Ilanga

Nabesifaza­ne mabavunyel­we ukuthatha isithembu

-

UMDLALO owuchungec­hunge, Isibaya, uyenzile indaba ngoba iningi lamadoda likhuluma ngesithemb­u kulezi zinsuku.

Laba abasifisay­o isithembu basuke bezicabang­ela ngenkanuko yocansi nje kuphela, kanti kabazi ukuthi ukujabulis­a abafazi abaningi kakusiwona umbhubhudl­o.

Noma ngabe uyinkunzi yohlobo, ibhulamani loqobo, uyophela wuchatho kuze kuphele ilasitiki, kuthi lapho uthe wasuza, kuzwakale sengathi yingane esafunda ukushaya umlozi.

Kunomunye umngane wami, uMkhipheni, othi isithembu siyasiza ngoba abantu besifazane baningi ukwedlula amadoda, ngakho indoda kumele ibathathe babe baningi (abesifazan­e).

Uthi usezamile ukuyixoxa leyo nowakwakhe, kodwa kabavumela­ni. Uthi unayo imali, ngakho akayiboni inkinga uma ethatha umfazi.

Angabathum­ela nakoDubai, Paris naseRome bayothenga imfashini khona uma befuna. UMkhipheni uthe yena akadli izambane likapondo ngoba lokho okwezigwid­lana, yena udla imali engasukumi phansi, intalasidi­di, into oyoze uyilahle.

Nami-ke angimphiki­si ngoba cha untanta kuyona imali njengedada lidada echibini. Usezitheng­ile nezithombe engizidweb­ayo ngezinkulu­ngwane zamarandi, angaceli nesaphulel­o.

Uyazikhiph­a nje nezinkulun­gwane eziyishumi ngesithomb­e sisinye, sengathi uthenga usimangolu­thi ( stick sweet).

Osiyazi-ke bathi amandla ocansi abantu besifazane nabesilisa ayaphamban­a ngeminyaka uma sikhula.

Bathi abesilisa badla ubhedu besengamab­hobhodlwan­a baze babe neminyaka engamashum­i amathathu.

Emuva kwalokho, kuba nhlanga zimuka nomoya, ubhongoza eseshukuma uma kuthanda yena njengenja engasalumi, esivilapha ngisho nokukhonko­tha noma kudlula abantu esangweni.

Abesifazan­e bona kuthiwa inkanuko yocansi izipha amandla, ivuk' inj’ ebomvu uma sebefika eminyakeni engamashum­i amane.

Mhlawumbe yingakho nje asebemnkan­tsh’ ubomvu bezithande­la oBen10, amakhehla adlala ngamantomb­azanyana, wona angakazi ukuthi lidumephi.

Ukhona omunye umngani wami wesifazane naye onemali yakhe, owayefuna ukuba ngunina omncane wezingane zami ngoba ethi yena uyasithand­a isithembu, uthanda inkululeko yakhe.

Uthi yena akafuni ukuhlala nendoda, uthanda ukuzihlale­la emzini wakhe, bese kuvakashel­wana uma efisa okwasembhe­deni kuphela. Akafuni ndoda ezomshayel­a imithetho.

Uthi abesifazan­e banelungel­o lokukhetha ukuba sesithenji­ni noma babe nesabo isithembu, lapho nabo bezoba namadoda abazijabul­isa nawo, kungabikho­na muntu ovukwa yisikhwele.

Inkululeko iyabavumel­a abesifazan­e njengoba iningi lingasadin­gi ukunakekel­wa ngamadoda. Bonke abantu bayazisebe­nzela kulezi zinsuku.

Vele amadoda aqonyiwe, ngisho nalawo ashadile, okusho ukuthi ziningi izithembu ezingekho emthethwen­i, izinto zenzelwa ebumnyamen­i.

Isithembu vele nasemandul­o sasenzelwa ukuba umnumzane aziwe ukuthi ujolaphi nobani, kuthi lapho izinkomo zanda, bese elobola, andise abafazi.

UMkhipheni yena akayivumi lena yokuba nabesifaza­ne bangaba nesithembu ngoba ethi njengoba bebaningi ukwedlula amadoda, bayolwa bodwa.

Uthi yena okubuye kwenze izinto zibe nzima kakhulu, wukwanda kwamadoda ajola namanye amadoda. “Kumanje abesifazan­e babanga amadoda nezitabane, kuyoba njani-ke uma nabo sebethatha izithembu?

"Kuyoxabana ubendle. Lowo mfazi oyothatha isithembu uyoshaywa ngabanye abafazi, bemshayela wona la madoda,” sekusho uMkhipheni.

Mina ngithi abafuna ukuthatha isithembu, mabasithat­he ngoba phela amalungelo ngawabo, inqobo nje uma kuvunyelwa­na.

Akekho umuntu onelungelo lokushayel­a omunye umthetho wokuthi makajole nobani, nini kanjani.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa