OGOBELA MABACHAZELE IMINDENI NGOSUKE ETHWASA
KUBUKEKA sengathi kukhulu ukudideka okukhona kubantu mayelana nomuntu ongenwe ngabadala waze wathwasa, waphothula, mhlawumbe waze wasebenza abantu noma wenza lokho idlozi lakhe ebelimthwasisela khona.
Abantu banezinto abasuke benazo emqondweni, abazilindele ngomuntu uma esethwasile, kodwa kabakuqondi ukuthi lowo muntu uselawulwa yilowo noma yilabo abasuke bemngenile, abamenza aphile impilo eyehlukile kunabeyiphila engakaphathwa ngamandla abadala.
Kunezinto lapha ekhaya lowo osengumakhosi asezozenza, abengazenzi noma uzoyeka akhule ezenza.
Uma ngingenza isibonelo nje, uthola ukuthi umuntu osengumakhosi usenokukhononda uma umsakazo uvulelwa phezulu noma kwesinye isikhathi awucishe ngenxa yokuthi usuke umphazamisa kokuthile okusuke kwenzeka emizweni nasengqondweni yakhe.
Kwesinye isikhathi uba nomzwangedwa aze akhale ngenxa yabo njalo abadala. Kokunye akulula ngisho nakuye umakhosi lowo futhi usuke engaqondi ukuthi empeleni kwenzekani ngaye.
Le nto iye ithande ukusinda kumuntu osuke uzwana naye ngokothando ngoba ukungaqondi kwakhe nokufuna izincazelo kungagcina sekudale ingxabano ebingagwemeka uma kuxoxwa kahle.
Ngokuqonda kwami, idlozi kalizwani nomsindo ngaphakathi emphefumulweni walowo ongumakhosi nasekhaya lapho kuqoshiswana ngamazwi, kuquliswana.
Yingakho isikhathi esiningi kuthiwa omakhosi bathanda ukuhlala ngabodwana ngoba basuke befuna ukuba sekuthuleni, bengafuni ukuqagulisana nalabo abababangisa umsindo.
Kubuhlungu komakhosi ukuthi abantu abahlala nabo bangabeseki noma belokhu bebachukuluza ngale mpilo abasuke sebeyiphila ngoba isuke ingekho into abangayenza ukuze kukhululeke laba bantu abaphila kubona.
Ngiyakuqonda ukuthi nabo laba abaphila nabo omakhosi, basuke bexakekile ngoba basuke bebazi ukuthi banjani ngaphambi kokuba bathwase, nabo isuke isabadida le mpilo yabo ehlukile abasuke sebeyiphila. Nokho ngokuxhumana okuhle nokulalelana phakathi kwazo zombili lezi zinhlangothi, kugcina kuphileka ndawonye nangokubambisana.
Abanye emndenini uthola ukuthi kabamamukeli umakhosi ngemuva kokuthwasa, imizwa yakhe bayishaya indiva, bangamniki indawo efanele yokuba enze lokho okumele akwenze.
Lokho kuye kwenze kube nokungazwani kahle, okugcina kudala umsindo ngaphathi kuyena umakhosi, ogcina usudala izinxushunxushu emndenini, ezingagcina ziwuqhekeza phakathi.
Abanye balindela ukuba umakhosi ahloniphe futhi athobele ezabo izinkolelo, bamhlukumeze ngamagama ayiziswana noma babukele phansi lokho aseyikho, bekhombisa ukungabi nandaba nakho kanti sebeyamlimaza yena nalowo omngenile.
Okunye okubalulekile ngomuntu osebenza ngabadala, wukuthi lokho akwenza lapho esebenzela khona, kusuke kuphakathi kwakhe nabadala, akakweleti muntu incazelo yokuthi wenzeni khona nokuthi uma kunomuntu amsizayo sekufanele kwazi bonke abantu.
Kunezimfihlo zesiguli okumele azigcine phakathi kwakhe naso, angazithi vu njengoba kusuke kwenzeka phakathi komuntu nodokotela wakhe wasentshonalanga. Makuhlonishwe lokho.
Nokuthi uthaka kanjani kuyimfihlo edinga ukuhlonishwa ngabomndeni, bangabe sebefuna ukungena bagamanxe ezintweni zikamakhosi ngoba uyaphazamiseka.
Ngiphosa inselelo kogobela ukuba bazinike isikhathi sokuchazela imindeni yomakhosi ngempilo yabo entsha ukuze athi ephothula umakhosi, umndeni wakhe ube usufundisekile ngokuthi yini elindeleke kuwona nokuthi umeseka kanjani.
Lowo muntu uselawulwa yilowo noma yilabo abasuke bemngenile...
mthiyanesgs@yahoo.com