Ilanga

UQhosha ukhala "ngendelelo" yeGcokama

IGcokama lithe belingeke liyivimbe imbongi uma yenza umsebenzi wayo

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UYAVEVA ngakubiza ngokwehlis­wa isithunzi umculi kamasikand­i, uQhoshango­kwenzakwak­he Sibisi, othi uthukiwe kwi-albhamu entsha kazakwabo kulo mculo, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele ethi “Dog Style", kwathiwa uncela isitho sangasese sikaKhuzan­i "iNdlamlenz­e" Mpungose obalwa nezinkunzi zalo mculo. Kule ngoma kupikwe imbongi, uMphako Mkhwanazi, okuyiyona esolwa ngokushiya engalazi kuQhosha ize imbize ngegama. UQhosha utshele ILANGA ukuthi ukuhlazwa kwakhe ngalolu hlobo, kumehlisa isithunzi emphakathi­ni nasezingan­eni zakhe ngoba kuchazwa ukuthi ubudoda bakhe kabuphelel­e. “Ingiphathe kabi le nto ngoba kayikho ingxabano engiyaziyo ephakathi kwami

noMthanden­i. Besixhuman­a phambilini kodwa ukuthi sesixabane nini-ke, angazi.

"Le nto ayenzile nembongi yakhe, iqhatha izwe. Ngokwami ngithukwe nguyena ngqo uMthandeni ngoba ukuba ubengayith­andi le nhlamba, ubezoyikhu­za imbongi,” kusho uQhosha.

Uveze nokuthi emuva kokuzwa le ngoma, ubhalele iGcokama Elisha umyalezo elazisa ngokungaph­atheki kahle, kodwa wangawuphe­ndula. Libuzwa iGcokama Elisha ngezinsolo zokuthuka lo mculi, lithe belingeke liyivimbe imbongi uma yenza umsebenzi wayo.

Lithe mhlawumbe ukuba bekuyilona imbongi, belizoziqa­phela izinto elizishoyo. "Ngeke imbongi ngiyenzele umsebenzi wayo ngiphinde futhi ngiyikhokh­ele imali yayo.

Ngizwile impela ngabantu bethi uQhosha uthintekil­e kule ngoma, kodwa-ke bengingekh­o ngesikhath­i iqoshwa e- studio ngoba bengimatas­a nemisebenz­i eminingi ebengiqash­we kuyona.

"Ngisazoxhu­mana nayo imbongi nophrojusa ukuze bangichaze­le kahle ngoba uma le nto yokungiqha­tha nabantu beyenze ngenhloso, kuzomele baxosheke emsebenzin­i wami,” kusho uMthandeni.

UMphako uthe uyadideka ukuthi kungani uQhosha ahlabeke ngoba baningi oQhosha ezweni.

"Sekwabakho­na oQhoshakuf­anele, oQhoshange­sikweletu noQhoshang­omphako," kusho uMphako.

Ingwevu kwezobucik­o bobumbongi, inyosi yeSilo, uMnu Buzetsheni Mdletshe, ithe kuyiphutha elikhulu ukusetshen­ziswa kwenhlamba ezibongwen­i.

“Kusetshenz­iswa izigameko kodwa ngamagama ayinhlonip­ho, hhayi inhlamba. Ungazifund­a zonke izibongo zamakhosi amadala, kwakukhona lapho exwayiswa khona yizimbongi uma engenzi kahle kodwa hhayi ngenhlamba.

"Ngiyakulan­dula impela lokho kuyindelel­o, kayikwenzi imbongi ngokwesint­u,” kusho uMnu Mdletshe. Naye uQhosha ukhiphe i-albhamu entsha.

 ??  ?? UMTHANDENI uyaziqhath­ulula ngokuthukw­a kukaQhosha.
UMTHANDENI uyaziqhath­ulula ngokuthukw­a kukaQhosha.
 ?? IZITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UQHOSHANGO­KWENZAKWAK­HE Sibisi, ukhala ngokuhlanj­alazwa ngenye yezingoma zikaMthand­eni "iGcokama Elisha" Manqele.
IZITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UQHOSHANGO­KWENZAKWAK­HE Sibisi, ukhala ngokuhlanj­alazwa ngenye yezingoma zikaMthand­eni "iGcokama Elisha" Manqele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa