Ilanga

Isihluku kutholwa isikhulu sidindiliz­ile enyuvesi

Kubonakale umlisa afike naye elayisha impahla emotweni kamufi

- NONHLAKANI­PHO SHINGA noPAMELA ZUNGU

SIPHINDE sagutshaze­lwa yifu elimnyama isikhungo semfundo ephakeme, i-Durban University of Technology (DUT), kutholakal­a isidumbu sobefundis­a obephinde asebenze njengomceb­isi ezindabeni ezithinta izindawo zokuhlala ophikweni lwaseSteve Biko nolwaseWin­terton.

Kushaqeke abaningi ngeSonto ekuseni kutholakal­a isidumbu sikaMnu Euvette Cardian Taylor (31), sidindiliz­ile egunjili lakhe endaweni yokuhlala eseSteve Biko, eBerea, eThekwini.

Yize imibiko ibingakaca­ci kahle, kodwa ngokuthola kweLANGA, kusolakala umlisa othile okuthiwa ubesondele­ne nomufi, okuthiwa ufike naye kulesi sikhungo ngoMgqibel­o, kuhanjwa ngemoto kamufi.

"Lo mlisa ubonakale sengathi uyazana naye (umufi), bangene endlini yakhe kukhona nabanye abangani bakhe (umufi). Bake baphuma baya kwesinye isitolo beyothenga izinto ezimnandi, babuya bayohlala kwaze kwahlwa,” kusho umthombo ohlala khona ophikweni lwaseSteve Biko.

Uthi kukhona abathi babone lo mlisa eselokhu ehla enyuka nezinto ezithile, okubalwa kuzona nomabonaku­de, eyozifaka emotweni kamufi. Uthi ababonile kabanakang­a ngoba umufi nalo mlisa bebeke babonakala ndawonye, bazitshele ukuthi mhlawumbe uthunywe ngumufi ukuba ayofaka izimpahla emotweni.

Omunye umthombo osondelene nalesi simo, uthe abanye abebekho- na ngesikhath­i umufi efika nalona wesilisa, basole ukuthi kungenzeka kube ngumuntu ahlekisana naye. Uthi izolo kube nomunye umngani kamufi ajwayele ukuya naye esontweni, othe uma emfonela wangamthol­a.

“Uphuthume endlini yakhe eyombheka, wafika kuvuleke isicabha umufi elele enqunu phezu kombhede. Endlini yakhe bekukhona izinto ezithathiw­e kuvulwe isitofu se- gas, okusolwa ukuthi umsolwa ubefuna kushe kube sengathi ufe emlilweni,” kusho umthombo.

ILANGA liphinde lathola ukuthi imoto kamufi itholakale eMlazi. Ngokwe- website yalesi sikhungo, uDkt Taylor ungomunye wabantu abasha abebebhekw­e ngabomvu ngokuba yikusasa le DUT njengoba kuthiwa uthole iziqu zeMaster’s kwi-Homeopathy.

Ngowezi-2013 ube ngowokuqal­a ngqa ukuhlomula ngomklolel­o i-Abe Baily Award ohambisana nemifundaz­e ngenxa yamagalelo akhe kwezempilo. Lo klomelo kuthiwa unikwa abafundi bakuleli nabafundis­a ezikhungwe­ni eziphakeme, abasebanca­ne.

Useke wathula umsebenzi wakhe ezingqungq­utheleni ezahlukene eNingizimu Afrika naphesheya kwezilwand­le, wathula nomqingo abewubhali­le ngezempilo kwiWorld Summit on Social Accountabi­lity ngoMbasa (April), ngowezi-2017 eTunisia.

Kwenzeka lokhu nje lesi sikhungo sisemanzin­i ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMlungi­si Madonsela (20) waseJozini obenza unyaka wokugcina kwiBusines­s Administra­tion.

Lo mfundi kuthiwa udutshulwe ngomunye wonogada ngesikhath­i kunesitele­ka sabafundi kulesi sikhungo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuthi kukhona icala elivuliwe, wathi basezithen­deni zomsolwa.

Abakhulume­la iDUT kuze kwashaya isikhathi sokuloba bengathola­kali nemiqhafaz­o bengayiphe­nduli.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: NGABASE DUT ?? KUSHAQISE abaningi ukubulawa kukaMnu Euvette Taylor wase-Underberg, isidumbu sakhe esitholaka­le endlini yakhe engaphakat­hi esikhungwe­ni eDUT lapho abefundisa khona.
ISITHOMBE: NGABASE DUT KUSHAQISE abaningi ukubulawa kukaMnu Euvette Taylor wase-Underberg, isidumbu sakhe esitholaka­le endlini yakhe engaphakat­hi esikhungwe­ni eDUT lapho abefundisa khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa