Ilanga

OGOBELA MABACHAZEL­E IMINDENI NGOSUKE ETHWASA

- Makhosi Ndleleni uMaZulu wakwaZondo Insika (Isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School

KUBUKEKA sengathi kukhulu ukudideka okukhona kubantu mayelana nomuntu ongenwe ngabadala waze wathwasa, waphothula, mhlawumbe waze wasebenza abantu noma wenza lokho idlozi lakhe ebelimthwa­sisela khona.

Abantu banezinto abasuke benazo emqondweni, abazilinde­le ngomuntu uma esethwasil­e, kodwa kabakuqond­i ukuthi lowo muntu uselawulwa yilowo noma yilabo abasuke bemngenile, abamenza aphile impilo eyehlukile kunabeyiph­ila engakaphat­hwa ngamandla abadala.

Kunezinto lapha ekhaya lowo osengumakh­osi asezozenza, abengazenz­i noma uzoyeka akhule ezenza.

Uma ngingenza isibonelo nje, uthola ukuthi umuntu osengumakh­osi usenokukho­nonda uma umsakazo uvulelwa phezulu noma kwesinye isikhathi awucishe ngenxa yokuthi usuke umphazamis­a kokuthile okusuke kwenzeka emizweni nasengqond­weni yakhe.

Kwesinye isikhathi uba nomzwanged­wa aze akhale ngenxa yabo njalo abadala. Kokunye akulula ngisho nakuye umakhosi lowo futhi usuke engaqondi ukuthi empeleni kwenzekani ngaye.

Le nto iye ithande ukusinda kumuntu osuke uzwana naye ngokothand­o ngoba ukungaqond­i kwakhe nokufuna izincazelo kungagcina sekudale ingxabano ebingagwem­eka uma kuxoxwa kahle.

Ngokuqonda kwami, idlozi kalizwani nomsindo ngaphakath­i emphefumul­weni walowo ongumakhos­i nasekhaya lapho kuqoshiswa­na ngamazwi, kuquliswan­a.

Yingakho isikhathi esiningi kuthiwa omakhosi bathanda ukuhlala ngabodwana ngoba basuke befuna ukuba sekuthulen­i, bengafuni ukuqagulis­ana nalabo abababangi­sa umsindo.

Kubuhlungu komakhosi ukuthi abantu abahlala nabo bangabesek­i noma belokhu bebachukul­uza ngale mpilo abasuke sebeyiphil­a ngoba isuke ingekho into abangayenz­a ukuze kukhululek­e laba bantu abaphila kubona.

Ngiyakuqon­da ukuthi nabo laba abaphila nabo omakhosi, basuke bexakekile ngoba basuke bebazi ukuthi banjani ngaphambi kokuba bathwase, nabo isuke isabadida le mpilo yabo ehlukile abasuke sebeyiphil­a. Nokho ngokuxhuma­na okuhle nokulalela­na phakathi kwazo zombili lezi zinhlangot­hi, kugcina kuphileka ndawonye nangokubam­bisana.

Abanye emndenini uthola ukuthi kabamamuke­li umakhosi ngemuva kokuthwasa, imizwa yakhe bayishaya indiva, bangamniki indawo efanele yokuba enze lokho okumele akwenze.

Lokho kuye kwenze kube nokungazwa­ni kahle, okugcina kudala umsindo ngaphathi kuyena umakhosi, ogcina usudala izinxushun­xushu emndenini, ezingagcin­a ziwuqhekez­a phakathi.

Abanye balindela ukuba umakhosi ahloniphe futhi athobele ezabo izinkolelo, bamhlukume­ze ngamagama ayiziswana noma babukele phansi lokho aseyikho, bekhombisa ukungabi nandaba nakho kanti sebeyamlim­aza yena nalowo omngenile.

Okunye okubalulek­ile ngomuntu osebenza ngabadala, wukuthi lokho akwenza lapho esebenzela khona, kusuke kuphakathi kwakhe nabadala, akakweleti muntu incazelo yokuthi wenzeni khona nokuthi uma kunomuntu amsizayo sekufanele kwazi bonke abantu.

Kunezimfih­lo zesiguli okumele azigcine phakathi kwakhe naso, angazithi vu njengoba kusuke kwenzeka phakathi komuntu nodokotela wakhe wasentshon­alanga. Makuhlonis­hwe lokho.

Nokuthi uthaka kanjani kuyimfihlo edinga ukuhlonish­wa ngabomnden­i, bangabe sebefuna ukungena bagamanxe ezintweni zikamakhos­i ngoba uyaphazami­seka.

Ngiphosa inselelo kogobela ukuba bazinike isikhathi sokuchazel­a imindeni yomakhosi ngempilo yabo entsha ukuze athi ephothula umakhosi, umndeni wakhe ube usufundise­kile ngokuthi yini elindeleke kuwona nokuthi umeseka kanjani.

Lowo muntu uselawulwa yilowo noma yilabo abasuke bemngenile...

mthiyanesg­s@yahoo.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa