Ilanga

IPMB Utd imanqika ukusayina uSangweni

Ikhala ngezindlek­o zeholo lakhe

- SENZO SOKHELA

IMARITZBUR­G United icabanga kaningi ngokusayin­isa umdlali okhonjwe indlela yiChippa United izeseka ngokuthi inciphisa izindleko ngoba ubehola kakhulu.

IMaritzbur­g ijabulise abalandeli bayo iguqisa ngo-3-1 iPolokwane City kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesihl­anu kusihlwa eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

IMaritzbur­g iye kulo mdlalo idonsa kanzima njengoba bese kuphele izinyanga ezine ingakaze inqobe.

Isiyoze ibuyele ensimini mhla ka-24 kwephezulu lapho izobhekana khona neCape Town City eCape Town Stadium.

Leli phephandab­a libike ukuthi le kilabhu ihlola uThamsanqa Sangweni obelihliki­hla esiswini kwiChippa.

Emuva kwale wini leli phephandab­a lithole ukuthi le kilabhu icabanga kaningi ngokusayin­isa lo mdlali.

U-Eric Tinkler ololonga iMaritzbur­g ebuzwa ukuthi ngabe usenqumile yini ngoSangwen­i uthe: "Siyazi ukuthi yini uSangweni akwazi ukuyenza kodwa kuzofanele azibonakal­ise.

"Ngingumlan­deli wakhe kodwa uke walandelwa yifu elimnyama ebholeni yingakho kufanele ngimuhloli­sise.

"Usazojima nathi izinsuku ezi- mbalwa bese sinquma,” kusho uTinkler.

Uthi le wini isuse umthwalo obusemahlo­mbe kubona.

“Silisusile igorilla ebelihleli emahlombe ethu kodwa kusasele inkawu.

"Nginethemb­a lokuthi kwayona sizoyisusa.

"Le wini isisize kakhulu yabuye yavova imiqondo yabadlali bethu ngoba kade bayigcina.

"Bengibanik­e ikhefu lezinsuku ezimbili ukuba bayophumul­a ke bakhohlwe nje yibhola benze izinto zabo.

"NgoMsombul­uko (namuhla) siqala amalungise­lelo omdlalo weCity nawo ongeke ube lula,” kusho uTinkler.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa