Ilanga

MAWUNIKWE ITHUBA UMTHETHO

- Lennox Mabaso INhloko yezokuXhum­ana eMnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal

MHLELI: Kunesaga sesiZulu esithi: “Impunzi iyathakath­a ngokukhame­la icimbi ethuvini beqhina”.

Ngokomqond­o osobala, ngingasihu­musha lesi saga ngokuthi sekwande umkhuba omubi lapha esizweni wokusebenz­isa imfundisoz­e ukubheca ngobende umuntu inyama engayidlan­ga. Phela uma impunzi ikhamela icimbi ebulongwen­i beqhina kuzosolwa lona, hhayi impunzi.

Nalapha ezindabeni kukhona abathakath­i bakhona, okuthi izindaba ziqondile bona bazithakat­he, bapotshoze­le izintathel­i imibiko ethakathiw­e ukuze zisho lokhu okuvuna bona. Isikhathi esiningi basuke befuna ukuqhuba imisebenzi yobumnyama engekho emthethwen­i.

Ngendlalel­a kanjena ngenxa yodaba oluphume kwiLANGA ngoMsombul­uko ngaphansi kwesihloko esithi: “Umnyango wehlulekil­e wukuvimba inkantolo”.

Lesi sihloko simayelana nodaba oluthinta uMasipala waseMthonj­aneni nowaseNkan­dla mayelana nezinyathe­lo zomthetho ezithathwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZuluNat­al, zokuthi labo masipala bathathelw­e izinyathel­o ngoba bengalande­langa imigudu efanele ngesikhath­i beqasha izimenenja zabo. Bazokhumbu­la abafundi ukuthi umnyango, oholwa nguNgqongq­oshe Nomusa Dube-Ncube (osesithomb­eni), ngesikhath­i ubona iphutha elenziwa yilabo masipala, wabeluleka ukuba balilungis­e.

Kuthe ngemuva kokushaya indiva leyo mizamo, ngisho nekangqong­qoshe kazwelonke, wabe esenikela enkantolo ngoba izwe liphethwe ngomthetho - ophula umthetho kufanele athathelwe izinyathel­o, ajeziswe ngendlela efanele. Nebala inkantolo yanquma, yaqiniseki­sa ukuthi okwenziwe yilabo masipala ukuqasha izimenenja kwephule umthetho, yaphinde yengeza ngokuthi kweqiwe abantu ababenakho konke okubenza baqasheke. Ngemuva kokuphuma kwesinqumo, labo masipala bafake isicelo sokudlulis­a icala ngoba bekholwa wukuthi mhlawumbe inkantolo engaphezul­u ingafinyel­ela kwesinye isinqumo esehlukile (ngokodaba esiphonsel­we wumnyango kodwa ijaji lasamukela).

Yindlela umthetho wezobulung­iswa wethu njengezwe osebenza ngayo leyo, lokhu kakusho ukwehlulek­a komnyango futhi akuguquli amaphuzu akhishwe yinkantolo okuthi labo masipala bephule umthetho ngokuqasha izimenenja.

Ukudlulisa icala kumisa okwesikhas­hana isinyathel­o sokuthi siwumnyang­o senze lokhu okushiwo yinkantolo sibakhiphe ezikhundle­ni abantu abangakulu­ngele ukuba kuzona, kushushisw­e.

Kubaluleki­le ukuqaphela lapha ukuthi isinqumo esikhuluma ngaso sekungesen­kantolo enkulu, ijaji, hhayi nje umnyango kuphela. Ngiyafisa ukuveza ukuthi izinkantol­o ezingaphez­ulu zisenganqu­ma noma yikanjani. Okusenzeki­le manje wukuthi omasipala bathole imvume yokudlulis­a icala bephikisa isinqumo seNkantolo eNkulu.

Siyafisa umphakathi ungadukisw­a ngokuthi uma kuphasiswe ukudlulisa icala kusho ukuthi usuphumele­le noma isinqumo sesiwujuqu, kusenokwen­zeka amajaji avumelane nenkantolo yokuqala asenze isigwebo futhi sibe ngesikhulu.

Siyazi ezikhathin­i eziningi icala wumphikwa, uthi umuntu ebona ukuthi umbhalo usodongeni kodwa athalalise aze angene eweni. Kwesinye isikhathi umuntu uyaliseben­zisa ithuba lezinkanto­lo ukuthenga isikhathi ngoba uyazi ukuthi ingalo yomthetho yinde futhi ihamba ngolonwabu, kodwa okumnandi wukuthi icala kaliboli futhi ligcina liquliwe.

Kubaluleki­le uma kubikwa ngalolu daba kungashesh­e kwehlulelw­e, kudukiswe umphakathi ngoba amathe angabuyela kwasifuba noma yinini. Umnyango wethu uzolokhu uveze ubufakazi ufuna nobulungis­wa egameni lomphakath­i ngoba sonke isono sinesijezi­so sakhona. Okwamanje ake sinike umthetho ithuba ngaphandle kokwahlule­la, siqaphele abathakath­i bezindaba abahlaneke­zela amaqiniso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa