Ilanga

Uveza ikhambi lakhe unozinti woSuthu

Uthu uyawubheke­la umsamo wakhe

- MFANAFUTHI NDLOVU

UVEZA ikhambi okuyilona elenza abukeke ephumelela unozinti wamaZulu FC aguqise iCape Town City ngo-1-0 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o kusihlwa eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Igoli okunqobe ngalo uSuthu libekwe enethini nguThapelo Nyondo odlala emuva.

USiyabonga “Nqaba” Mbatha ovimbela uSuthu ugile izimanga kulo mdlalo enqaba ukuthi iCity ibhakuzise inethi lakhe.

ICity ithole iphenathi umdlalo usanda kuqala yashaywa nguKermit Erasmus wayivimba uMbatha.

Selokhu ejoyine uSuthu ayikamgene­li iphenathi womathathu abebhekene nawo uwavimbe wonke.

UMbatha uqokwe njengomdla­li ovelele kulo mdlalo weCity.

Sekungokwe­sibili kulandelan­a ehamba nalo mklomelo njengoba nasemdlalw­eni abahlule kuwona iMamelodi Sundowns ngo-2-0 ePitoli ewunqobile.

Lo mdlali exoxa naleli phephandab­a izolo ngeSonto ekuseni uveze ikhambi athi yilona elimsebenz­elayo ukuze izinto zakhe zihlale zikhanya.

“Into engisiza kakhulu ukuze izinto zami zihlezi zikhanya wukuthi ngiyawabon­ga amadlozi akithi angiwakhoh­lwa nangengozi ngoba yiwona engikholwa wukuthi angibhekil­e futhi angilethel­a okuhle.

Kwakusasa (namuhla ngoMsombul­uko) kukhona engikwenza­yo ngoba ngiyakhole­lwa ezintweni zesintu,” kusho uMbatha.

Uthi bebazi ukuthi bazoyihlul­a iCity ngoba bese beyifunde kahle lapho ibuthaka khona.

“Besazi ukuthi uma sithole igoli kuqala bazodideka baphithane­lwe ngamakhand­a.

"Ukuvimba kwami iphenathi kwenze amajita afaka umfutho kakhulu kunakuqala.

"Sijabule ngalo mphumela wenza singabi navalo lokugencwa yizembe,” kusho uMbatha.

Lo mdlali kubhekwe ngabomvu ukuthi yisiphi isizathu esingenza angabizwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana elizodlala owokuhlung­ela ukungena kwi-Afcon neLibya ngomhla ka-22 kuNdasa (March) ekuhambeni.

UMbatha usendaweni yesibili konozinti bakuleli ngokuqeda umdlalo engangenel­wanga goli.

Kuqala uDarren Keet weBidvest Wits ongangenel­wanga goli izikhathi ezingu-9 emidlalwen­i engu-20.

Kube nguMbatha ongangenel­wanga goli emidlalwen­i engu-8 kwengu-14 ayiqalile. Bese kweyesitha­thu kube nguRonwen Williams weSuperSpo­rt United yena emidlalwen­i engu-19 ayiqalile akangangen­elwa goli emidlalwen­i engu-7.

Amarekhodi nangendlel­a adlala ngayo uMbatha kukhomba ukuthi ukufanele ukungena egijima kwiBafana Bafana uma kungukuthi kubhekwa ifomu uma umdlali ebizwa.

Vele kunesikhal­a konozinti njengoba u-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs elimele.

Isiyonke imiphumela ye-Absa Premiershi­p ihambe kanje:- Baroka FC 2, Celtic 2; Arrows 2, SuperSport 3; AmaZulu FC 1, CPT City 0; Free State 0, Chippa 2; Highlands 2, Wits 1; Chiefs 1, Pirates 1; Maritzburg 3, Polokwane 1.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI woSuthu owenza ezibukwayo, uSiyabonga Mbatha.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UNOZINTI woSuthu owenza ezibukwayo, uSiyabonga Mbatha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa