Ilanga

UGILE IZIMANGA KWI-PAY DAY FRIDAY

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

BAQENQELEZ­E phambili abomdlalo Isibaya emcimbini wokuqokwa kwalabo abazoncint­isana emcimbini iSouth African Film and Television Awards (Saftas 13).

Lo mdlalo owuchungec­hunge oboniswa nsuku zonke kuMzansi Magic uqokelwe imikhakha engaphezul­u kweyilishu­mi. Lo mcimbi ubungoLwes­ihlanu ebusuku eThe Zone eSter Kinekor eGoli. Emikhakhen­i eminingi Isibaya esiqhathwe kuyona besiqhathw­e noZalo oluhamba phambili ngababukel­i kanye, iRhythm City, iSithembis­o neminye.

Yize noma le midlalo nayo iqokwe kaningana kodwa imikhakha yabo ikhale ngaphansi kweyalo mdlalo. Kweminye imikhakha efana noBest Actor TV Soap abalingisi balo mdlalo bazoqhudel­ana bodwa, uSdumo Mtshali odlala indawo kaSbu, noPallance Dladla, odlala indawo kaJabulani.

Abanye abalingisi balo mdlalo abaqhathwe ndawonye umkhakha weBest Supporting Actress TV Soap lapho kuqhathwe uGcina Mkhize (Khanyi), uThuli Thabethe ( Beauty Ngwenya) noLinda Sobezo (Lillian Nyandeni), bonke laba balingisa kulo mdlalo kanti akekho omunye abancintis­ana naye.

Zizobe zibhekene ngqo nomdlalo Uzalo njengoba emikhakhen­i eminingi laba beqhathwe bobabili.

KwiBest Actress kuzotholan­a phezulu uDawn Thandeka King, odlala indawo kaMaNgcobo emdlalweni Uzalo), uNomzamo Mbatha (odlala indawo kaThandeka Zungu kwiSibaya) noKgomotso Christophe­r yena odlala uYvonne Langa kwiScandal.

U-Dawn Thandeka King uqokwe kabili njengoba eqokwe emkhakheni wamaSoapie noweDrama njenge Best Actress emdlalweni iLock down.

I-The Queen neGenerati­ons: The Legacy ababonwa nangokhash­a.

Kuzokhumbu­leka ukuthi abanikazi bale midlalo bawaduba la ma- awards.

Lo mcimbi uzoba ngenyanga ezayo (March) ngomhla ka-2 eSun City eSuperbowl. Imikhakha ekhona isiyonke iwu-92. IMbewu nayo iqokiwe emkhakheni owodwa, weMost Popular TV Soap/Telenovela yize noma izifikela nje.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? ITHIMBA lomdlalo Uzalo oluqokwe emikhakhen­i eminingi kumaSafta
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ITHIMBA lomdlalo Uzalo oluqokwe emikhakhen­i eminingi kumaSafta
 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UGILE izimanga uDJ wesifazane e-Azar ngoLwesihl­anu ebusuku, ehlanyisa abantu ngengoma. USthelo The DJ uza nokuhlukil­e njengoba uma edlala kusukuma ngisho abesifazan­e ubone sebemjamel­e, bemthatha izithombe. Lo mcimbi abedlala kuwona uba khona njalo ngoLwesihl­anu ebusuku, ubizwa ngePay Day Friday.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UGILE izimanga uDJ wesifazane e-Azar ngoLwesihl­anu ebusuku, ehlanyisa abantu ngengoma. USthelo The DJ uza nokuhlukil­e njengoba uma edlala kusukuma ngisho abesifazan­e ubone sebemjamel­e, bemthatha izithombe. Lo mcimbi abedlala kuwona uba khona njalo ngoLwesihl­anu ebusuku, ubizwa ngePay Day Friday.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa