"Amaphara" abamise kabi eLusikisiki
Kuboshwe amalungu omphakathi atitinye izigebengu
SISHUBILE isimo edolobheni eLusikisiki, ngaphansi kukaMasipala iNgquza, e-Eastern Cape ngenxa yezinswelaboya ezibhokile, osekuze kwaholela ekutheni kuboshwe amalungu omphakathi agcine esezithathela umthetho, atitinya izigebengu ezingamaphara.
Kunezehlakalo ezibikwayo lapho kuye kubanjwe inkunzi emini kwa-bha, kutholakale izidumbu zabantu zicwiyiwe.
Lobu bugebengu buholele ekutheni amanye amalungu omphakathi athi sekwanele, asungula ithimba “elingoqonda”, elibizwa ngeLusikisiki Forum, elisebenza ngokubambisana namaphoyisa ukuze kuliwe nobugebengu kuleli dolobha.
Ngeledlule kubikwa ukuthi amalungu omphakathi ashaye abulala amaphara amathathu edolobheni eLusikisiki. Amabili ashonele endaweni yesigameko, elilodwa laphangalalela esibhedlela.
Kuboshwe uMnu Vuyani Biyati (69) noMnu Sabatha Thembisani (24) - abangamalungu omphakathi - ngalesi sehlakalo, bakhishwa ngebheyili emuva kwemashi emise idolobha. Kule mashi amalungu omphakathi abesola amaphoyisa ngokungawenzi ngokuphuthuma umsebenzi wawo.
UMnu Biyati noMnu Thembisani kulindeleke ukuba baphinde bavele eNkantolo yeMantshi yaseLusikisiki mhla ka-17 kuMbasa (April). Nokho uMnu Thembile Sibunge, ongomunye wabaholi bomphakathi okhathazekile, akakufakazelanga ukuthi la malungu aboshiwe ayingxenye yethimba labo.
“Ngeke sikubekezelele okwenzeka la edolobheni, lapho sizobukela abantu behlukunyezwa yizigebengu ezingabafana abancane. Sincamela ukufa!” kusho uMnu Sibunge. Uthe kade kwasa behlangana namaphoyisa kukhulunywa indaba yokuthi ahlale ebonakala edolobheni, kodwa kungenzeki.
Utshele ILANGA ukuthi sebehlele ukuphinde bahlangane nawo nezikhulu zikaMasipala waseNgquza Hill.
“Okubuhlungu manje wukuthi laba bafana sesiyababona ukuthi bayaziphindisela njengoba beke bagwaza elinye ilungu lomphaka- thi kodwa lasinda,” kusho uMnu Sibunge.
Uthi ubugebengu benziwa emini kwa-bha edolobheni, amaphara abamba inkunzi izalukazi nabathengi.
“Kawanqeni ukuvele akubambe akuthwale, akubuze ukuthi kungani ungasayi ekhaya kumbe ungasagoduki, kube sengathi angamalungu omndeni wakho kanti yisu lokuthi singanaki. Ahamba nawe aye esikhotheni, akuthathele konke kumbe akubulale,” kusho uMnu Sibunge.
Uthe bake babamba amanye amaphara bawatitinya, aveza ukuthi abantu ababulalayo bayacwiywa izicubu ziyodayiselwa “isangoma” esiseParlmeton, khona eLusikisiki.
“Kuyimanje sisalandela umkhondo waleso sangoma,” kusho uMnu Sibunge.
Uthi idolobha laseLusikisiki libhekene nenkinga yabantu abatholakala bebulewe.
Okhulumela amaphoyisa endawo, uCapt Nozuko Handile, uthe nakuba zivamile izehlakalo zokubulawa kwabantu endaweni, kodwa kalikho icala lobugebengu obenziwa ngamaphara eselike lavulwa, yingakho benxenxa umphakathi ukuba ungazithatheli umthetho. Ulincomile iqhaza lomphakathi lokuba yingxenye yezinhlelo zabo zokulwa nobugebengu.