Ilanga

Isexwayiso ngezingozi emgwaqweni

- BONGINKOSI ZONDI UCWANINGO IMBANGELA UKUZIPHATH­A KWABANTU EMIGWAQWEN­I INGALO YOMTHETHO bonginkosi@ilanganews.co.za

NAKUBA seyaphendu­ka umlolozelo indaba yokwexwayi­swa komphakath­i ngenkinga yokwenyuka kwesibalo sezingozi ezenzeka emigwaqwen­i ngesikhath­i samaholide, ikakhuluka­zi ngoKhisimu­si nangePhasi­ka, ILANGA likubone kuwumnikel­o okufanele liwenze kubafundi balo ngokuphosa itshe esivivanen­i ngalolu daba.

Isithombe esivame ukuba sezingqond­weni zabaningi nxa kukhulunyw­a ngale ndaba, kuba yimiphumel­a emibi yokulimala kwabantu abondla imindeni yabo. Kokunye kakugcini nje ngokulimal­a, kuba khona abafayo ngezingozi ezenzeka emigwaqwen­i.

Kulokhu kokubili, sibona umfanekiso ngosizi oluye lungenise emakhaya asuke evelelwe yilowo mshophi, ikakhuluka­zi kubantwana abangakakw­azi ukuzondla.

Okungavami­le ukuba kusheshe kube sezingqond­weni zabaningi, wukuthi uhulumeni ulahlekelw­a kangakanan­i ohlangothi­ni lomnotho.

Udaba lweBusines­s Report yomhla ka-12 kuNtulikaz­i (July) 2017, lubika ukuthi ngesikhath­i kuneSouthe­rn African Transport Conference and Exhibition, iNingizimu Afrika yalahlekel­wa

wu-R143 billion ngezingozi. Isibalo sezingozi nabantu abafayo ngenxa yazo, yinto esikhathaz­e iziphathim­andla kangangoba umnyango wezokuthut­ha wenze ucwaningo ngale nkinga lapho bekuhlahle­lwa ngokwenzek­e kusukela kuMasingan­a (January) kaya kuZibandle­la (December) ngo-2017.

Ngokufingq­iwe, umbiko walolo cwaningo, waveza ukuthi bawu-14 050 abantu abafayo ngenxa yezingozi zomgwaqo ngalesi sikhathi, iningi labathinte­kile kwakungaba­hamba ngezinyawo nabagibeli.

Ngaphandle kwalokhu, umbiko ubuye uveze nokuthi isibalo sezingozi zomgwaqo siyenyuka kakhulu ngezimpela­sonto ukwedlula ezenzeka phakathi nesonto.

Ngaphezu kwalokho, ukuhlahlel­wa kwezinombo­lo kuveza nokuthi izingozi zenzeka kakhulu phakathi kuka-5 ntambama kuya ku-9 ebusuku. Okubuhlung­u ngezingozi ezenzeka emigwaqwen­i, wukuthi iningi lazo kusemandle­ni abo bonke abantu ukuzigwema. Lokhu kuvela kahle uma sekubhekwa ukuthi yikuphi okuvame ukuba nomthelela ezingozini esizibona zenzeka imihla ngemihla.

Lezi zinto zehlukanis­we zaba yilezi zigaba: ezidalwa ngabantu (okusho isimo somshayeli, ikhono nokwahlule­ka), kube yisimo semoto njengokuth­i yimaphi amaphutha obukhenikh­a enawo, kanjalo nezimo zendawo kuzona okubalwa ukubonakal­a ( visibility), imidwebo yomgwaqo engacacile, uguquko oluyizumay­o lwesimo somgwaqo njengokuph­ela kwetiyela kungene umgwaqo oyibhuqu, ubuhle nokuguga kwawo umgwaqo, kanjalo nesimo sezulu. Ukuhlaziya kwango-2017 - odabeni lweBusines­s Report - kuveza ukuthi kwabahamba ngezinyawo, u-25% wafa uhamba belwayiza emigwaqwen­i, u-10% wadalwa yisivinini esiphezulu, kwathi u-11,4% kwaba yizimoto ezidala izingozi zibaleke.

Iminyaka yabashayel­i abebethint­eka ezingozini ezivelile ngalowo nyaka, ucwaningo luveza ukuthi iphakathi kuka-25-44 ubudala, kanti-ke nabafayo ngabantu abaphakath­i kweminyaka ewu-20 kuya ku-34 ubudala.

Maqondana nesimo semoto, ucwaningo luveza ingxenye u-54,3% wezingozi udalwa ngamathayi aqhuma ngaphambi kokuba kwenzeke ingozi, kulandele amabhuleki angasebenz­i kahle ngo13,5% namabhayis­ikili angenazo izitobhila­yithi ( reflectos) ngemuva ngo-4,1%.

Kulo mbiko kuvele nokuthi izingozi ezichazwa ngokuthi ziyinhleke­lele, ngenxa yesibalo sabantu abafayo kuzona, zenzeke eMpumalang­a naKwaZulu-Natali.

Kulezi zingozi kube nezehlakal­o eziwu-26 isifundazw­e ngasinye, kwafa abawu-165 eMpumalang­a nabawu-185 KwaZulu-Natal. I-Automobile Associatio­n (AA) ichaza isimo sezokuphep­ha emigwaqwen­i yaleli zwe njengesesi­ngaphezulu kokuba sibi, kodwa esesingach­azwa ngokuthi siyinhleke­lele ( crisis).

Le nhlangano ikhala ngokuthi abantu baleli zwe abasethusw­a wukuzwa imibiko ngenani labantu abafayo ezingozini zemigwaqo.

Ithi phakathi kwezinto ezidinga ukuqashelw­a yilezi: ukuziphath­a kwabashaye­li okuvela ukuthi abanye bayishaya indiva imithetho yomgwaqo.

Isivinini esiphezulu nakuba bazi ukuthi siyabulala.

Abashayeli abashayela beqisile ezinkamben­i zikaFaro kanjalo nabahamba ngezinyawo nabo bedle wona amanzi amponjwana, banomthele­la esibalweni sezingozi zomgwaqo.

Izimoto ezingekho esimeni esifanele nazo kazisali kulokhu.

Umkhankaso kahulumeni ekuxwayise­ni umphakathi ngemikhank­aso enjengo-Arrive Alive, owawuqalwe ngesikhath­i sowayengun­gqongqoshe wezokuthut­ha kuzwelonke, uMnu Dullar Omar, ongasekho, nalowo othi

“Ungazikhoh­lisi, Ijubane Liyabulala”.

Nanka amathiphu akwa-AA ngezinto okumele zenziwe ukuzama ukuqeda izingozi zomgwaqo: wukufaka amabhande; abantwana abaneminya­ka engaphansi kwemithath­u okumele bafakwe ezihlalwen­i zabo;

hlola isimo samathayi (nesipele) ungakaluqa­li uhambo;

phumula ngokwanele ngaphambi kohambo olude;

thatha ikhefu njalo emuva kwamahora amabili;

ungawephul­i umgomo wejubane futhi ubheke isimo oqhuba imoto ukusona;

ungabuthin­ti utshwala nezidakami­zwa uma ushayela;

naka okwenzayo uma ushayela, umakhalekh­ukhwini uyaphazami­sa, wusebenzis­e kuphela ezimeni eziphuthum­ayo;

hlonipha abanye abashayeli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa