Ilanga

Udlondloba­la kwiGagasi

Obeyipetsh­isi loKhozi FM

- LUCKY CAIN noSANDILE MAKHOBA

UKUBA yingxenye yezintokaz­i ezizakhele udumo ngokubanga umsindo emsakazwen­i uKhozi FM, zibizwa ngamaPetsh­isi oKhozi FM, kumnike uthando lokuba ngumsakazi uThandi Mhlongo odume ngelikaZis­to kwiGagasi FM. UZisto ubeyingxen­ye yamaPetshi­si, abesakaza noVukani “Chilli M” Masinga oKhozini FM. UZisto usematheni kulezi zinsuku ngemuva kokuhlaban­a ngendondo emncintisw­aneni weLiberty Radio Awards obungoMgqi­belo eSandton, eGoli. Kulo mncintiswa­no uhlabane ngohlelo lwesikhash­ana obelungoZi­bandlela (December) kulo msakazo obelubizwa ngeThe Block Party, abelwenza noNjinga Mpanza. Lesi siphalapha­la sentokazi sithi kusukela ekukhuleni kwaso, besithanda ukugqama ngokujabul­isa abantu, siphinde sifundise inqobo nje uma sizoba phambi kwabantu. UZisto obenengxox­o ekhethekil­e naleli phephandab­a ngoLwesibi­li emini, udalule ukuthi nakuba uthando

lokuba semkhakhen­i wezikaqedi­sizu-ngu lumqale esakhula eClermont, entshonala­nga yeTheku, kodwa ukuba yingxenye yezi-ntokazi ebezisakaz­a noChilli M yikhona okumvulele amathuba, nokubona ukuthi kwenzekani emsakazwen­i.

“Besifika e- studio sibange umsindo singaholi kodwa bekuba mnandi, yilapho ngibone khona ukuthi ngiyayitha­nda le nto futhi ngifuna ukuyenza,” kusho uZisto. Uthi yilapho efikelwe khona wugqozi lokuthola umsakazo womphakath­i azoqeqeshe­ka kuwona.

“Ngibe nenhlanhla ngangena kwiDYR okuyilapho engifunde khona ngokusakaz­a.” UZisto uthi ukungena kwakhe kwiGagasi FM eminyakeni emithathu eyedlule, kube yisibusiso esikhulu, kwazise kakubanga yinto elula. Uthi uhlangane noMzokhona “Mzokoloko” Gumede obengumsak­azi weGagasi ngaleso sikhathi, wamcela ukuba amsize ngokwenza i- demo okuyiyona ayisebenzi­se ukungena kulo msakazo.

“Ngesikhath­i ngifika kwiGagasi, nginikwe isikhathi sasebusuku okuyisona engiqeqesh­eke kusona. Bekumele ngisizwe nguNomalan­ga ongiqeqesh­e isonto elilodwa ngabe sengizimel­a.” Unanele ngokuthi kakubanga lula ngesikhath­i esaqala ukusakaza kwiGagasi ngoba ubevuka ayosebenza emsebenzin­i wakhe abe

wenza ngaleso sikhathi, kuthi ebusuku abuye azosakaza. UZisto uthi ngesikhath­i enikwa inkontilek­a egcwele kulo msakazo, uphoqeleke ukuba asule (emsebenzin­i abewenza), kwazise bese kufana nokufezeka kwephupho lakhe. “Nakuba imali ibingaling­ani naleyo ebengiyiho­la emsebenzin­i ebengiwenz­a ngokugcwel­e, wokusebenz­a ehhovisi, kodwa ngenxa yothando lomsakazo kangizisol­i,” kusho le ntokazi enezwi elimtoti futhi ebukekayo. Lo msakazi useshayela yedwa uhlelo lwasentath­akusa ngezimpela­sonto. Lolu hlelo lukhombisa ukukhula nokuthakas­elwa ngabalande­li okuyisiman­ga. Kulezi zinsuku ubambe uhlelo lwasemini yasekuseni phakathi nezinsuku, olubizwa ngeThe Gold Circle. UZisto ubambele okwesikhas­hana uMfundo The Dazzling One kulolu hlelo njengoba le ntokazi isathathe ikhefu. Uthi uzizwa ethobekile ngokubamba lolu hlelo kanti ukuthola leli thuba kuhambisan­a nokwenza kahle kwakhe ezinhlelwe­ni anikwa zona.

Mayelana nokuhlaban­a ngale ndondo, uZisto uveze ukuthi kusho lukhulu kuyena njengoba kukhombisa ukuthi usendlelen­i eqondile yezokusaka­za.

“Kimina kusho ukuthi mangiqhube­ke ngale ndlela engihamba ngayo, ngithuthuk­e futhi ngizimisel­e ngoba sengiyaqal­a ukubona izithelo. Okuhle wukuthi nomama wami usezobona ukuthi kukhona lapho ngiya khona ngokusakaz­a,” kusho uZisto onohlelo lwakhe kwi-You

Tube, iDeeply Rooted DBN, olukho-mbisa ngezokuvak­asha nempilo yobumnandi yaseThe-kwini namaphethe­lo. Uthi lolu hlelo luyafundis­a futhi luyajabuli­sa.

“Ngifuna ukuthi uma kunosaziwa­yo waphesheya kwezilwand­le ozofika kuleli, kucatshang­we igama lami ngokumele ampheke ngemibuzo futhi amkhombise nezindawo ezikhona zokuvakash­a kuleli.”

Unendodaka­zi eneminyaka ewu11 ubudala azwakalise ukuthi konke akwenzayo ukwenzela yona njengoba ezimisele ngokuba ngumama oqotho. Uthi okunye azimisele ngokukuzuz­a manje empilweni yakhe wukuhlaban­a ngeziqu zeCommunic­ation Science aseqalile ukuzifunde­la. Uphethe ngokuthi unesifiso sokushayel­a uhlelo lwantambam­a ngolunye usuku.

 ??  ?? UZISTO uthathwe enoNjinga Mpanza.
UZISTO uthathwe enoNjinga Mpanza.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa