Isexwayiso ngezingozi emgwaqweni
NAKUBA seyaphenduka umlolozelo indaba yokwexwayiswa komphakathi ngenkinga yokwenyuka kwesibalo sezingozi ezenzeka emigwaqweni ngesikhathi samaholide, ikakhulukazi ngoKhisimusi nangePhasika, ILANGA likubone kuwumnikelo okufanele liwenze kubafundi balo ngokuphosa itshe esivivaneni ngalolu daba.
Isithombe esivame ukuba sezingqondweni zabaningi nxa kukhulunywa ngale ndaba, kuba yimiphumela emibi yokulimala kwabantu abondla imindeni yabo. Kokunye kakugcini nje ngokulimala, kuba khona abafayo ngezingozi ezenzeka emigwaqweni.
Kulokhu kokubili, sibona umfanekiso ngosizi oluye lungenise emakhaya asuke evelelwe yilowo mshophi, ikakhulukazi kubantwana abangakakwazi ukuzondla.
Okungavamile ukuba kusheshe kube sezingqondweni zabaningi, wukuthi uhulumeni ulahlekelwa kangakanani ohlangothini lomnotho.
Udaba lweBusiness Report yomhla ka-12 kuNtulikazi (July) 2017, lubika ukuthi ngesikhathi kuneSouthern African Transport Conference and Exhibition, iNingizimu Afrika yalahlekelwa
wu-R143 billion ngezingozi. Isibalo sezingozi nabantu abafayo ngenxa yazo, yinto esikhathaze iziphathimandla kangangoba umnyango wezokuthutha wenze ucwaningo ngale nkinga lapho bekuhlahlelwa ngokwenzeke kusukela kuMasingana (January) kaya kuZibandlela (December) ngo-2017.
Ngokufingqiwe, umbiko walolo cwaningo, waveza ukuthi bawu-14 050 abantu abafayo ngenxa yezingozi zomgwaqo ngalesi sikhathi, iningi labathintekile kwakungabahamba ngezinyawo nabagibeli.
Ngaphandle kwalokhu, umbiko ubuye uveze nokuthi isibalo sezingozi zomgwaqo siyenyuka kakhulu ngezimpelasonto ukwedlula ezenzeka phakathi nesonto.
Ngaphezu kwalokho, ukuhlahlelwa kwezinombolo kuveza nokuthi izingozi zenzeka kakhulu phakathi kuka-5 ntambama kuya ku-9 ebusuku. Okubuhlungu ngezingozi ezenzeka emigwaqweni, wukuthi iningi lazo kusemandleni abo bonke abantu ukuzigwema. Lokhu kuvela kahle uma sekubhekwa ukuthi yikuphi okuvame ukuba nomthelela ezingozini esizibona zenzeka imihla ngemihla.
Lezi zinto zehlukaniswe zaba yilezi zigaba: ezidalwa ngabantu (okusho isimo somshayeli, ikhono nokwahluleka), kube yisimo semoto njengokuthi yimaphi amaphutha obukhenikha enawo, kanjalo nezimo zendawo kuzona okubalwa ukubonakala ( visibility), imidwebo yomgwaqo engacacile, uguquko oluyizumayo lwesimo somgwaqo njengokuphela kwetiyela kungene umgwaqo oyibhuqu, ubuhle nokuguga kwawo umgwaqo, kanjalo nesimo sezulu. Ukuhlaziya kwango-2017 - odabeni lweBusiness Report - kuveza ukuthi kwabahamba ngezinyawo, u-25% wafa uhamba belwayiza emigwaqweni, u-10% wadalwa yisivinini esiphezulu, kwathi u-11,4% kwaba yizimoto ezidala izingozi zibaleke.
Iminyaka yabashayeli abebethinteka ezingozini ezivelile ngalowo nyaka, ucwaningo luveza ukuthi iphakathi kuka-25-44 ubudala, kanti-ke nabafayo ngabantu abaphakathi kweminyaka ewu-20 kuya ku-34 ubudala.
Maqondana nesimo semoto, ucwaningo luveza ingxenye u-54,3% wezingozi udalwa ngamathayi aqhuma ngaphambi kokuba kwenzeke ingozi, kulandele amabhuleki angasebenzi kahle ngo13,5% namabhayisikili angenazo izitobhilayithi ( reflectos) ngemuva ngo-4,1%.
Kulo mbiko kuvele nokuthi izingozi ezichazwa ngokuthi ziyinhlekelele, ngenxa yesibalo sabantu abafayo kuzona, zenzeke eMpumalanga naKwaZulu-Natali.
Kulezi zingozi kube nezehlakalo eziwu-26 isifundazwe ngasinye, kwafa abawu-165 eMpumalanga nabawu-185 KwaZulu-Natal. I-Automobile Association (AA) ichaza isimo sezokuphepha emigwaqweni yaleli zwe njengesesingaphezulu kokuba sibi, kodwa esesingachazwa ngokuthi siyinhlekelele ( crisis).
Le nhlangano ikhala ngokuthi abantu baleli zwe abasethuswa wukuzwa imibiko ngenani labantu abafayo ezingozini zemigwaqo.
Ithi phakathi kwezinto ezidinga ukuqashelwa yilezi: ukuziphatha kwabashayeli okuvela ukuthi abanye bayishaya indiva imithetho yomgwaqo.
Isivinini esiphezulu nakuba bazi ukuthi siyabulala.
Abashayeli abashayela beqisile ezinkambeni zikaFaro kanjalo nabahamba ngezinyawo nabo bedle wona amanzi amponjwana, banomthelela esibalweni sezingozi zomgwaqo.
Izimoto ezingekho esimeni esifanele nazo kazisali kulokhu.
Umkhankaso kahulumeni ekuxwayiseni umphakathi ngemikhankaso enjengo-Arrive Alive, owawuqalwe ngesikhathi sowayengungqongqoshe wezokuthutha kuzwelonke, uMnu Dullar Omar, ongasekho, nalowo othi
“Ungazikhohlisi, Ijubane Liyabulala”.
Nanka amathiphu akwa-AA ngezinto okumele zenziwe ukuzama ukuqeda izingozi zomgwaqo: wukufaka amabhande; abantwana abaneminyaka engaphansi kwemithathu okumele bafakwe ezihlalweni zabo;
hlola isimo samathayi (nesipele) ungakaluqali uhambo;
phumula ngokwanele ngaphambi kohambo olude;
thatha ikhefu njalo emuva kwamahora amabili;
ungawephuli umgomo wejubane futhi ubheke isimo oqhuba imoto ukusona;
ungabuthinti utshwala nezidakamizwa uma ushayela;
naka okwenzayo uma ushayela, umakhalekhukhwini uyaphazamisa, wusebenzise kuphela ezimeni eziphuthumayo;
hlonipha abanye abashayeli.