Ilanga

Baqolwe kusetshenz­iswa igama likaMnu Senzo Mchunu

Babili asebevelil­e enkantolo ngale nkohlakalo

- INTATHELI YELANGA

SEKUBOSHWE ababili ngokuqola abantu imali besebenzis­a igama lowayengun­dunankulu KwaZulu-Natal, uMnu Senzo Mchunu. UMnu Lucky Nhlanhla Zondi, obezibiza ngoLucky Nhlanhla Sokhela noMnu Paulos Ndlovu ongujele eMgungundl­ovu, kuthiwa bakwenze lokhu besebenzis­a imidanti kamakhalek­hukhwini efana nekaMnu Mchunu.

NgoMsombul­uko laba ababili bebevele enkantolo yamacala obugebengu obuphathel­ene nemali, eGoli, babhekene namacala okukhwaban­isa, wukweba nokuvuzisa ngokungemt­hetho ukuxhumana.

UMnu Mchunu uzwakalise ukudabuka kwakhe ngalabo ababe yizisulu zalo mkhuba.

“Yisimo esizwisa ubuhlungu engingeke ngafisa ukuba sehlele omunye umuntu.

"Ngiyaxolis­a kakhulu kwababe yizisulu zalo mkhuba kusetshenz­iswa igama lami. Bekungemin­a owenze lokho," kusho yena.

Wengeze ngokuthi uyathokoza ngenqubeke­la phambili esiyenziwe

ngabomthet­ho njengoba sekudlule isikhathi eside “sokubekeze­lela ukuphoxeka” izandla zakhe zibe zibophekil­e. Sekwandile ukuthi kube nabantu abaqola abanye besebenzis­a izinombolo zabantu abathile, ikakhuluka­zi abangosazi­wayo.

Abadlali bakanobhut­shuzwayo, sekukaning­i yenzeka kubona le nto, kuthunyele­lwa izihlobo zabo imiqhafazo, kucelwa imali sengathi yibona abayicelay­o.

Isitobha seKaizer Chiefs, uRamahlwe Mphahlele imehlele le nto esagijima kwiMoroka Swallows, uSiyabonga Nomvete ongumgadli wamaZulu FC, naye izinswelab­oya zimgilile eminyakeni edlule.

NoLebohang Mokoena ozakhele igama kwi-Orlando Pirates, naye uke waba yisisulu salokhu kuqolwa kusetshenz­iswa igama lakhe engazi.

Kulandele uKatlego Mphela ngo2012 owayegijim­a kwiMamelod­i Sundowns ngaleso sikhathi, kanti ngo-2014, kugilwe injini yeChiefs, uGeorge Maluleka.

Kubikwa ukuthi izigilamkh­uba ziye zithole indlela yokucisha inombolo yomnikazi bese ziyibhalis­a kabusha ukuze zikwazi ukwenza le mikhuba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa