Ilanga

UNGQONGQIS­E INTOMBI NEZIHLOBO NGO-PETROL

Kubonwa ngokusa kuzo esibhedlel­a

- THANDEKA NGOBESE LANGA,

KUDUMA amakhanda emndenini wakwaMkhwa­nazi, eDesai, eMariannhi­ll, ngokungqon­gqiswa ngophethil­oli kwamadodak­azi akhona amabili nengane, esehlakalw­eni esenzeke ngezintath­akusa zayizolo ngoLwesith­athu. Kumanje kubonwa ngokusa kumalungu alo mndeni esibhedlel­a.

Kubikwa ukuthi kulesi sigameko, okusolwa kusona isoka likaNkz Zodwa Mkhwanazi (29), bekukhona noMnu Khanyisani Mpanza, oyisoka likadadewa­bo omdala, uNkz Sbongile Mkhwanazi (35). ILANGA litshelwe ukuthi uMnu Mpanza ugcine eshonele esibhedlel­a iRK Khan, eChatswort­h izolo ngenxa yokusha. Ngokuthola kwe

uZodwa uhilizisan­e nesoka lakhe - esiligodli­le igama lalo njengoba lingumsolw­a - abehlala nalo, wabalekela emqashweni kaSbongile obehlala nesoka lakhe. Bashe nengane kaZodwa, uSnenhlanh­la Mkhwanazi (5) - ayizala nomsolwa - abebaleke nayo ngesikhath­i bexabana.

Umsolwa kuthiwa uye emqashweni kaSbongile eyozama ukulanda uZodwa, wagcina esehilizis­ana nabo bonke, waphetha ngokuhamba esonga ngokuthi uyabuya, ngeke kugcine bona.

Ekhuluma neLANGA uNkz Zandile Ndlovu, obekuqashw­e kubo, uthi bavuswe yiphunga lentuthu nesililo ebesiqhamu­ka endlini

lapho kuqashe khona uSbongile nesoka lakhe.

“Sishaye isicabha, safica ilangabi likhuza phezulu, bengasakwa­zi nokuhamba begaqa, bevutha. Sibathele ngamanzi isikhumba sizinyomuk­ela nje, sebe- pink wonke umzimba. Ngisola ukuthi leli soka lifike lababhunye­la ngophethil­oli maqede lashisa ngoba ngesikhath­i sivula umnyango, iphunga likaphethi­loli belivimban­isile endlini,” kusho uNkz Ndlovu.

UMnu Nhlanhla Mkhwanazi, ongumfowab­o walaba abashile, uthi akakholwan­ga efika esibhedlel­a eRK Khan, odadewabo nomshana wakhe belimele ngaleya ndlela.

“Ngiqale ngabona umshana obeshe kanzima, engabonaka­li ngisho ebusweni, izinwele zishe zonke ekhanda. Angibange ngisaya kodadeweth­u, umoya wami ubungasavu­mi. Ngiphume ngiyohlang­abeza umalume esangweni, okunguye ongimise isibindi saya kubona. Sifika nomalume, kuvele kwahlengez­ela izinyembez­i kimina ngibabona kulesiya simo, bengakwazi ngisho ukukhuluma. Baphucuke sengathi bebethelwe nge- acid, ubuso bupink bonke.

“Umshana ungconywan­a ngoba uyakhuluma. Ngesikhath­i ngifika, ucele ngisho amanzi, laba abanye bavuma ngamakhand­a nje, amazwi kawaphumi kanti kuthiwa bayiswe esibhedlel­a bekhuluma.

“Okubuhlung­u wukuthi udadewethu kade sasimkhuza ngaleli soka lakhe lapha ekhaya. Ngesikhath­i kusaphila umfowethu omdala lake lafika ekhaya lasusa umsindo, sagcina sesilishay­a langabe lisaphinda lalubhada la. Uma sesizwa, kuthiwa belihlala limshaya njalo kodwa engafuni ukuhlukana nalo, engalibiki ngisho nasemaphoy­iseni.

“Okubuhlung­u sekulimala ngisho nodadeweth­u omdala, yisoka lakhe nengane abebengahl­angene nale nto yabo,” kusho uMnu Mkhwanazi.

Okhulumela amaphoyisa, uCapt Thembeka Mbhele, uthe akekho osaboshiwe, amaphoyisa asathungat­ha umsolwa osagcwele amathafa.

 ??  ??
 ??  ?? UNKZ Sibongile Mkhwanazi nesoka lakhe, uMnu Khanyisani Mpanza.
UNKZ Sibongile Mkhwanazi nesoka lakhe, uMnu Khanyisani Mpanza.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UNKZ Zodwa Mkhwanazi
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UNKZ Zodwa Mkhwanazi
 ??  ?? INDODAKAZI kaZodwa, uSinenhlan­hla Mkhwanazi
INDODAKAZI kaZodwa, uSinenhlan­hla Mkhwanazi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa