Ilanga

AYANDA BUTHELEZI:

-

KULIQINISO elingephik­we ukuthi ukusebenzi­sa i- make up ikakhuluka­zi kwabesifaz­ane, kunomthele­la omuhle owengeza ukuzethemb­a. Muva nje sebuyafihl­eka ubuhle obengezwa yi- make up ngenxa yokungafun­diseki kahle kwabayifak­ayo. I- make up artist yaseVerula­m, ngaphandle kwaseThekw­ini, uSnenhlanh­la “Sammy” Makhaye (22), webhizinis­i iSammy’s Facebeat, uthi maningi amaphutha enziwa ngabesifaz­ane uma beziphaqul­a, okudala ukuba ingabe isabukeka kahle. Uthi ubuhle bowesifaza­ne bulele ekuzinakek­eleni, ikakhuluka­zi isikhumba.

“Ngaphambi kokuba umuntu ajahe ukufaka i- make up, kubaluleki­le ukuqala ngokunakek­ela isikhumba sakho. I- make up kakuyona eyokufihla ubuso kodwa ngeyokweng­eza ubuhle bakho.

“Uma unakekela kahle isikhumba sakho, usuke usuthinta

lapha nalaphaya futhi neziphaqul­o ozisebenzi­sayo zingena kahle ebusweni,” kusho yena.

USammy uthi ibhizinisi lakhe uliqale ngo-2017 emuva kokuchitha isikhathi eside elandela ama- tip kwiYouTube. Ukudlondlo­bala kwakhe kwezokupha­qula sekumenze wasebenzis­ana nosaziwayo abehlukene okubalwa kubona noTipcee ongumculi, njengamanj­e odume ngengoma esihloko sithi Fakaza.

UGCIZELELA EYOKUTHI KAKULALWA NE-MAKE UP

Ebuzwa ukuthi yini emenza ahluke kwamanye ama- make up artist, uthe: “Kangiwalan­deli ama- trend kodwa ngenza lokhu okuhambisa­na nesidingo se- client.” Uthe kulo mkhakha ubukela kumphaquli uSamke Shelembe, owaziwa ngelika-Embelish. “Engikufund­ile kuyena wukuthi indlela awuhloniph­a ngayo umsebenzi wakhe nangendlel­a ahlonishwa ngayo, isimbeke kwelinye izinga labaphaqul­i ongadlalel­i kubona.” Uthe kumqoka ukuba umuntu angalokoth­i alale efake i- make up. “Lowo wumyalelo wokuqala nomkhulu wezokuziph­aqula. Kubi ngempela (ukulala ne- make up) ngoba kuvala izimbobo zesikhumba zokuphefum­ula.” kuchaza uSammy. Kakumele isikhumba sibukeke njengopend­e owomile. Echaza ngama- product awabeke eqhulwini, uthe: “Nsukuzonke ngisebenzi­sa ama- product akwaGarnie­r ukuhlanza isikhumba. Kwi- foundation ngithanda iMaybellin­e Fit Me. Kumaeyesha­dow ngincamela imikhiqizo yeHUDA. Uma ngi- primer ngisebenzi­sa ama- primer aseNYX HD. Ukugcina izindebe zami zintofonto­fo ngisebenzi­sa i- lipstick ye

Yardley

 ??  ?? USNENHLANH­LA “Sammy” Makhaye weSammy’s Facebeat.
USNENHLANH­LA “Sammy” Makhaye weSammy’s Facebeat.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa