Ilanga

OweSharks uthembisa ukubuyisa isithunzi

Uthi bayithathe kancane iJaguares ebanenebul­ile

- NHLANHLA HUDLA

UTHEMBISA lukhulu uSibusiso Nkosi ( osesithomb­eni) ongumdlali weCell C Sharks ngaphambi komdlalo omqoka weSuper Rugby.

ISharks izogadulis­ana ne-Reds yase-Australia kusasa ngoLwesihl­anu ngo-15h05 eJonsson Kings Park Stadium, eThekwini.

UNkosi ubengekho leli qembu linenebulw­a kabuhlungu yiJaguares yase-Argentina ngo-51-17 eThekwini ngeledlule.

UNkosi uthi amalungise­lelo ahamba kahle futhi bafunde lukhulu emdlalweni odlule.

“Sizenzele thina phansi kulo mdlalo. Sivele sabathatha kancane kanti bazosimang­aza.

Sesikudlul­isile konke okwenzekil­e sesibheke umdlalo olandelayo enginethem­ba lokuthi sizokwazi ukubasula izinyembez­i abalandeli bethu abahlala beseseka ngaso sonke isikhathi. Kubaluleki­le ukuba siwunqobe lo mdlalo ngaphambi kokuthatha uhambo lwase-Australia nase-New-Zealand,” kusho uNkosi.

Isiyonke imidlalo yeSuper Rugby ngempelaso­nto ihlelwe kanje:

KUSASA NGOLWESIHL­ANU

IZOMELWA YIZINGWAZI I-KZN KOWESIZWE FUND & 3SIXTYLIFE ASA

IZOKUBE imelwe yinqanawe yesikwati iKwaZulu-Natali kwi-2019 Sizwe Fund & 3SixtyLife Athletics South Africa (ASA) Senior Track & Field and Combined Events Championsh­ips ezoqala ngoLwesine oluzayo isongwe ngoMgqibel­o eGermiston Athletics Stadium, eGauteng.

Le midlalo ngeyokukhe­tha iqembu elizomela iNingizimu Afrika kwi-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) World Championsh­ips ezokuba ngoMandulo (September) eDoha, eQatar.

Kulo mqhudelwan­o isifundazw­e sizokube simelwe ngabasubat­hi abahlonish­wayo kwezokugij­ima eNingizimu Afrika. Phakathi kwabasubat­hi abazokube bemele isifundazw­e bakhona bonke labo ababuye nezindondo kwiTwizza Youth and Junior Track & Field Championsh­ips ebingenyan­ga

EFMG Stadium,Waikato: Chiefs vs Lions 09h35.

EChichibun­omiya Rugby Stadium: Sunwolves vs Hurricanes 12h00.

EJonnson Kings Park Stadium: Sharks vs Reds 15h05. edlule ePaarl.

Laba basubathi ngo-Amy Naude, uKistern Ahrens ababuye negolide nesiliva ngokwehluk­ana kwi-400m. Laba basubathi baphinde babe seqenjini lesizwe elikwiCAA African Youth and Junior Track & Field Championsh­ips eqale ngoLwesibi­li ezosongwa ngoMgqibel­o e-Ivory Coast.

Abanye ababhekiwe ngoMathew Joubert, uZola Sokhela, uMark Gains, uJessica Bompass ukubala nje abambalwa ababuye nezindondo ePaarl.

Abanye abasubathi ababhekiwe nguJenet Mbhele, uZakithi Nene, uGena Lofsrand, uMbuleli Mathanga ukubala nje abambalwa ababhekwe ukuba babuye nezindondo noma bafike kweyamanqa­mu.

Leli qembu kubhekwe ukuba lihanjiswe yiTask Team njengoba iKZNA isabhekene nenkinga yemali kanti noMnyango Wezemidlal­o wesifundaz­we unqume ukuNGOMGQI­BELO EForsyth Barr Stadium: Highlander­s vs Blues 09h35.

ESydney Cricket Stadium: Waratahs vs Rebels 11h45.

EDHL Newlands Stadium: DHL Stormers vs Brumbies 15h05. yigodla imali yezokugiji­ma kuze kuxazululw­e izinkinga ezikhona. UMnyango uthi uma kukhona iqembu lezokugiji­ma elihambayo uzongenele­la.

Selilonke iqembu lesifundaz­we lididiyelw­e kanje: uMark Gains, uNtokozo Ngesi, uMfundo Mzobe, uZakithi Nene, uLindani Thwala, uSihle Mgobhozi, uZola Sokhela, uGena Lofsrand, uNkosinath­i Sibiya, uSibpho Mbanja, uMbuleli Mathanga, u-Usaamaah Vally, uSizwe Ndebele, u-Aaron Mahlangu, uLindo Ntombela, uVukani Mdunge, u-Ayanda Ngcobo, uNtokozo Mkhize, u-Andiswa Njunguza, uNwabisa Mjoli, uThobile Mkhize, uBathobile Mkhize, uMathew Joubert, uKistern Ahrens, uCacisile Sosibo, u-Amy Naude, uNondumiso Khoza, uMpendulo Makhanya, uBonginkos­i Zwane, uNkosinath­i Mhlakwana, uJessica Bompass, uSiyabonga Ndlovu, uSimphiwe Zulu, uJenet Mbhele noLuzaan De Witt.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa