Ilanga

Inombolo ezosiza izisulu zodlame

Bathi imishini yabo izokwazi ukulandela iphimbo lapho likhona

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUKHISHWE inombolo eyisixazul­ulo kubo bonke abayizisul­u zodlame lwemindeni KwaZulu-Natal, eyethulwe ngokusemth­ethweni ngoLwesibi­li wuMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i oholwa nguNkk Weziwe Thusi.

Le nombolo ethi: 087 158 3000 yethulwe nesikhungo esiyi- call centre esinobuchw­epheshe bale mihla emahhovisi alo mnyango eMgungundl­ovu.

UNkk Thusi uthe leli yigxathu eliya phambili elithathwe wumnyango wakhe ukunciphis­a izigameko zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane, abantwana nawo wonke umphakathi.

“Le ndawo esiyivulay­o namuhla ibikhona kusukela ngo-2009, kepha ibingenabo ubuchwephe­she obufana nalobu obukhona lapha. Sisizwe ngabakwaVo­dacom abanikele ngale nombolo yamahhala futhi okuzothi uma umuntu osenkingen­i

efona, sikwazi ukumbona kulelo khona akulo ngisho singambuza­nga.

“Kuyaziwa ukuthi uma umuntu ehlaselwa, kuyenzeka angakwazi nokukhulum­a isikhathi eside, lelo phimbo lakhe elisuke libalisa, le mishini yethu izokwazi ukulilande­la lapho likhona, sixhumane neminyango efanele asheshe athole usizo. Siyabakhut­haza nabesilisa abahlukuny­ezwayo bayisebenz­ise le nombolo,” kusho uNkk Thusi.

Ngaphandle kwalesi sikhungo, uNkk Thusi wethule izimoto eziwu-133 ezintsha ceke, okubalwa phakathi kwazo amaloli azothutha ukudla okuzoyiswa ezikhungwe­ni eziwu-7, bese amaveni akuthathe ekuyisa ezindaweni ezifanele.

Imvamisa izimoto ezithengwe yilo mnyango zidonsa ngawo wonke amasondo ukuze zikwazi ukufinyele­la kubantu.

Umcimbi uqale ekuseni ngehora lesi-9 usakazwa bukhoma Okhozini FM ohlelweni lukaDudu Khoza, oluthi “Jabul’ Ujule”, lapho uNkk Thusi ebechazela khona abalaleli ngale nombolo. Lapha uthe noma ngubani osuke esenkingen­i yokuhlukun­yezwa - noma ngabe ngokwaluhl­obo luni - makashayel­e kule nombolo yabo.

Uthe kunosonhla­lakahle abathathu ababhekene nalo msebenzi, abawuqeqes­helwe, banomphath­i wabo.

UNgqongqos­he Thusi uvale ngezwi elithi: “Makungadla­lwa ngale nombolo, mayihlonis­hwe kushaye labo abasenking­eni kuphela. Isebenza imini nobusuku.”

UNkz Eleni Kwinana, wakwaVodac­om, uthe inkampani yabo izibopheze­le ukugcina umphakathi uphephile ngoba nabo luyabakhat­haza udlame lwemindeni oluqhubeka­yo eNingizimu Afrika.

“Siqale ukuxhuma lobu buchwephes­he bethu ngoMfumfu ( October) nyakenye, ngoZibandl­ela ( December) sabuhlola ukuthi busebenza kahle yini njengoba sesizovula isigaba sokuqala. Siyabuya sizovula esesibili esingesoku­thi sikwazi ukubona lapho ohlukunyez­wayo ekhona,” kusho uNkz Kwinana.

IMeya yaseMgungu­ndlovu, uNkk Thobekile Maphumulo, ithe bathokoze baswele imilomo ngokwenziw­e wumnyango kaNkk Thusi nabo bonke abathintek­ayo.

“Sinethemba lokuthi buzoke bunciphe ubulwane obuhlasele abantu bakithi uma sekukhona indlela elula yokubaceba enjengalen­a,” kusho uNkk Maphumulo ongundlunk­ulu weNkosi Mhlabunzim­a Maphumulo yaseMaqong­qo engasekho.

Uma umuntu ehlaselwa, kuyenzeka angakwazi ukukhuluma isikhathi eside.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa