Kuvalwe isikole ngezidakamizwa
Bathi umfundi ubevele ewuhlupho nalapho esuka khona
UMSINDO osuke ngabafundi baseSiphondweni High School, eMboza, KwaMhlabuyalingana, okutholakale ukuthi baqhuba ibhizinisi lezidakamizwa emagcekeni esikole, uholele ekutheni sivalwe lesi sikole ngoMsombuluko.
ILANGA linikele kulesi sikole ngoLwesibili lafika kulenga ingidi esangweni, kungekho muntu ngaphakathi. Abazali elikhulume nabo, bathi indaba isuke ngenxa yomfundi obedayisa amakhekhe athakwe ngensangu, yi- whoonga nesinye isidakamizwa esingaziwa.
Kubikwa ukuthi lo mfundi, ongowokuzalwa kule ndawo, uyaqala ukufunda kulesi sikole kulo nyaka, kwazise ukhulele eThekwini, efunda kwesinye sezikole eNewland East.
Kuvela ukuthi akahambanga kahle kuleso sikole emuva kokubanjwa egila imikhuba. ILANGA lithole ukuthi udaba lwakhe luhlalelwe izikhawu eziningana eSiphondweni kuzanywa isixazululo, okuthe kamuva kwaphunywa nekhambi lokuba axoshwe esikoleni.
Kuthiwa uthe ngeke axoshwe yedwa, wadalula nabanye ozakwabo kulo mkhuba. Leli phephandaba lithole ukuthi bazicelele uxolo phambi kwabazali nomhloli wezi
kole zendawo, ngaphansi kweNtshongwe Circuit, uMnu Sipho Mthembu, kodwa bayalelwa ukuba bayophumula emakhaya.
Kubikwa ukuthi kube nabathile abahlangane ngasese kwaphunywa nelithi laba bafundi kufanele babuyiselwe esikoleni.
Nakuba kungacaci ukuthi liphume kusiphi isikhulu igama negunya lokuba babuyiselwe, kodwa isimo sishubile emphakathini njengoba kukhona asebethi makuxoshwe uthishanhloko wakulesi sikole, kuhlakazwe nesigungu esilawula isikole, esiholwa nguMnu Zephania Nyathi.
Uthishanhloko usolwa ngokukhetha iphela emasini uma esingethe izindaba ezithinta abafundi kulesi sikole kanti usihlalo wesigungu esilawula isikole yena usolwa ngokuthi bekungafanele athathe isinqumo salolu hlobo kulolu daba njengoba kuthiwa naye unetavern eduze kwesikole.
Ingxenye yamalungu omphakathi, ekhulume naleli phephandaba ngombandela wokuba ingadalulwa, iveze ukuthi kuningi okonakele kulesi sikole.
UMnu Nyathi uthe impi isuswe wukuthi kunabavuma ukuba kuyekwe abafundi abagila imikhuba ngaphakathi esikoleni.
“Mina kangiphiki ukuthi nginetavern, kodwa akekho umfundi odakwa khona. Udaba lonakale ngokuthi kube nabahamba ngasese bayokhala emnyangweni, babuya negama lokuthi kubuyiselwe laba bafundi esikoleni.
“Kube nzima ukuba sikwamukele lokho ngoba abafundi bazivumele bona ukuthi bayakwenza lokhu. Umonakalo ubusumkhulu kakhulu njengoba abafundi bebevele baphalaze uma sebedakiwe, kwazise abanye kabakujwayele ukusebenzisa izidakamizwa.
“Sinovalo lokubhubha kwesikole ngoba intombazane ( engumsolwa) isitshele ukuthi lokhu ikwenzela abafunda uGrade 11 no-12,” kusho uMnu Nyathi.
UMnu Mthembu unxuse ukuba kuthintwe umnyango wezemfundo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe kalukafiki lolu daba ehhovisi labo.
Uthe kuyishwa ukuthi kusenabafundi abangena nezidakamizwa ezikoleni.
“Siyanxusa ukuba noma ngabe ngubani onamaqiniso ngalo eze phambili, lubikwe ehhovisi likangqongqoshe. Nami ngizolwedlulisa lunjengoba lunjalo ukuze kuqalwe uphenyo kuphunywe nekhambi elifanele,” kusho uMnu Mthethwa.