BACOTSHELELWE NGEZEMFASHINI
BABONGA ithuba abasiki bengqephu abasafufusa baKwaZulu-Natal, abebeyofunda kabanzi kubasiki bengqephu abasezingeni lomhlaba, embukisweni i-Africa Fashion International (AFI), eCape Town International Convention Centre, ngeledlule.
Laba basiki abawu-11, bebekhe-thwe yiKZN Fashion Council ezikoleni ezahlukene ezifundisa ukuthunga, okuyiLindiwe Kuzwayo School of Fashion Design, yiBrightness Fashion Design Academy, iDurban University of Technology nakwezinye eziseMgungundlovu.
Ekhuluma neLANGA uNkz Andiswa Siwela, ophethe ezokumaketha eKZN Fashion Council, uthe baqoke laba bafundi abasafufusa ngenhloso yokubahlomisa ngolwazi nokubavezela ukuthi yini elindeleke kubona ukuze bakwazi ukungena kule mibukiso yokukhangisa ngengqephu.
“Ngesikhathi sinabo eCape Town, bathole ithuba lokubona ukuthi yini eyenziwa ngabasiki bengqephu uma belungiselela umbukiso, kusukela begqokisa ozime, bebaphophotha ngezinto ezizohambelana naleyo ngqephu yabo. Siphinde sabahlanganisa nomsiki wengqephu owaziwayo, uCyril Naicker, obanike amazwi okubakhuthaza,” kusho uNkz Siwela.
UNkz Nokukhanya Msane, oyisikhulu esiphezulu eFashion Design Academy, uthe bakujabu-lele ukuqokwa kwabafundi babo ukuba yingxenye yalo mbukiso. “Ukuqokwa kwethu kusikhombisile ukuthi nathi kasibancinyana.
"Imisebenzi yethu iyabonakala kule ndima yezemfashini. Abasiki bethu abaqokiwe bayabonga kwabeKZN Fashion Council ngokubanika leli thuba,” kusho uNkz Msane.
UNkz Ayanda Mngadi, ongumfundi obekulolu hambo, uthe kuningi abakufundile. “Siphinde sagqugquzeleka ukuba siqhubeke nokwenza izinto ezehlukile uma sisika ingqephu, singazibukeli phansi.
"Singazitsheli ukuthi ngoba sisafufusa, sizothunga amaphinifa kuphela, kodwa masenze imiswenko esezingeni eliphezulu esikwazi ukungenela ngayo imincintiswano efana noDurban Fashion Fair,” kusho uNkz Mngadi.