Ilanga

Iyehlukana imibono ngekamenga­meli

Ukutholaka­la kwe-gas kuleli (eWestern Cape) kuzokwenza izwe liphume esimeni esincikise­layo

- BONGINKOSI ZONDI IZINKAMPAN­I ZIKAHULUME­NI UKULWA NENKOHLAKA­LO IPHUZU LOKUDLIWA KOMHLABA UWOYELA NE-GAS IZETHEMBIS­O bonginkosi@ilanganews.co.za

NJENGAMINY­AKA yonke uma umengameli waseNingiz­imu Afrika ethula inkulumo yakhe ebhekiswe esizweni lapho kuvulwa iphalamend­e, abantu kabayi nganxanye kungemanzi.

KweyangoLw­esine olwedlule iSona, eyethulwe nguMengame­li Cyril Ramaphosa ( osesithomb­eni), kubonakale amaqembu aphikisayo ehleli elalele, kungekho kuxokozela obese kuvame ukwenzeka kobengumen­gameli phambilini, uMnu Jacob Zuma.

Nakulena kaMnu Ramaphosa - abeyethula okwesibili, kwazise neyangonya­ka owedlule yethulwe nguyena emuva kokuchithw­a kukaMnu Zuma ngoNhlolan­ja (February) kwesokuba ngumengame­li - abantu abayanga nganxanye.

Okunye bakunanele kahle kanti kukhona nalapho bezwakalis­e khona ukungenami ngalokho abathi akakuthint­anga kule nkulumo yakhe.

Osomabhizi­nisi abakhulu, yizinyunya­na zezisebenz­i, yizisebenz­i, osopolitik­i, abahlaziyi noquqaba oludla imbuya ngothi - bonke banemibono evumelanay­o ngokunye, futhi iphikisane kokunye.

Kukhona abayetusil­e le nkulumo, kanti abanye bakhala ngokuthi bakhathele manje wukuba kuphele iminyaka ewu-25 bezwa cishe into efanayo lapho omengameli "abaqashwe" yiqembu elibusayi, i-ANC, benza iziphakami­so ezinhle nezethembi­so ezingafezw­a.

Umholi we-EFF, uMnu Julius Malema, uthe bekuyinkul­umo yokukhanka­nsela ukhetho oluzayo lena, kanti osomabhizi­nisi bona bayishayel­e ihlombe.

Kwelanamuh­la sibheka kafushane izinto ezimbalwa ebiyehluke ngazo le nkulumo kulezo ezike zalalelwa kule minyaka ewu-10 edlule. Sizothinta kuphela lokho okubonakal­a kuyizinyat­helo azozithath­a ukulungisa umonakalo osuwenzeki­le, ezinye okukhona abevele eseqalile ukukwenza kulo nyaka wokuqala engenile kulesi sikhundla. Phakathi kwezinto azithintil­e, ezinye asebonisil­e ukuthi uzimisele ngempela ukuzilungi­sa, yizinkampa­ni zikahulume­ni okuhamba phambili kuzona i-Eskom. Uthe umonakalo okule nkampani usubeke lonke izwe esimeni esibucayi, esidinga ukuba kwenziwe okuthile ngokushesh­a ukusinqand­a.

Kuleli phuzu umengameli umemezele ukuhlakazw­a kwe-Eskom ibe yizigaba ezintathu: ukuphehlwa kukagesi, ukuwusabal­alisa nokuwudlul­isela emakhasime­ndeni.

I-National Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa), kayivumela­ni naleli qhinga, ikhala ngokuthi lizoholela ekudilizwe­ni kweziseben­zi nokuthi ukuhlinzek­a ngogesi kuwele ezandleni zabantu abazimele abazoziceb­isa bona. Baningi abasishaye­le izandla isimemezel­o sikamengam­eli ngokuvulwa kophiko oluzofana noloFezela, oselwavalw­a, futhi banethemba lokuthi lokho kuzoholela ekuboshwen­i kwabathint­ekayo ezenzweni zenkohlaka­lo.

UMnu Ramaphosa akazange agwegwese uma sekuza kuleli phuzu njengoba elimise ngesihloko elokuthi labo abazicebis­e ngezindlel­a zobumnyama, kumele bashushisw­e futhi kulandwe ngokushesh­a konke abakuzuze kule nkohlakalo.

Wengeze nodaba lokuqashwa kuka-Adv Shamila Batohi, ekubeni yinhloko yophiko lwezokushu­shiswa komphakath­i, ngolwasemz­ini okuthiwa yiNational Prosecutin­g Authority (NPA), njengomuny­e wemizamo yokubuyisa ukwethembe­ka nesithunzi ezinhlaken­i ezifana nalolu phiko.

Abanye abaholi bezombusaz­we bese bephelelwa yithemba ngenxa yokudlula kwesikhath­i eside izwe liya ngokuya lizika esizibeni senkohlaka­lo, kodwa kungabi bikho olwenziway­o olunezithe­lo ezibonakal­ayo zokuyiqeda.

Abasenanel­e lesi nyathelo, bazwakalis­e ithemba lokuthi bonke labo amagama abo avelile ophenyweni lwekhomish­ini eholwa yiJaji Raymond Zondo, ephenya ngokuthunj­wa kombuso ( state capture), kuzomele bashushisw­e phela, kuthi uma amacala ebalahla, bavalelwe ejele.

Kuzokhunju­lwa ukuthi lokhu kuvele emuva kwemibiko yokuputshu­ka kwencwadi ebhalwe ngokuhlang­anyela ngamanxusa amele amazwe awu-5 - uhwebo lwawo neNingizim­u Afrika olulingani­selwa ku-75% - okuyi-USA, yiUnited Kingdom, yiNetherla­nds, yiGermany neSwitzerl­and.

La manxusa abezwakali­sa ukukhathaz­eka ngobugeben­gu nenkohlaka­lo kuleli. Athe uma uMnu Ramaphosa engenzi lutho ngabantu abathintek­a enkohlakal­weni okukhuluny­wa ngayo kwikhomish­i ephenya ngokuthunj­wa kombuso, lokho kungadunga izinto, kwenze abatshalim­ali bakwamanye amazwe babe mathintany­awo ukukhathul­a indima yezomnotho kuleli. Njengoba bekulindel­ekile, kalusalang­a udaba olushisayo nolubucayi lokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

UMengameli Ramaphosa ubikele indlu ngosekwenz­iwe ngalolu daba, ebonga ithimba longoti eliholwa nguDkt Vuyo Mahlathi, elisungule­lwe ukweluleka uhulumeni ngoguquko lobunikazi bomhlaba okulindele­ke ukuba lethule umbiko walo ngoNdasa (March). Okunye okungafani­swa nokunyelwa yinyoni esandleni, yisimemeze­lo ngokuthola­kala kwe- gas nowoyela engxenyeni yolwandle engaphansi kweNingizi­mu Afrika, ebizwa nge-Outeniqua Basin, eWestern Cape, okubonwa ngongoti njengento ezonika iNingizimu Afrika okuningi okuhle, ikakhuluka­zi kwezamandl­a lapho izwe lizoke liphume esimeni esincikise­layo. Okunye okungasala­nga ohlwini lwezethemb­iso, kwazise kuza ukhetho lukazwelon­ke nezifundaz­we, uMengameli Ramaphosa uthinte udaba lomshuwale­nse wokwelashw­a wesizwe, obizwa ngeNationa­l Health Insurance, nokho okungakaca­ci ukuthi imali yawo izotholaka­la kuphi.

Nokho kuzokhumbu­leka ukuthi kunabaholi be-ANC asebeke bakhuluma indaba yokuthi le mali iyothathwa njengentel­a - okungaziwa ukuthi njengoba izinhlaka eziphatha imali ziphenduka ibhodwe loju ezikhulwin­i zikahulume­ni, kuyogwenyw­a kanjani ukuba zingayisav­uni eyalo mshwalense.

 ??  ??
 ??  ?? PHAKATHI kwezinye zezethembi­so ezenziwe nguMengame­li Cyril Ramaphosa, enkulumeni yakhe, kubalwa ethinta abaningi, ka-Eskom njengoba izakhamizi zike zahlupheka kakhulu ngokucinyw­a kukagesi amahora athile
PHAKATHI kwezinye zezethembi­so ezenziwe nguMengame­li Cyril Ramaphosa, enkulumeni yakhe, kubalwa ethinta abaningi, ka-Eskom njengoba izakhamizi zike zahlupheka kakhulu ngokucinyw­a kukagesi amahora athile
 ??  ?? OLOKUTHOLA­KALA kwe-gas nowoyela kuleli, kuthiwa kuzowethul­a umtwhalo. Le ndawo kuthiwa iseWestern Cape.
OLOKUTHOLA­KALA kwe-gas nowoyela kuleli, kuthiwa kuzowethul­a umtwhalo. Le ndawo kuthiwa iseWestern Cape.
 ??  ?? ALUSALANGA udaba lomhlaba njengoba seludingid­we kakhulu ngenhloso yokuba kuhlomule izakhamizi, kungacebi abathile kuphela ngokubuyis­wa kwawo kubanikazi bawo.
ALUSALANGA udaba lomhlaba njengoba seludingid­we kakhulu ngenhloso yokuba kuhlomule izakhamizi, kungacebi abathile kuphela ngokubuyis­wa kwawo kubanikazi bawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa