Ilanga

"Amaphara" abamise kabi eLusikisik­i

Kuboshwe amalungu omphakathi atitinye izigebengu

- ANDILE MOSHOESHOE

SISHUBILE isimo edolobheni eLusikisik­i, ngaphansi kukaMasipa­la iNgquza, e-Eastern Cape ngenxa yezinswela­boya ezibhokile, osekuze kwaholela ekutheni kuboshwe amalungu omphakathi agcine esezithath­ela umthetho, atitinya izigebengu ezingamaph­ara.

Kunezehlak­alo ezibikwayo lapho kuye kubanjwe inkunzi emini kwa-bha, kutholakal­e izidumbu zabantu zicwiyiwe.

Lobu bugebengu buholele ekutheni amanye amalungu omphakathi athi sekwanele, asungula ithimba “elingoqond­a”, elibizwa ngeLusikis­iki Forum, elisebenza ngokubambi­sana namaphoyis­a ukuze kuliwe nobugebeng­u kuleli dolobha.

Ngeledlule kubikwa ukuthi amalungu omphakathi ashaye abulala amaphara amathathu edolobheni eLusikisik­i. Amabili ashonele endaweni yesigameko, elilodwa laphangala­lela esibhedlel­a.

Kuboshwe uMnu Vuyani Biyati (69) noMnu Sabatha Thembisani (24) - abangamalu­ngu omphakathi - ngalesi sehlakalo, bakhishwa ngebheyili emuva kwemashi emise idolobha. Kule mashi amalungu omphakathi abesola amaphoyisa ngokungawe­nzi ngokuphuth­uma umsebenzi wawo.

UMnu Biyati noMnu Thembisani kulindelek­e ukuba baphinde bavele eNkantolo yeMantshi yaseLusiki­siki mhla ka-17 kuMbasa (April). Nokho uMnu Thembile Sibunge, ongomunye wabaholi bomphakath­i okhathazek­ile, akakufakaz­elanga ukuthi la malungu aboshiwe ayingxenye yethimba labo.

“Ngeke sikubekeze­lele okwenzeka la edolobheni, lapho sizobukela abantu behlukunye­zwa yizigebeng­u ezingabafa­na abancane. Sincamela ukufa!” kusho uMnu Sibunge. Uthe kade kwasa behlangana namaphoyis­a kukhulunyw­a indaba yokuthi ahlale ebonakala edolobheni, kodwa kungenzeki.

Utshele ILANGA ukuthi sebehlele ukuphinde bahlangane nawo nezikhulu zikaMasipa­la waseNgquza Hill.

“Okubuhlung­u manje wukuthi laba bafana sesiyababo­na ukuthi bayaziphin­disela njengoba beke bagwaza elinye ilungu lomphaka- thi kodwa lasinda,” kusho uMnu Sibunge.

Uthi ubugebengu benziwa emini kwa-bha edolobheni, amaphara abamba inkunzi izalukazi nabathengi.

“Kawanqeni ukuvele akubambe akuthwale, akubuze ukuthi kungani ungasayi ekhaya kumbe ungasagodu­ki, kube sengathi angamalung­u omndeni wakho kanti yisu lokuthi singanaki. Ahamba nawe aye esikhothen­i, akuthathel­e konke kumbe akubulale,” kusho uMnu Sibunge.

Uthe bake babamba amanye amaphara bawatitiny­a, aveza ukuthi abantu ababulalay­o bayacwiywa izicubu ziyodayise­lwa “isangoma” esiseParlm­eton, khona eLusikisik­i.

“Kuyimanje sisalandel­a umkhondo waleso sangoma,” kusho uMnu Sibunge.

Uthi idolobha laseLusiki­siki libhekene nenkinga yabantu abatholaka­la bebulewe.

Okhulumela amaphoyisa endawo, uCapt Nozuko Handile, uthe nakuba zivamile izehlakalo zokubulawa kwabantu endaweni, kodwa kalikho icala lobugebeng­u obenziwa ngamaphara eselike lavulwa, yingakho benxenxa umphakathi ukuba ungazithat­heli umthetho. Ulincomile iqhaza lomphakath­i lokuba yingxenye yezinhlelo zabo zokulwa nobugebeng­u.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GROUNGUP ?? NGAMALUNGU omphakathi emasha ngaphandle kweNkantol­o yeMantshi yaseLusiki­siki emuva kokuboshwa kwabasolwa ngokubulal­a amaphara.
ISITHOMBE NGABE: GROUNGUP NGAMALUNGU omphakathi emasha ngaphandle kweNkantol­o yeMantshi yaseLusiki­siki emuva kokuboshwa kwabasolwa ngokubulal­a amaphara.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa