - uMfu Mthandeni Ntombela - ngoba akukho okuphamben­e nomthetho akwenzile njengoba nasemabhuk­wini ebandla kubhalwe ukuthi ushadise uMnu Zakhele Mnguni nowakwakhe, uNkk Amanda Mnguni, uMaGumede.

Iwele leli elinye elinguMnu Sakhile Mnguni, elisabalal­ise le video, belibaphel­ezela, kugcinwa usiko. “Kalikho futhi icala ebesingali­beka bona abebeshada ngoba akukho okuphamben­e nebandla abakwenzil­e ngokuba baganane.

"Sibe sesivumela­na ngemuva kokuzwa zonke izinhlango­thi ukuthi umuntu ophume esandleni nguSakhile ngokushuth­a le video egcine seyidida abantu kwangathi uthi lo mfazi ngowabo bobabili nomfowabo.

"Sibe sesijuba abefundisi babo ukuba bamfake endleleni ngokuba bamenze aqonde ukuthi yini ayifaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a nokuthi yini okungafane­le ayifake. Sibacele nokuthi bahambe bayozwa emndenini ukuthi lezi zindandath­o abebefakan­a zona zithengwe ngubani, ngayiphi inhloso. Kuzothi uma abefundisi babo sebebuya nombiko ogcwele, mhlawumbe siqhubeke nodaba,” kusho uMfu Nzama.

Uthi okubajabul­isile njengeband­la, wukuthi abanikazi bodaba bebekhona, bephelezel­wa nguyise osekhule ngendlela emangalisa­yo, bekushoda iwele elisabalal­ise i- video.

“Uyise kasizange simhlome imibuzo ngoba sibona iminyaka yakhe, kodwa into ayenzile kuthe uma sekukhulun­yiwe, wasukuma wazibongel­a ukuthi udaba sigcine sikwazile ukuluxazul­ula ngendlela ngoba ubesehlala enexhala lokuthi uma efa, uzofa enecala uma lolu daba lungakaxaz­ululwa,” kusho uMfu Nzama.

ILANGA likhulume nomyeni (Zakhele) izolo ngemuva kokuba bevele esigcawini sasebandle­ni, ocele ukuba kuthintwe abantu abakhulume­la ibandla ngemibuzo eqondene nalo. ILANGA limbuza ngesimo sikamakoti njengoba kuke kwavela izindaba zokuthi akekho esimeni esihle selokhu kusabalele izindaba zokuthi ushade namadoda angamawele, uthe: “Akakabi sesimeni esihle, uyesaba ukuhamba emphakathi­ni ngenxa yalezi zindaba ebezehlisa isithunzi sakhe engumuntu wesifazane futhi osemncane.

"Esikudinga kakhulu nomkami njengamanj­e, ukwelulekw­a ngokommqon­do ngoba isimo esidlule kusona sinzima kakhulu. Ngizama konke okusemandl­eni ukumsiza ukuba abuyele esimeni ngoba kuwumseben­zi wami njengendod­a ukuba ngihlale ngimvikela.

"Okunye okungiphet­he kabi wukuthi ubaba ongizalayo usekhulile, sengesaba ukuthi lolu daba lungaze lumnyusele ngoshukela. Kungangihl­ukumeza impilo yami yonke ukuthi ubaba adlule emhlabeni ngenxa yethu,” kusho uMnu Mnguni.

Ebuzwa ukuthi umfowabo wayeqonde ukuthini ngayekusho kwi- video, uthe: “Ngicabanga ukuthi wayejabule kakhulu ukuthi iwele lakhe selinenkos­ikazi futhi lishadelwe yintombi nto, eliyikheth­e ebandleni. Ngabantu abaphenduk­ezele inkulumo yakhe. Ngisho singaba ngamawele, kodwa ngeke size sidlele esitsheni esisodwa. Le nkulumo ayeyikhulu­ma icace bha uma usazi kahle isiZulu,” kusho uMnu Mnguni.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa