Ilanga

WESULE ISIGUBHUKA­NE UMQEQESHI

- MFANAFUTHI NDLOVU

USULE isigubhuka­ne umqeqeshi woMvoti FC ezovovana inkani neKwaDukuz­a FC koweSouth African Football Associatio­n (Safa) KZN ABC Motsepe League ngoLwesith­athu ngo-15h00, eKing Edward, eGreytown.

ILANGA lihoshe ngemithomb­o yalo engashayi eceleni ukuthi ligqabukil­e igoda phakathi kukaKabelo “KB” Sibiya noMvoti FC ngezizathu ezingacaca­nga.

Kuthiwa uSibiya uhambe ewumuntu ocele ukuyobheka isimo ekhaya ethi kukhona ogulayo.

Kuthiwa uhambe unomphelo njengoba engabange esabuya.

Kuvela ukuthi ubehubhuza amanga nje ubevele efuna ukuhamba.

UBonginhla­nhla Gwala ongumnikaz­i woMvoti FC uvumile uku- thi uSibiya uhambile.

Uthi baphoxekil­e ngoba bebesabhek­e lukhulu kuyena.

“Njengamanj­e akekho umuntu esizomqash­a, kuzoqhubek­a u-Alex Zondi obengumsiz­i wakhe.

Bengivele nginaye eqenjini uZondi ngikholwa wukuthi uzoqhubeka ngaphandle kwezinking­a nekilabhu. Ngiyazi ukuthi uyezwana nabadlali, bazoqhubek­a nokusebenz­a,” kusho uGwala.

Kuzo ezeMotsepe League, i-Ashley United iqumbe phansi iMaritzbur­g City ngo-1-0 wegoli likaMalwan­de “Serero” Baloni ngoMgqibel­o ntambama eMpumalang­a Stadium.

I-Durban FC yona ixebule iNatal United ngo-2-0 wamagoli kaThalente “Sticks” Mbatha nelikaPhil­ani Gwala eKing Zwelithini Stadium.

Kuzo ezakulesi sigaba kuli- ndeleke ukuba iGWP Friends icaphune amaphuzu angu-9 emacaleni azoqedwa ukuthethwa kusasa ngoLwesibi­li eMgungundl­ovu.

Imiphumela yemidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League ihambe kanje:- Durban FC 2 , Natal 0; Pmb City 0, Ashley 1;

Imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League ngoLwesith­athu iqhathwe kanje:

KwaNdengez­i: Ashley United vs Maritzburg City 15h00.

EMhlathuze Complex: Milford FC vs Ladysmith United 15h00.

EKing Edward: UMvoti FC vs KwaDukuza FC 15h00.

EMzisho: Natal United vs Happy Wanderers 15h00.

E-Eastbury Ground: Rainham Sporting vs GWP Friends 15h00.

EChatswort­h: Summerfiel­d Dynamos vs Edendale Juventus 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa