I-IFP idalule amasu okufukula iKZN
UFAKAZELWE ngumholi wakhe, iNkosi Mangosuthu Buthelezi ngokunona komhlahlandlela wokhetho we-IFP KwaZulu-Natal,
abewethula izolo ngoLwesithathu eHholo iWinston Churchill, eMgungundlovu, uMnu Velenkosini Hlabisa ogaqele esokuba ngundunankulu wakulesi sifundazwe.
Ubungeke uthi kuphakathi nesonto ngendlela amalungu e-IFP afike agcwalisa ihholo ngayo, ezolalela abaholi bawo bebaqinisa idolo. UMnu Hlabisa uqale inkulumo yakhe ngokuzethula njengowumsinsi wokuzimilela KwaZulu-Natal. Uthe ulwazi lonke usizi lwabantu bakulesi sifundazwe futhi uphilele i-IFP impilo yakhe yonke, waze wazuza neziqu zemfu-ndo ephakeme.
Uthe uyazi ukuthi iqembu elibusayo, i-ANC, lehluleke lancama ukunika abantu bakulesi sifundazwe izidingo zabo, wacela ukuba bavotele iqembu lakhe ngokulethemba ngoba lizobenzela lezi zinto ezilandelayo:
Ukuphepha kwabantu kuzoba ngokuhamba phambili, kuvikelwe umphakathi ebugebengwini ngokuba kuqeqeshwe umbutho wamaphoyisa ngezinga eliphezulu, kugqugquzelwe nokungenelela komphakathi ekulweni nabo (ubugebengu).
Kuzophinde kube nezinkantolo eziyisipesheli ezizohlalela amacala ahlukene ngokwenzeka kwawo.
Kuzokhuliswa umnotho njengoba ubukeka ufadalala.
Ukwabiwa komhlaba kuzokwenziwa ngendlela engeke ihlukumeze abanye.
Imfundo izoba sezingeni lomhlaba, uma ingane ifunde ezikoleni zakuleli ihlonishwe umhlaba wonke. Kuzovulwa namakolishi ezemfundo asavalwa kube nokuphepha ezikoleni.
Indaba ka-30% wokuphasa ezikoleni, ngeke isebenze ngoba inikeza inkinga kubafundi uma sebesemazingeni emfundo ephakeme.
Ezempilo zizohlelwa kabusha, izikhungo zibe sezingeni elifanele, kwehle nokugcwala ezibhedlela kubhekwe nezikhathi zokusebenza. Kuzoba nezinhlelo zokusiza intsha ezinkingeni ebhekene nazo, ikakhulukazi ukukhulelwa kwayo nokusetshenziswa kwezidakamizwa.
Ukuhlukunyezwa ngokobulili, udlame lwemindeni nokulingana kwemiholo kwabobulili obungefani, kuyobhekisiswa.
Kwezokuhlaliswa kwabantu, i-IFP izoza nohlelo lokuqedwa kwemijondolo, kwakhiwe izindlu ezingomasixhawulane, ezisezingeni elihle kunokuhlala kulezi ezikhona, ezilusizi.
Ukunakekelwa kwemvelo kuzokwenziwa ukuze kufundiswe abantu izindlela zokonga imvelo nokunakekelwa kwayo. Kuyokhuthazwa uhlelo lokusebenzisa okusuke sekusebenzile njengemfucuza kuphinde kube wusizo.
Ubuholi bendabuko buyonikwa inhlonipho obuyifanele njengoba selokhu leli lathola inkululeko ngo-1994, kabunakekelwa ngendlela efanele.
Ezokuthutha zizohlelwa ngendlela ezophephisa wonke umuntu, kuqale uhlelo lokuqeqesha intsha isesezikoleni ngezokuthutha.
INkosi Buthelezi izincomile izilokotho ezethulwe nguMnu Hlabisa, yabe isigxeka iqembu elibusayo nomengameli walo, yathi: “Kasizona iziphukuphuku thina, sinamehlo okubona futhi sinezindlebe zokuzwa.
"Siyakuqonda ukuthi labo abasenze sehluleka, bayaphinda futhi bazama ukuba sehluleke ngoba bengakaze baqale bahlanze eyabo indlu kuqala.
"Akukho lutho okulikhwezi lokusa eqenjini elibusayo. Kuselokhu kungabantu abebevele besezikhundleni ezifanayo, benza izinto ezifanayo, bekwenzela izizathu ezifanayo. Ngisho nomengameli, akafiki nalutho olungenachashazi.
"Wahlala esikhundleni esiphezulu sobuholi sikaKhongolose eminyakeni ewu-9 echithekile ezeni, esebenza njengephini likamengameli weqembu lakhe nesizwe sakithi ngaphandle kokusukuma akhulumele iNingizimu Afrika.
"Uma seniyovota, nifanelwe ngokungcono kunokuba kudlalwe ngani. Khethani inombolo ewu-44, okuyinombolo yeminyaka ye-IFP, isebenzela abantu ngobuqotho,” kubeka iNkosi Buthelezi inanelwa ngehlombe ngabalandeli beqembu layo.