Umisiwe uthisha olalise ingane ekilasini
Itholwe ekuseni ikhala
UMISIWE emsebenzini uthisha wesifazane waseBlessed Luanda Primary School, eDonnybrook, osolwa ngokulalisa umfundi (8), owenza uGrade 3, ekilasini ubusuku bonke emjezisela ukuthi wehlulwe wukuqeda umsebenzi wesikole obuwenziwa ekilasini ngoLwesibili emini.
Lo mfanyana - esingeke simdalule igama lakhe ukumvikela - kuthiwa utholwe ngabanye abafundi ngoLwesithathu ekuseni. Bamuzwe ekhalela phansi, evaleleke ekilasini lakhe, esephelelwe ngamandla, kwazise ubekhala ubusuku bonke. Ibhulukwe bese limanzi te wumchamo.
Ngokuthola kweLANGA ngoninakhulu wengane, naye esingeke simdalule igama lakhe ukuvikela lo mfundi, kabazange babuthi quthu ubuthongo ngobusuku bangoLwesibili, bampampe ubusuku bonke bebheka ingane engabuyanga esikoleni.
Uthi bagcine beyobikela amaphoyisa ebusuku, abatshela ukuthi mabawanike isithombe somfana ukuze kuzovulwa icala.
Uninakhulu wengane, obethukuthele egane unwabu, utshele ILANGA ukuthi umzukulu wakhe uthe wehlulwe wukuqeda umsebenzi wesikole ekilasini, uthisha wakhe wamtshela ukuthi ngeke agoduke, uzolala esikoleni.
Uthi ingane ibatshele ukuthi uthisha uphumile wayikhiyela ekilasini, wathi uzoyibona ngakusasa ekuseni.
“Ngesikhathi siyithola ingane, ibisiphelelwe ngamandla ikhala ngokuthi iyagodola, kungasavumi nokuba ikhulume, ibukeka yethukile. Sihlukumezeke kakhulu ngesenzo salo thisha. Okusidine kakhulu kunakho konke, uthisha wengane simfonele ntambama ngemuva kokuba ingabuyanga ekhaya, wayiphika, wasitshela ukuthi uyigcine esikoleni,” kusho uninakhulu wengane.
Uthi kunothisha bakulesi sikole abebezama ukuthi udaba balumbambathe, lungayiswa emaphoyiseni.
Utshele ILANGA ukuthi ngesikhathi bekhuluma nothisha, sebeyitholile ingane, ukuphikile ukuthi ikhiyelwe nguyena.
“Usitshele ukuthi ubeyidlalisa ngesikhathi eyisabisa ngokuthi uma ingawuqedile umsebenzi wesikole izolala esikoleni. Uthe ingane uyishiye isekilasini, waphuma eya endlini encane eyochama wangabe esabuyela khona, wathumela omunye uzakwabo ukuba amthathele isikhwama sakhe. Akabange esanaka ukuthi ingane ikuphi.
“Yize exolisile ngesenzo sakhe, kodwa kusicacele ukuthi le nto uyenze ngenhloso ngoba efuna ukuyijezisa. Okubuhlungu kasikaze sibikelwe lutho ngokungenzi kahle kwengane ekilasini, thina besazi ukuthi konke kuhamba kahle. Usengaze enze isihluku esingaka enganeni?” kusho yena.
Uthi ingane isiyesaba ukuphindela esikoleni, ilikhiphe ngembaba elokuthi kayisafuni ukubuyela khona ngoba yesaba ukuthi izophinde ilaliswe ekilasini.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNatal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe bese bezwile ngalesi sigameko esibethusile, waveza ukuthi ngemuva kokuzwa lolu daba kabazange bananaze, uthisha bammise ngaleso sikhathi emsebenzini.
Okhulumela amaphoyisa, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala.
Uthisha ubengakaboshwa, kulindeleke ukuba zimkhalele maduze.