Ilanga

NONHLAKANI­PHO SHINGA:

- Nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

IZINSIZWA ezine zasenyakat­ho yeKwaZuluN­atal, zingene ngezinkani emkhakheni wokuqeqesh­a abafuna ukuba nemizimba ehlala isesimeni esihle, noma abazimisel­e ngokwehlis­a isisindo besebenzis­a ukuvocavoc­a imizimba yabo nje kuphela. Lezi zinsizwa ezisho ngama-6 pack aconsisa amathe ezintokazi­ni eziningi, zizibiza nge-Zulu Transforme­rz. Leli gama balisusela ekutheni ngokuzalwa vele bangamaZul­u, futhi inhloso yabo wukushints­ha imizimba yabantu abasebenzi­sana nabo.

IZulu Transforme­rz yakhiwe nguMnqobi Kunene (28) waseMondlo eVryheid, u-Ayanda Mthembu (28) waseMpange­ni, uVeli (29) noMthokozi­si Ntshangase (22) bobabili abazalwa ndawonye KwaNongoma. Lezi zinsizwa zithi zibone kunesiding­o esikhulu sokuba zifundise abantu le ndlela eziyiseben­zisayo yokuzivoca­voca, ezithi isiqale ukwanda umhlaba wonke.

Ziqale ukusebenzi­sana nabantu abafuna ukuzivocav­oca ngoba zifuna ukwakha amamasela, wukushisa amafutha noma ukugcina imizimba yazo ibukeka kahle. Nakuba ziqale ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule kodwa kuyimanje sezinabant­u abangaphez­ulu kuka-150 abasebenzi­sana nazo izinsuku eziwu-6 ngesonto.

Okumangaza­yo wukuthi ibhizinisi lokufundis­a abantu ukuzivocav­oca libonakala likhula imihla namalanga njengoba sekunezind­awo eziningi ezifundisa lokhu, ikakhuluka­zi lokhu okwaziwa ngama- outdoor gym.

Nokho lezi zinsizwa zithi okwamanje lokhu zisakwenza mahhala ngoba kazijahile ukuqala ngokugaya imali ekubeni ungakabi bikho umehluko obonakalay­o. Indlela ezizivocav­oca ngayo, zithi yi- bodyweight training noma yi- calistheni­cs nama- street workouts lapho zithi phakathi kwezikufun­disayo wukusebenz­isa umzimba nje kuphela, okwenza ukwazi ukuzivocav­oca noma ngabe ukuphi.

BAJIMISA EGLENWOOD, EMOSES MABHIDA NASEWORKSH­OP

Lezi zinsizwa zijimisela eBulwer Park, eGlenwood, kusukela ngo17h30 kuya ku-19h30 ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu, kanti ngoMgqibel­o kuba ngu-05h30 kuya ku-07h30 basuke bengaphand­le kwaseMoses Mabhida Stadium, ngo-07h30 kuya ku-09h30 basuke beseGugu Dlamini Park, eWorkshop, enkabeni yeTheku lapho benza khona amabootcam­p. “Indlela esizivocav­oca ngayo kayihlanga­nisi mishini noma kakukho okunye esikuseben­zisayo kepha sinyakazis­a imizimba yethu nje kuphela. Okuhle kakhulu ngalokhu wukuthi ulwazi uhlala nalo okukunika ithuba lokuqhubek­a nokuzivoca­voca noma kuthiwa kawusakwaz­i ukuzoyibam­ba nathi. “Uzijimele usekhaya ngoba siyakufund­isa ukuthi ukuze kukusebenz­ele futhi kushintshe nomzimba wakho kumele wenze kanjani,” kusho uMnqobi.

Phakathi kwento athi bagxila kakhulu kuyona, wukuzivoca­voca ngendlela ezokwazi ukwenza ukuba isisu sakho sibe yilokhu okufunayo.

“Kubaluleki­le ukuba isisu sakho sikufundis­e ukuthi usivocavoc­a kanjani ngoba le ndlela esisebenza ngayo isitshela ukuthi yisona esiyinjini. Ngakho-ke kubaluleki­le ukuba wonke amamasela asesiswini siwasebenz­ise. Yingakho kuthiwa noma ungazivoca­voca kodwa amaphesent­i angu80 asekhishin­i, okuwukudla okudlayo.

IMISIPHA KUMELE IGCINWE YELULEKILE

“Kumqoka-ke ukuba naso isisu siphinde sisivocavo­ce ngendlela okuyiyonay­ona, okuyinto abantu abaningi abanenking­a ngayo. Siyakufund­isa ukuthi uma ufuna ukwakha izingalo wenza kanjani nokuthi nxa uzimisele ngokwakha imilenze emihle uphinde wenze kanjani. Konke lokhu ukwenza ngomzimba wakho nje kuphela,” kuqhuba uMnqobi.

Uthi njengoba imizimba inemisipha, yingoba vele yayidalelw­e ukuba inyakaze. Uthi kubaluleki­le futhi nokuba yelulwe ngaphambi kokuba uzivocavoc­e.

“Ngaphambi kokuzivoca­voca, siyazelula imizuzu engu-30 ukuze imizimba ifudumale kahle, bese siyaqala-ke siyasebenz­a. Sikhethe ukuba siqale ngokuseben­za nabantu mahhala ukuze sizakhele igama. Ngale kwalokhu, sifuna ukuba abantu bayibone into esikhuluma ngayo.

“Njengamanj­e siyaziqhen­ya kakhulu ngokuthi kubantu esesiseben­ze nabo, bakhona ababona umehluko okuyinto eyenza siziqhenye ngoba inhloso wukushints­ha impilo yabantu, kakukhona ukwenza imali kuqala,” kusho uMnqobi.

Uthi okunye abakwenzay­o okwehlukil­e wukuqinise­kisa ukuthi bayagqugqu­zeleka abantu abasebenzi­sana nabo, nokuthi nabo bayazazi ukuthi yini abafuna ukuyizuza ngokuseben­zisana nabo.

“Kubaluleki­le ukuba ube nento ekugqugquz­elayo ngaphambi kokuqala ukuzivocav­oca ngoba lokho kukusiza noma sekuthi shiya endleleni. Abantu abaningi bakhokha izizumbulu zemali emajimini kodwa bagcine bengayanga, kujime imali yabo ngoba engekho umuntu obamele, obagqugquz­elayo.

“Thina-ke siyakwenza lokhu ngoba senzela ukuthi noma sebebona kunzima kodwa bazi ukuthi inhloso wukuba bathole imiphumela ezoshintsh­a impilo yabo ngokuba behlise izisindo, okusho ukuthi kawukho emathubeni okuhlaselw­a yizifo ezibulala abantu abaningi abakhuluph­ele njengesika­shukela, ngesenhliz­iyo eshaya ngamandla, ukuba namafutha amaningi emzimbeni nokunye,” kusho uMnqobi.

Maduzane uthi bazoqala uhlelo lokujimisa izingane ezincane ngoba sebebonile ukuthi zikhuluphe­le ngokweqile, okuzikhiny­abeza ezintweni eziningi.

“Izingane eziningi zinesisind­o sabantu abadala okuyinto engalungil­e ngoba zigcina zikhinyabe­zeka. Sizoqala uhlelo lapho abazali bezoletha izingane zabo sizifundis­e ngokubalul­eka kokuzivoca­voca nokudla ngendlela efanele zisencane okuyinto ezizokhula nayo,” kuphetha uMnqobi.

 ??  ?? ABAJIMA neZulu Transforme­rz kabazisoli namuhla njengoba ubonakala umphumela nomehluko womsebenzi abawenzayo.
ABAJIMA neZulu Transforme­rz kabazisoli namuhla njengoba ubonakala umphumela nomehluko womsebenzi abawenzayo.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa