Ilanga

IFUNA UKUQHUBEKA NOMGQIGQO I-EAGLES

- MFANAFUTHI NDLOVU

KABAZIMISE­LE ukusuka emgqigqwen­i abakuwona abadlali beRoyal Eagles ebhudluze i-University of Pretoria ngo-50 ovuthayo koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ntambama eChatswort­h Stadium, eThekwini.

Amagoli e-Eagles ashaywe ngo-Andile Fikizolo amabili uDiego Brown, uPhilani Cele nelikaDill­an Solomons.

USolomons ekhuluma naleli phephandab­a izolo ngeSonto uthi leli khefu lamasonto amabili ngenxa yemidlalo yeNedbank Cup ngeke nangengozi libaphazam­ise emgqigqwen­i wabo kunalokho bazobuya kungathi bathelwe ngezibonko­lo. Uthi into ebasebenze­layo wukuthi babambisen­e nethimba labaqeqesh­i.

“Njengoba singenawo umdlalo ngempelaso­nto ngenxa yokuthi siphumile kwiNedbank Cup sizimisele ngokuseben­zisa leli thuba ukuzicijis­isa lapho esibuthunt­u khona.

"Sizimisele ngokuyifak­a kwiPremier­ship le kilabhu, lokho sizokulwel­a.

"Umdlalo weTuks ubungelula yikhona nje ukuthi besizinike­le.

"Abantu bazobona amagoli amaningi esiwashayi­le bese becabanga ukuthi besizigwaz­ela ibhece kanti akunjalo siwajuluke­le,” kusho uSolomons.

Isiyonke imiphumela yeNFD:- Ajax 4, TTM 4; Bay FC 2, Cape Umoya 1; Galaxy 1, Kings 0; Sporting 2, Maccabi 2; Ubuntu 2, Cosmos 1; Mbombela 0, Stellenbos­ch 0; Spurs 1, UThongathi 1, Eagles 5, Tuks 0.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? U-ANDILE Fikizolo weRoyal Eagles ngemuva kokushaya elinye lamagoli akhe amabili behlula iTuks ngo-5-0 ngoMgqibel­o eChatswort­h Stadium, eThekwini.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES U-ANDILE Fikizolo weRoyal Eagles ngemuva kokushaya elinye lamagoli akhe amabili behlula iTuks ngo-5-0 ngoMgqibel­o eChatswort­h Stadium, eThekwini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa