UNGQONGQISE INTOMBI NEZIHLOBO NGO-PETROL
Kubonwa ngokusa kuzo esibhedlela
KUDUMA amakhanda emndenini wakwaMkhwanazi, eDesai, eMariannhill, ngokungqongqiswa ngophethiloli kwamadodakazi akhona amabili nengane, esehlakalweni esenzeke ngezintathakusa zayizolo ngoLwesithathu. Kumanje kubonwa ngokusa kumalungu alo mndeni esibhedlela.
Kubikwa ukuthi kulesi sigameko, okusolwa kusona isoka likaNkz Zodwa Mkhwanazi (29), bekukhona noMnu Khanyisani Mpanza, oyisoka likadadewabo omdala, uNkz Sbongile Mkhwanazi (35). ILANGA litshelwe ukuthi uMnu Mpanza ugcine eshonele esibhedlela iRK Khan, eChatsworth izolo ngenxa yokusha. Ngokuthola kwe
uZodwa uhilizisane nesoka lakhe - esiligodlile igama lalo njengoba lingumsolwa - abehlala nalo, wabalekela emqashweni kaSbongile obehlala nesoka lakhe. Bashe nengane kaZodwa, uSnenhlanhla Mkhwanazi (5) - ayizala nomsolwa - abebaleke nayo ngesikhathi bexabana.
Umsolwa kuthiwa uye emqashweni kaSbongile eyozama ukulanda uZodwa, wagcina esehilizisana nabo bonke, waphetha ngokuhamba esonga ngokuthi uyabuya, ngeke kugcine bona.
Ekhuluma neLANGA uNkz Zandile Ndlovu, obekuqashwe kubo, uthi bavuswe yiphunga lentuthu nesililo ebesiqhamuka endlini
lapho kuqashe khona uSbongile nesoka lakhe.
“Sishaye isicabha, safica ilangabi likhuza phezulu, bengasakwazi nokuhamba begaqa, bevutha. Sibathele ngamanzi isikhumba sizinyomukela nje, sebe- pink wonke umzimba. Ngisola ukuthi leli soka lifike lababhunyela ngophethiloli maqede lashisa ngoba ngesikhathi sivula umnyango, iphunga likaphethiloli belivimbanisile endlini,” kusho uNkz Ndlovu.
UMnu Nhlanhla Mkhwanazi, ongumfowabo walaba abashile, uthi akakholwanga efika esibhedlela eRK Khan, odadewabo nomshana wakhe belimele ngaleya ndlela.
“Ngiqale ngabona umshana obeshe kanzima, engabonakali ngisho ebusweni, izinwele zishe zonke ekhanda. Angibange ngisaya kodadewethu, umoya wami ubungasavumi. Ngiphume ngiyohlangabeza umalume esangweni, okunguye ongimise isibindi saya kubona. Sifika nomalume, kuvele kwahlengezela izinyembezi kimina ngibabona kulesiya simo, bengakwazi ngisho ukukhuluma. Baphucuke sengathi bebethelwe nge- acid, ubuso bupink bonke.
“Umshana ungconywana ngoba uyakhuluma. Ngesikhathi ngifika, ucele ngisho amanzi, laba abanye bavuma ngamakhanda nje, amazwi kawaphumi kanti kuthiwa bayiswe esibhedlela bekhuluma.
“Okubuhlungu wukuthi udadewethu kade sasimkhuza ngaleli soka lakhe lapha ekhaya. Ngesikhathi kusaphila umfowethu omdala lake lafika ekhaya lasusa umsindo, sagcina sesilishaya langabe lisaphinda lalubhada la. Uma sesizwa, kuthiwa belihlala limshaya njalo kodwa engafuni ukuhlukana nalo, engalibiki ngisho nasemaphoyiseni.
“Okubuhlungu sekulimala ngisho nodadewethu omdala, yisoka lakhe nengane abebengahlangene nale nto yabo,” kusho uMnu Mkhwanazi.
Okhulumela amaphoyisa, uCapt Thembeka Mbhele, uthe akekho osaboshiwe, amaphoyisa asathungatha umsolwa osagcwele amathafa.