Ilanga

AYANDA KHANYILE:

-

Abantu abaningi babona sengathi usuke sewufobele kaningi uma uzokudla izikali eziwi-5 zokudla okunempilo ngosuku, ekubeni nesikhathi sokwenza lokhu kudla sibuye singabi khona. Izizathu ezenza kubaluleke ukulandela le ndlela yokudla, yingoba kuhlukwani­swa ngezigaba.

Isidlo sasekuseni, esasemini nesakusihl­wa (main meals) besekuthi phakathi kwazo lezi zidlo ezingama- main meals akho, kuphoqelek­e ukuba udle amahealthy snacks, okuyiwona obamba ngawo umoya.

Lezi zikali kuyaye kufanele ukuba uzehlukani­se ngezikhath­i eziphakath­i kwamahora amabili noma amathathu osuke uzodla ngazo. Lokhu kwenziwa wukuthi imizimba yabantu kayifani.

Abanye abantu banemizimb­a esheshayo ukwehlisa ukudla ( fast metabolism), kanti abanye banemizimb­a ethatha isikhathi eside sokwehlisa ukudla (slow metabolism). Yingakho-ke izikhathi zokudla izikali ziyaye zingefani kumuntu nomuntu. Odokotela nabo bangabanye abayaye bagqugquze­le ukubalulek­a kokudla lezi zikali eziwu-5 zokudla okunempilo, ngoba kwenza ukuthi umzimba uhlale unamandla ( energetic), uzizwe uphila uwumqemane futhi ku-ngabi khona isikhathi lapho osuke uzizwa ulambile khona.

OKUNGAMELE KUSALE EZIDLWENI ZAKHO ZANSUKUZON­KE

Ukudla okuyisisek­elo esimqoka sokuba yingxenye yezikali eziwu-5 zokudla kwakho kwansuku zonke:

Idla inyama emhlophe (inyama yenkukhu noma ufishi).

Idla amavegi aluhlaza afana nebroccoli, i-green beans, i-baby marrow, i- spinach, nokunye.

Idla isitashi esinempilo ( healthy carbs) njenge-brown rice, ubhatata, nokunye.

Idla izithelo ezifana ne- grape fruit, i- granny smith apples, i- water melon, amagrapes, nokunye.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa