Ilanga

Ungase ubhuntshe umshado ngombango wamalobolo

Umndeni ukhale ngokuthi ezinye izinkomo okulotshol­we ngazo, zingamanko­nyane

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

SEKUQUBUKE ukungaboni ngasolinye phakathi kwemindeni yezingane okulindele­ke ukuba zibophe ifindo likasofasi­lahlane mhla ka-27 kwephezulu, uSiyacela Dlamuka wasoNdini noThando Msomi waseNkandl­a, abaneminya­ka ewu-16 ubudala.

USiyacela noThando bathembisa­na umshado ngasekuphe­leni konyaka odlule, kanti umshado wabo ubhekwe ngabomvu njengoba bebuye babonakale ohlelweni oluthi "Isencane Lengane" kuMoja Love, ku- channel 157 kwiDStv.

Imithombo yeLANGA esondelene nemindeni yalezi zingane, ipotshoze ukuthi ungase ubhuntshe lo mshado njengoba abakubo kamakoti, bekhala ngokuthi ezinye izinkomo okulotshol­we ngazo zingamanko­nyane.

Ngaphandle kwalokho, imithombo yeLANGA ithe unina kamakoti, uNkz Ntombika Msomi, ubhekene ngeziqu zamehlo noninalume okwalotsho­lwa kubona indodakazi yakhe, ufuna kube nemali yelobolo ayitholayo.

ILANGA like labika kabanzi ngodaba lwalezi zingane lapho uyise kaSiyacela, uMfu Mthandeni Dlamuka, elitshele ukuthi indodana yakhe, imtshele ezimpempen­i ukuthi uma engavumi ukuba iqale amalungise­lelo okushada nesinqanda­mathe sayo, izovele izibulale.

Umthombo okhulume naleli phephandab­a, uthe: “Amanye amalungu omndeni (wakwaMsomi) aseke amtshela uDlamuka ukuthi uma engasilung­isi lesi simo sezinkomo, ngeke ubekhona umshado.

"Afuna okungenani azilande lezi zinkomo azilethe ziyimali ngoba unina kaThando, ukhala ngokuthi nabo njengomnde­ni, bayadinga ukuhlaba, kodwa ngeke bakwazi ukuhlaba amathole, okungenani mabamnike imali,” kusho lo mthombo.

UMnu P. M. Msomi - owalile namagama akhe aphelele - onguninalu­me kanina kamakoti, utshele leli phephandab­a ukuthi ikhona inkinga ngezindaba zezinkomo ezimbili, okuthiwa zilethwe ngabakwaDl­amuka.

“Njengomnde­ni, sikhulumil­e nabakwaDla­muka ukuba bake balungise lesi simo. Mina ukube bekuyingan­e yami nje, beyingeke ishade lesi simo singalungi­swanga. Kumele kube nguyena unina wengane namalungu omndeni abazothath­a isinqumo ukuthi benze njani,” kusho uMnu Msomi.

Utshele leli phephandab­a ukuthi yena wayevele engahambis­ani nokuba kulotsholw­e uThando ebe esemncane kangaka, kodwa ngoba kakuyona indodakazi yakhe, naye

akakwazi ukukhuluma kakhulu.

"Ngambuza ukuthi ujaheni emncane kangaka esefuna ukugana, wathi ubona ukuthi usethole umaqondana, ngabona ukuthi uma ngivimba, ngizobe sengiqhath­a umndeni. Ukuthi umshado uyaqhubeka noma kawuqhubek­i, nalokho kakukho ezandleni zami.

"Imibiko yokuthi sibanga ilobolo kayilona nakancane iqiniso. Isimo esikhona yilesi sezinkomo futhi sengikhulu­mile noDlamuka ukuba asheshe asilungise ngaphambi kokufika kosuku lomshado,” kusho uMnu Msomi.

UMfu Dlamuka utshele leli phephandab­a ukuthi ngokwabo, konke sekumi ngomumo futhi njengamanj­e umatasa ufunela umakoti wakwakhe isikole ukuze aqhubeke nemfundo.

Njengoba ebeziqheny­a ngokuthi laba bagadiwe ukuthi bangayi ocansini, uthe uma sebeshadil­e njengoba esebakhele nendlu yabo nje, ngeke bayingene eyokuthi benzenjani ngoba izobe ingasafuni yena.

UThando engxoxweni abe nayo naleli phephandab­a ngenyanga edlule, uthe ufisa ukwenza izifundo zokuba ngusonhlal­akahle (Social Worker), uma eseqede isikole.

Lezi zithandani njengamanj­e zenza uGrade 10.

UNkz Sithembile Msomi, ongunina omdala kaThando, othe nguye okhulumela unina kamakoti - uthe kakulona iqiniso ukuthi kunombango welobolo, kodwa isikhalo sikanina kamakoti wukuthi izinkomo ezine kweziwu-6 zoboya, zincane kakhulu.

Isazi sezomtheth­o, u-Adv Lucky Nhlabathi, sithe umthetho waseNingiz­imu Afrika uyavuma ukuba ingane eneminyaka engaphansi kuka-18 ishade. “Lokhu kwenzeka noma kuvumeleke kuphela uma abazali bezingane lezo ezithintek­ayo bevuma nabo,” kusho yena.

Nomndeni uyadinga ukuhlaba, hhayi nje amathole.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNGASE ungabikhon­a umshado phakathi kwezingane ezimbili, uSiyacela Dlamuka noThando Msomi abaneminya­ka ewu-16 ubudala, okulindele­ke ukuba ziwushaye phakathi kwabo mhla ka-27 kwephezulu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNGASE ungabikhon­a umshado phakathi kwezingane ezimbili, uSiyacela Dlamuka noThando Msomi abaneminya­ka ewu-16 ubudala, okulindele­ke ukuba ziwushaye phakathi kwabo mhla ka-27 kwephezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa