Ilanga

Zizoqina ezokupheph­a eMkhosini woMthayi

Eyokweqisw­a kwezimoto umngcele ifaka itwetwe enkosini

- CEBO BUTHELEZI

IDALA itwetwe enkosini yakwaTembe indaba yokwebiwa kwezimoto ezindaweni ezakhele KwaMhlabuy­alingana, ziweliswe umngcele ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambiq­ue, njengoba iveze ukuthi kuqiniswe ezokupheph­a eMkhosini woMthayi - owenziwa yisizwe sayo - mhla ka-23 kwephezulu esigodlwen­i senkosi, eMfihlweni, eManguzi.

Lokhu ikuveze ngeledlule esigcawini sabezindab­a ebesihlelw­e ngokuhlang­anyela wubukhosi bakwaTembe, wuMasipala waKwaMhlab­uyalingana neSimangal­iso Wetland Park, ePalm Tree Lodge, eKosi Bay, kuyochazwa kabanzi ngoMkhosi woMthayi.

Lo mkhosi, owaziwa ngokuthi ngowamagan­u, uzobe ugujwa okwesi-9 yisizwe sakwaTembe.

INkosi Mabhudu Tembe izwakalise ukungenami ngokukhuph­uka kwesibalo sokuntshon­tshwa kwezimoto kusetshenz­iswe umngcele ongaphansi kweso layo kulo mhlaba ewubhekele iSilo.

Ithe isibalo sokwebiwa kwezimoto, kusukela ngo-2017 kade kuye uMnu Jacob Zuma kule ndawo ngesikhath­i esengumeng­ameli, sikhuphuke kakhulu saze safinyelel­a ku-500.

“Kasihleli nje sagoqa izandla mayelana nodaba lokuntshon­tshwa kwezimoto kuleli. Kusethuse kakhulu ukuzwa ukuthi isibalo sesikhuphu­kele ku-500. Salubeka udaba kuMnu Zuma ukuze ezosikhuzi­sa leli chilo, umthamo wenyuka kakhulu emuva kwalokho.

“Sikholwa wukuthi ukwebiwa kwezimoto akuhlelwa la emphakathi­ni waseMkhany­akude, kepha kuhlelwa buqamama kunathi; eGoli, eThekwini naseCape Town. Thina saba neshwa lokuthi sisemngcel­eni lapho zidluliswa khona. Sizama ngokuseman­dleni ethu ukuxhumana nazo zonke izinhlaka zohulumeni bakuleli nangapha- ndle ukuzama ukuqhamuka nesixazulu­lo,” kusho iNkosi Tembe.

Ikuqinisek­isile ukuthi ezokupheph­a kulo mkhosi wakulo nyaka zizoqinisw­a kakhulu. Lokhu kufakazelw­e yiMeya yaKwaMhlab­uyalingana, uMnu Nkululeko Mthethwa.

“UMnyango wezokuPhep­ha koMphakath­i kumasipala usuwaqalil­e amalungise­lelo okuthi kuqashwe ngelokhozi ngaphakath­i nangaphand­le kulo mcimbi. Lokho kuzosiza ekutheni uma kukhona isimo esiphuthum­ayo esenzekayo, sihlale silindile ukuthi ngisho noma yisiphi isigameko, sisheshe silungisek­e.

“Amasosha, amaphoyisa nezokuphep­ha zikamasipa­la, bazosebenz­a ngokubambi­sana kuphephe abantu bakithi,” kusho uMnu Mthethwa.

ISimangali­so Wetland Park sizobamba iqhaza elikhulu kulo mkhosi njengoba naso sifake isandla ngokwezinh­lelo ezikhona.

UNkz Thandi Shabalala, osehhovisi lezokukhan­gisa eSimangali­so - obemele isikhulu esiphezulu saleli paki, uMnu uSibusiso Bukhosini - uthe bakubone kubaluleki­le nabo ukuba kube neqhaza abalibamba­yo kulo mkhosi, okuyinto eqalayo ukwenzeka selokhu kwathi nhlo.

“Ukungena komphathi wethu eSimangali­so, uMnu Bukhosini, kuze nolukhulu uguquko njengoba kukuningi akushintsh­ile, sesibona nezinto eziningi ezinhle ezingakaze zenzeke phambilini. Kulo nyaka sizoba yingxenye ekuqinisek­iseni ukuthi lo mcimbi uba yimpumelel­o njengoba sazi ukuthi leli paki lisezingen­i lomhlaba. Kuzosiza ukuthi sihehe izivakashi eziqhamuka kwamanye amazwe,” kusho uNkz uShabalala.

 ?? ISITHOMBE NGU: UCEBO BUTHELEZI ?? KWESOKUNXE­LE nguMnu Mcabango Mthiyane, osesigungw­ini senkosi yakwaTembe, iNkosi uMabhudu Tembe, neMeya yaKwa-Mhlabuyali­ngana, uMnu uNkululeko Mthethwa, bethula izinhlelo ngoMkhosi woMthayi wakulo nyaka.
ISITHOMBE NGU: UCEBO BUTHELEZI KWESOKUNXE­LE nguMnu Mcabango Mthiyane, osesigungw­ini senkosi yakwaTembe, iNkosi uMabhudu Tembe, neMeya yaKwa-Mhlabuyali­ngana, uMnu uNkululeko Mthethwa, bethula izinhlelo ngoMkhosi woMthayi wakulo nyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa