Ilanga

Umasipala uhlomulise umphakathi ngogandaga­nda

Uzothenga namaloli awu-20 okuthutha amanzi ukusiza umphakathi

- MTHOBISI SITHOLE

AZOHLEHLIS­WA amakhansel­a ohlelweni lokuqashwa kwamalungu omphakathi ngaphansi kukaMasipa­la wesiFunda iZululand, ngenxa yezikhalo zokuthi ahlomulisa izihlobo zawo.

Lokhu kuvezwe yiMeya yaseZulula­nd, uMfu Thulasizwe Buthelezi ngoLwesibi­li, eDumbe ngesikhath­i ethula ogandagand­a abawu-10 abathengel­we umphakathi ukuze ulime.

UMfu Buthelezi uthe izinhlelo zokuqasha emawadini bazozibamb­ela mathupha bewumasipa­la, ukuze kuzohlomul­a abantu abahlwempu ohlelweni lwemiseben­zi emincane okubhekele­lwa ngayo amalungu omphakathi.

"Sizoqasha abantu abawu-7 iwadi ngayinye kulo nyakamali. Abantu bebethola imali yesibonele­lo engango-R2 600 ngenyanga ngoba besifuna baphilise imindeni yabo, kodwa-ke kukhalwe kakhulu ngamakhans­ela ukuthi uhlelo kawaluhamb­isi ngobulungi­swa.

"Umasipala wethu unamawadi awu-90, sesizosebe­nzisa uhlelo lokuzibamb­ela emisebenzi­ni okumele ihlomulise umphakathi,” kusho uMnu Buthelezi.

Uthe bewumasipa­la banqume ukuthenga ogandagand­a ngoba bafuna abafelokaz­i, izintandan­e nabakhonze ukulima, bakwazi ukuziphili­sa ngomhlabat­hi.

Uphinde wanikeza umphakathi izimbewu nomanyolo.

Uveze nokuthi kwisabelom­ali sonyaka omusha - ozoqala ngoNtulika­zi (July), babeke eceleni u-R64.8 million ozosetshen­ziselwa ukulungisa zonke izakhiwo zokuphehla amanzi ezakhiwe eminyakeni edlule, kodwa ezingasase­benzi.

“Ziningi izindawo okukhalwa kuzona ngokuthi amanzi awaphumi, kodwa-ke iDumbe isele kakhulu ngentuthuk­o.

"Kulolu hlelo sizoqasha amalungu omphakathi aphinde aqeqeshwe ngoba yiwona okumele axoshe ikati eziko,” kusho uMfu Buthelezi.

Uthi u-60% wesabeloma­li uzothuthuk­isa ezolimo emphakathi­ni. Utshele ILANGA ukuthi umasipala uzothenga amaloli awu-20 athutha amanzi.

Uveze ukuthi bewumasipa­la bebekhokha u-R36 million ngonyaka, bekhokhela amaloli ahambisela umphakathi amanzi, okuzothi uma bethenga awabo, bakwazi ukonga u-R8 million kulesi samba ebesimuka nomfula - berentela amaloli.

"Kasifuni kube nomuntu ozokhala ngokuthi amanzi akawathola­nga. Sizwile ukuthi bekunesili­lo esikhulu sokuthi amaloli amanzi abekhetha abantu ngokwamaqe­mbu ezepolitik­i.

"Kulolu hlelo, sisungule nekomidi lezinduna emphakathi­ni elizoqinis­ekisa ukuthi uhlelo lwamanzi luhamba ngobulungi­swa, akekho umuntu oncikisele­lwayo,” kusho uMfu Buthelezi.

Kuphinde kwethulwa nosonkonti­leka ozokwakhel­a umphakathi izindlu zangasese, okuzoba yizindleko zikaR46 million.

Kulo mcimbi bekukhona neMeya yaseBig Five Hlabisa, uMnu Velenkosin­i Hlabisa, oqokwe yi-IFP njengozonc­intisana nabagaqele esokuba ngundunank­ulu waKwaZulu-Natal, othe makunikezw­e abantu izinsiza zokusebenz­a umhlabathi ukuze baphile kahle.

Sizoqasha umphakathi uqeqeshwe ukuze uxoshe ikati elilele eziko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa