Ilanga

KUQALILE UKUFUNDA EGUGULESIZ­WE

- PAMELA ZUNGU

KUSIZE ukungenele­la koMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al ukuze kudambe isimo eGugulesiz­we High, eMandawe, eScottburg­h njengoba abazali babafundi bebebhikis­ha bevale isikole cishe lonke isonto eledlule.

Abazali bavale amasango esikole befuna kugcwalisw­e izikhala zothisha abangekho kulesi sikole, okubalwa kubo uthishanhl­oko, yisekela lakhe nenye yezinhloko zezifundo.

Kuthiwa sekuphele isikhathi esingangon­yaka zingavaliw­e lezi zikhala.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ILANGA libike ngoMsombul­uko ngalolu daba, lapho kuvele ukuthi abazali bavutha bengabasel­we ngezinking­a ezikhunget­he lesi sikole.

Ukufunda kuthiwa kuqale kahle ngoMsombul­uko emuva komhlangan­o okuthiwa ube ngeSonto lapho izikhulu zomnyango zithembise khona ukuthi umnyango uzongenele­la ekulungise­ni izinkinga - yize-ke bekukhalwa ngokuthi kade kwasa zibikwa kubahloli bawo kodwa bezindela ukuzilungi­sa.

Umthombo waleli phephandab­a uthe: “Into ecike abazali baze bathathe isinqumo sokuvala amasango esikole, wukuthi bese bekhathele yizinkinga nodaba lwalabo thisha lungathath­elwa phezulu ekubeni isigungu esilawula isikole sesilubike­le kaningi ihhovisi labahloli ngezinking­a zasesikole­ni kodwa kungathath­wa zinyathelo”.

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Aaron Jeza, uthi kuyiqiniso ukuthi ukufunda kuqhubeka njengenjwa­yelo esikoleni.

“Yize ingekho into ecacayo okwamanje ukuthi izinkinga zizoxazulu­lwa kanjani, kodwa siyethemba ukuthi zizoxazulu­leka maduzane ukuze kungeke kube nokuphazam­iseka kokufunda futhi esikoleni,” kusho uMnu Jeza.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnu Muzi Mahlambi, uthi ukufunda kuyaqhubek­a esikoleni kanti umnyango uthumele izikhulu zawo ukuba zingenelel­e.

“Siyabonga ukuthi amalungu omphakathi akhuzwe akhuzeka ngokuphaza­misa ukufunda eGugulesiz­we. Sicela ukuba imiphakath­i ihlukane nokuphazam­isa ukufunda ezikoleni ngoba lokhu kwenza ukuthi abafundi basalele ngemuva ezifundwen­i zabo,” kusho uMnu Mahlambi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa