Ilanga

BATHEMBISA UKUQEDA NGE-ORLANDO PIRATES

- SENZO SOKHELA

IZALELWE yinja endlini i-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi iqembu ezobhekana nalo koweCaf Champions League lisonga ukuyenza isilo sengubo.

IBucs izobhekana ne-Esperance yaseTunisi­a koka-group B koweChampi­ons League kusasa ngoLwesibi­li ngo-15h00 kulo leliya lizwe.

La makilabhu ashayane aze abukana kuba ngu-1-1 emdlalweni obuse-Orlando Stadium, eSoweto, emasontwen­i amabili edlule.

IBucs iyona eqhwakele kuleli qoqo, ilandelwe iyona le kilabhu yaseTunisi­a.

Nokho womabili la makilabhu anamaphuzu amahlanu emidlalwen­i emithathu.

Leli phephandab­a lithole ukuthi le kilabhu yaseTunisi­a isonga ngokuyenza isilo sengubo iBucs kulo mdlalo. Kuthiwa nabalandel­i bayo bathembisa ukuyihluku­meza ngoba abafuni ihambe nephuzu.

UBen Motswari odlala esiswini kwiBucs uthi bayazi vele ukuthi babhekene nobunzima kule kilabhu.

“Siyazi ukuthi ithandwa kanjani ezweni layo, abalandeli bayo bagila imikhuba uma idlala.

"Kodwa-ke sizilindel­e zonke lezo zimo ngoba besazi singena kulo mqhudelwan­o ukuthi sizobhekan­a nazo.

"Kuzofanele luqine ngempela ukhakhayi uma sifuna ukunqoba lo mdlalo singabheki ezinye izinto ezenzeka eceleni sibhekane nawo ngqo. Singabuya nokuthile kulo mdlalo yize kona kuzokuba nzima,” kusho uMotswari.

Komunye umdlalo weChampion­s League, iMamelodi Sundowns izobhekana ne-ASEC Mimosa yaseIvory Coast koka-group A kusasa ngoLwesibi­li ngo-18h00 kulo leliya lizwe.

Emlenzeni wokuqala iDowns inenebule ngo-3-1 leli qembu emdlalweni obuseLoftu­s Stadium, ePitoli emasontwen­i amabili edlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa